UNKSZ Siphosethu Mkhwanazi noNksz Yizozodwa Dlamini, benhlangano efundisa abesifazane ngezomthetho i-She Knows The Law
Image: SITHUNYELWE
UKUSHISEKELA ukubona abantu besifazane befunda futhi beqonda kabanzi ngendlela yokusebenza komthetho nangamalungelo abo omthetho, kukhuthaze obhululu beminyaka ukuqala inhlangano ezosiza ukufeza lokhu ikakhulu ezindaweni zasemakhaya.
Labo ngoNksz Siphosethu Mkhwanazi (26) wakwesaKwaMthethwa eMpangeni noNksz Yizozodwa Dlamini (26) waseRichards Bay, enyakatho yeKwaZulu-Natal, abasanda kwethula i-She Knows The Law, inhlangano yabo engenzinzuzo ezobhekela ukufundisa abantu besifazane ngezomthetho ukuze bakwazi ukuzivikela ezimeni ezibahlukumezayo.
Bobabili laba bangani benza lokhu besebenzisa ulwazi lwabo lwemfundo yezomthetho njengoba beneziqu zalo mkhakha. UNksz Mkhwanazi uneziqu ze-Bachelor of Laws yase-University of KwaZulu-Natal, okusho ukuthi uwummeli - bese kuthi uNksz Dlamini abe neziqu ze-Bachelor of Laws - CUM Laude yase-University of The Free State, kanti kumanje uqhubeka ne-Master of Law e-University of KwaZulu-Natal.
Bakhule baphinde bafunda ndawonye kusukela emabangeni aphansi baze baphothula u-matric wabo eGrantleigh College ngo-2017.
UNKSZ Siphosethu Mkhwanazi noNksz Yizozodwa Dlamini, benhlangano engenzi inzuzo efundisa abesifazane ngezomthetho i-She Knows The Law
Image: SITHUNYELWE
Elandisa ngombono wale nhlangano, uNksz Dlamini uthe okunye okwenze yena nomngani wakhe baqala le nhlangano wukuthi yena uyakwazi ukuhlukumezeka kodwa ungabutholi ubulungiswa njengoba yena, izingane zakwabo ezintathu nonina baba nenkinga yokugcina behamba behlala, sebeswele ikhaya ngenxa yokuhlukumezeka.
“Ukuhlukunyezwa okweyamene nezobulili okwakwenzeka kumama, kwagcina kusiphazamisa nathi imbala kepha singenayo into esingayenza ukusiza ukuze isimo sibe ngcono, okwenza ngakhula ngifisa ukuthi kube khona engikwenzayo ukusiza abanye besifazane ukugwema izimo ezinjena ngomuso,” kusho uNksz Dlamini.
UNksz Mkhwanazi naye uthe ukwazi njengoba ezazi ubuhlungu bokushonelwa wunina, owadutshulwa ngakubo kepha kwangaba khona ubulungiswa ngalokho okwenze wabona ukuthi baningi nabanye okungenzeka ukuthi babhekene nezimo ezinjena emphakathini.
“Yingakho siqondise inhlangano yethu ebantwini besifazane ngqo ngoba siyazi ukuthi yibona abahlukumezeka kakhulu ngenxa yezimo ezinjena zokuhlukumezeka emakhaya nasemphakathini jikelele. Iningi labo lifela ngaphakathi ngoba lingazi ukuthi yimiphi imigudu okumele liyilandele ukuzivikela nokufuna ubulungiswa ezimeni ezibahlukumezayo,” usho kanje.
Bathe bahlela ukuthi bahambele izindawo ezahlukene benze izigcawu zokucobelela abesifazane ngolwazi lwezomthetho bazi ukuthi usebenza kanjani, nokuthi yiziphi izinyathelo okumele bazithathe bangafeli ngaphakathi kuhle kwebutho lakwaZulu.