UMBHALI wezincwadi, uNksz Nompumelelo Gcaba, ukhiphe incwadi ethi The Unbreakable: Discovering The Beauty In Brokenness
Image: SITHUNYELWE
UKUQONDA ukuthi akuwona wonke umuntu okwazi ukubhekana nobuhlungu ezintweni ezimbi ezimehlele empilweni ngendlela efanele ukuze elapheke kukhuthaze uNksz Nompumelelo Gcaba ukuthi kube khona akwenzayo ukucebisa nokuchushisa abasezimeni ezinjalo.
Uqale kanjalo umcabango wokubhala incwadi ethi The Unbreakable: Discovering The Beauty In Brokenness, azoyikhiphaa ekupheleni kwale nyanga nathi uhlose ngayo ukusiza abantu ababuthaka emoyeni nabaphelelwe yithemba ngenxa yokubhimba kwezinto.
UNksz Gcaba, wenkampani eshicilela izincwadi iphinde ihlele imicimbi yobuciko iMacher Group, uthe kumthathe cishe iminyaka emine ukubhala le ncwadi ayiqede njengoba aqala ukusebenza kuyona ngo-2021, kepha kungashesheki ukuyiphetha ngenxa yokujula kwezimo abhale ngazo kuyona, obekumnandi futhi kumthinta naye emoyeni wakhe.
IKHAVA yencwadi kaNksz Nompumelelo Gcaba
Image: SITHUNYELWE
“Lena yincwadi ehluba udlubu ekhasini ngokuthi yiziphi izindlela noma izinyathelo umuntu okumele azithathe uma ebhekene nezimo ezimuphula umoya, noma inhliziyo ibuhlungu ngenxa yezimo ezithile zempilo. Yinto nami engiyazi kahle ngoba ngidlulile kuyona futhi ngiyazi ukuthi kubuhlungu kangakanani ukubhinjelwa yizinto ezithile, uze uzibone sengathi awunalo imuva nephambili. Ngakho ngalokhu ngizochushisa abantu ukuthi yini abangayenza ukubasiza ukugwema ukuthi izimo ezinjalo zingaqedi nya ngempilo yabo,” kusho uNksz Gcaba.
Eqhuba, uthe le ncwadi enamakhasi awu-137, uyiqondise kakhulu ebantwini abaneminyaka ewu-18 kuya phezulu ngoba ukholelwa ekutheni yibona abavame ukuba nezinto eziningi ezibaphula umoya nezenza ukuthi kwesinye isikhathi impilo yabo ingahambi kahle.
Ebuzwa ngokwenza ashisekele ukuqhubeka abhale izincwadi, njengoba lena kungeka-23, ekubeni kunensila yokungathandi ukufunda ebantwini, uthe ukubhala izincwadi kuwubizo kuyena, ngakho akazikhathazi kakhulu ngezinto eziningi nokuthi inzuzo uzoyenza yini.
Uthe le ncwadi izobiza uR300, ihambisana ne-journal - ibhukwana elincane elinamanye amasu awusizo ezinkingeni akhuluma ngazo kuyona, kanti izotholakala ekupheleni kwale nyanga kuyena nasesitolo esidayisa izincwadi kwi-internet i-Amazon.
UNksz Gcaba udabuka eNdwedwe, wakhulela eMlaza. Ezinye izincwadi zakhe ezidumile ngezithi The Christmas Wish, Prisons Without Bars, Managing Covid-19 Anxiety, Scars: Marks of Survival, A Burnout Introvert, Change Your Mindset, Talitha Koum nethi Hidden Treasures of The Cross ukukha nje phezulu.
UMBHALI wezincwadi, uNksz Nompumelelo Gcaba, ukhiphe incwadi ethi The Unbreakable: Discovering The Beauty In Brokenness
Image: SITHUNYELWE