Ukuncela ezikhondlakhondleni kumweze ngelibanzi ophethe kwezokukhangisa

Simangaliso Ntshangase|Published

UNKK Cebile Zibi, inhloko yophiko lwezokumaketha nezokuxhumana eMomentum Advice, eGoli

Image: SITHUNYELWE

"UKUNGAWEYI lowo nalowo msebenzi engiwunikwayo nengiwuthola ngaleso sikhathi kwenze ukuthi ngithole ulwazi namava okuningi kwakho okungisize ukungibeka esigabeni sempilo engikusona manje, engikhuthaza nabanye abeza ngemva kwami ukuthi bakwenze ukuze bazuze konke okuhle abazifisela kona empilweni yabo nangekusasa labo."

Usho kanje uNkk Cebile Zibi, inhloko yophiko lwezokumaketha nezokuxhumana eMomentum Advice, ekhuthaza abantu abasha bemikhakha ehlukene ukufeza amaphupho abo, ikakhulu labo abafisa ukuchuma ngokulandela ezinyathelweni zalapho ehambe khona.

UNkk Zibi, odabuka eSoweto, eGoli, ungesinye sezikhulu ezihlonishwayo eMomentum ngomsebenzi omuhle awenzayo kule minyaka emibili aqala ukusebenzela le nkampani ezimele ebhekele ukufundisa nokucebisa ngamasu okuphatha nokonga imali.

Uhambo lwakhe lwalo mkhakha lwaqala ngenkathi enza izifundo zeSales and Marketing e-Institute of Marketing Management, nezeHonours yeMarketing asanda kuziphothula eCape Peninsula University of Technology.

"Ngiqale ukusebenza enkampanini ephisa utshwala iSAB, lapho engahlala khona iminyaka eyisishiyagalombili, ngafunda okuningi ngokuphisa utshwala nokuthi yimaphi amasu asiza ukwenza umkhiqizo wenkampani uhlale useqhulwini kwencintisana nabo. Ngike ngathi qu futhi eStandard Bank iminyaka eyisithupha, kanti futhi ngibambile kancane eBritish and American Tobacco; wonke lawo mava angisiza ukufika lapho ngikhona manje," usho kanje.

UNKK Cebile Zibi, inhloko yophiko lwezokumaketha nezokuxhumana eMomentum Advice, eGoli

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

Uthe enye yezinto ezimsize ukufika lapho ekhona manje wukuthi ukhuliswe wunina, ugogo nomkhulu - owayeyisishabasheki esikhonze amabhizinisi, njengoba ayewumlimi futhi edayisa izitshalo ezahlukene, obekuthi uma sekuyisikhathi sokuvuna, asondeze abazukulu eduze ukuze bafunde ukuthi imali yenziwa futhi iphathwe kanjani ebhizinisini ukuligcina lisimeme.

Ebuzwa ngezinselelo zomsebenzi awenzayo uthe: "Inselelo enkulu evame ukuba khona wukuthi kubuye kube yinkinga ukuxhumana nabanye abatshalimali esisebenzisana nabo ngenxa yokuthi abakhulumi izilimi esixhumana ngazo thina lana ezweni, nokuthi ngenkathi ngifika kule ndima bekugcwele kakhulu abantu besilisa, obekudinga ukuthi mina muntu wesifazane ngisebenze ngokwengeziwe ukuveza amandla nobuchule enginakho."

UNkk Zibi udalule nokuthi manje useshisekela ukuthi angapheleli kwezokumaketha kuphela kepha futhi agcine ebe wusomabhizinisi ohlonishwayo ngemisebenzi yakhe, into asevele useqalile ukusebenzela phezu kwayo njengoba manje ewumphathi welinye lamagaraji kaphethroli aseShell eliseGoli, alishiyelwa wumyeni wakhe ongasekho emhlabeni.