Ukushabasheka kowaseMlaza kuvule iminyango ephatha ihhotela lase-UK

Simangaliso Ntshangase|Published

UNKSZ Philisiwe Gumede oyimenenja jikelele yesikhondlakhondla senkampani yamahhotela yaphesheya kwezilwandle i-The Oyster Box

Image: SITHUNYELWE

KUSUKELA esemncane wayezitshela ukuthi uma esekhulile ufuna ukwenza umsebenzi ozomhambisa, angahlali ndawonye - okwenza ukuthi esephothule u-matric wathola ithuba lokwenza izifundo zomkhakha wezokuvakasha e-American Hotel School eseBergville, lapho aqala khona ngo-1997, waze waqeda ngo-1999.

Lwaqala kanjalo uhambo emkhakheni wezokuvakasha kuNksz Philisiwe Gumede, wakwa-V eMlaza, eningizimu yeTheku, oqophe umlando ezinyangeni ezihlanu ezedlule, eba ngowesifazane wokuqala omnyama ukuba yimenenja jikelele yesikhondlakhondla senkampani yamahhotela saphesheya kwezilwandle i-The Oyster Box, ephethwe e-United Kingdom.

Engxoxweni neSolezwe, uNksz Gumede (50) uthe konke lokhu okwenzeka empilweni yakhe manje kuwumvuzo wokushabasheka kwakhe, ukuthanda umsebenzi nsukuzonke nokushisekela ukufeza izinto ezinhle.

“Ngiyakhumbula ukuthi umsebenzi wami wokuqala kwaba wukusebenzela iSandton Convention Centre ngo-2000, lapho esasisebenza khona ukuhlela imicimbi ehlukene emikhulu. Ngisuke lapho sengiyosebenza e-Abu Dhabi e-United Arabi Emirates ngo-2003, kwelinye ihhotela lakhona elalivulwa ngaleso sikhathi elalibizwa ngokuthi yi-Mirfa Beach Hotel, engicabanga ukuthi kwangisiza kakhulu ekukhuleni nokuthola amava alo msebenzi iminyaka emibili ngisebenza nabo,” kulanda uNksz Gumede.

Udalule ukuthi eseshiye lapho, wathola elinye ithuba lokusebenzela enye inkampani ehlonishwayo yaseDubai, eyenza amafenisha, bese iwadayisela amahhotela ehlukene akule ndawo.

UNKSZ Philisiwe Gumede oyimenenja jikelele yesikhondlakhondla senkampani yamahhotela yaphesheya kwezilwandle i-The Oyster Box

Image: SITHUNYELWE

Uthe: “Ngihlale lapho kwaze kwaba wu-2009, ngahamba ngoba sengifuna ukuba ngasekhaya, ngayosebenzela i-SA Tourism, ohlakeni lwayo iTourism Grading Council of SA, ngisebenza ukubhekela amahhotela ehlukene ezweni ukuthi enza kanjani ukunyusa izinga lawo, nokuthi yikuphi okumele akuqaphele futhi akuqikelele okudingekayo kulelo zinga asuke ekulona ngaleso sikhathi. Nalapho kwaba yisikhathi esihle nesimnandi kakhulu njengoba kwakumatasa kakhulu ngoba kwakulungiselelwa umqhudelwano weNdebe yoMhlaba, okwakungokokuqala izosingathwa ezweni lethu futhi kungokokuqala ukuthi isingathwele ezweni elise-Afrika, okwakudinga ukuthi sisebenze ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi konke kuseqophelweni eliphezulu.”

Uthe emva kwalapho, wathola umsebenzi eSun International eGoli, eCarnival City - lapho afika khona waba yimenenja yakhona, esefuna ukushintsha umoya.

“Ngo-2017, ngifudukele eSun City Resort eNorth West kwaze kwaba wu-2019, ngashiya khona sengiyosebenza kwesinye isibhedlela esizimele lapho ngafike ngaba yimenenja, ngenzela ukushintsha umoya isikhashana nje ngenze into ehlukile,” kusho yena.

Ngo-2022, ubuyele endimeni yezokuvakasha, esebenzela enye yezindawo zokugembula phecelezi iCasino, kwathi engazelele lutho wathintwa ngabe-Oyster Box bemcela ukuthi azosebenzela kubona, athi kwamshaqa kakhulu ngoba wayengalindele lutho olunjalo futhi engaziboni esekulelo zinga.

“Bangitshela ukuthi sekuyisikhathi eside belandelela umsebenzi engiwenzayo, nokuthi abakubone kwi-profile yami kaLinkedIn kubagculise kakhulu futhi kwenza ukuthi bafise ukuthi ngizosebenza nabo, okufakazela ukuthi ukusebenza kanzima kuthela izithelo ezinhle,” kusho uNksz Gumede.

Uthe uzozinza kule nkampani kodwa usenakho emqondweni ukuthi ngokuqhubeka kwesikhathi, kuzodingeka ukuthi kube khona okuqondene naye azogxila kukho ukuhlelela umhlalaphansi njengoba esevele esenamava eminyaka ewu-25 kulo mkhakha. Udalule nokuthi kumanje wenza iMaster of Business Administration ukuhlomela ikusasa.

I-The Oyster ngelinye lamahhotela ahlonishwayo emhlabeni ngenxa yezinga lalo eliphezulu. La eNingizimu Afrika linamahhotela amabili eKapa nelilodwa eMhlanga, namanye awu-11 emazweni ehlukene omhlaba okubalwa elise-Ireland, Switzerland nakwelomkhulu layo e-United Kingdom.