Uthando lokuxoxa izindaba lumfake ekuthwebuleni izithombe #Imbokodo #Intandokazi

Simangaliso Ntshangase|Published

EKHULA ubekhonze futhi eshisekela ukuthi ngelinye ilanga abe ngomunye wabathwebuli abahlonishwayo abaxoxa indaba ngokuthwebula izithombe zezigameko ezahlukene zokusuke kwenzeka ezweni okungaba yimibhikisho, yizimpi nokunye okunjalo phecelezi i-documentary photography.

Nokho ukubona nokuqonda ukuthi uwumuntu ozwelayo, ongeke abe namandla nesibindi sokubhekana nezinselelo zalokho, kwenza uNksz Aphiwe Moyo wangenisa ngenye indlela kule ndima, eqala inkampani yakhe yokuthwebula izithombe i-Behind The Lens, aseziphilisa ngayo.

UNksz Moyo (26) waseMargate, ePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal, uqale leli bhizinisi ngo-2018 esenza unyaka wokuqala wezifundo ze-National Diploma in Photography eDurban University of Technology (DUT), nakho okumsize kakhulu ngolwazi aselusebenzisa ukukhulisa nokudlondlobalisa igama nebhizinisi lakhe ebantwini.

UNKSZ Aphiwe Moyo, umnikazi we-Behind The Lens yasePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal

Image: SITHUNYELWE

"Ngiyakhumbula ngenkathi ngisaqala ibhizinisi, ngalivula nge-camera yami yokuqala engayithengelwa wubabekazi wami ngoR6 000. Kwakuphoqa ukuthi zonke izitshudeni zomkhakha wethu zibe nayo ukuqhuba izifundo nokuqonda kahle esikufundiswayo. Akubanga lula konke ngoba ngisaqala ibhizinisi bengingaziwa muntu, okwaphoqa ukuthi eminye imisebenzi ngivolontiye ukuyenza mahhala ukuze ngikhulise igama lami ngokuthi imisebenzi engiyenzile ngiyifake emakhasini ezinkundla zokuxhumana ukudoba abantu," kusho yena.

UNKSZ Aphiwe Moyo, umnikazi we-Behind The Lens yasePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal

Image: SITHUNYELWE

Uthe nakuba esemkhakheni ogcwele abantu besilisa akhule kuyibona abaningi kuwona, akubanga yinselelo kangako ekuqhubeni ibhizinisi lakhe, kanalokho ubona kungenye yezinto ezimsebenzelayo ukulikhulisa njengoba kunamakhasimende athanda kona lokho ukuthi uwumuntu wesifazane.

OMUNYE wemisebenzi eyenziwa yi-Behind The Lens

Image: APHIWE MOYO

Uthe iyamgculisa indlela ibhizinisi lakhe elikhula ngayo kule minyaka eyisikhombisa likhona, njengoba selinamakhasimede koThekwini, eXobho, eGoli, eRusternburg nase-Eastern Cape; kanti futhi uma kuhamba kahle uyawenza uR10 000 ngenyanga, akwazi ukuziphilisa ngalo.

OMUNYE wemisebenzi eyenziwa yi-Behind The Lens

Image: APHIWE MOYO

"Manje esengikufisa kakhulu ngalo wukuthi ngibe ne-studio lapho engizokwazi ukwenza khona eminye imisebenzi yalo ngokukhululeka, futhi ngizimisele nangokwenza izigcawu zokucobelela abanye abeza emva kwami ngolwazi lwalo msebenzi ukubasiza bakwazi ukuzimela."

Uthe ufuna ukuvula amathuba omsebenzi eminyakeni ezayo. 

Uthe ubiza kusuka kuR500 kuya phezulu ngokuthwebula izithombe.