OwaseJozini uzomela uMzansi kowokumodela eThailand #Imbokodo #Intandokazi

Simangaliso Ntshangase|Published

UKUQONDA ukuthi abantu abaningi abakhulela ezindaweni zasemakhaya baswela amathuba ezindlela ezahlukene zokuchuma nokuzithuthukisa kwenza uNksz Sitholokuhle Zakwe alijabulele ngokwedlulele ithuba alitholile lokmela iNingizimu Afrika emncintiswaneni wokumodela ozoba seThailand ngasekupheleni kwalo nyaka.

Engxoxweni neSolezwe, uNksz Zakwe (26) waseMzondi, eJozini, enyakatho yeKwaZulu-Natal, uthe ufuna ukusebenzisa ithuba alitholile kulo mncintiswano wokumodela obizwa nge-I Am Model Search International Supermodel Project Pageant, ozoba ngoNovemba 18 kuya ku-28, ukukhuthaza izingane ezikhulela ezindaweni zasemakhaya njengaye ukukholelwa emaphusheni azo nokushisekela ukuwafeza.

“Leli thuba lifana nokufezeka kwephupho kimina ngoba kudala ngifisa ukuncintisana emincintiswaneni yezinga eliphezulu yakwamanye amazwe omhlaba ikakhulu ngoba ngiyazi ukuthi akuthina sonke esizoba nenhlanhla yokuthathwa kuMiss South Africa, okuyiwona mncintiswano wokumodela omkhulu nohlonishwa kunayo yonke ezweni. Inhloso yami wukufika lapha ngimele izwe lami ngendlela efanele nezokwenza ukuthi ngiziqhenye, futhi ngifuna nokufunda kozakwethu bakwamanye amazwe omhlaba engizobe ngiqhathwe nabo ukuze ngikusebenzisele ukuzithuthukisa ekhaya,” kusho uNksz Zakwe.

INTOKAZI yaseJozini, uNksz Sitholokuhle Zakwe, eqokwe ukuyomela iNingizimu Afrika emncintiswaneni wokumodela eThailand

Image: SITHUNYELWE

Eqhuba, uthe nokho inselelo enkulu abhekene nayo okwamanje wukuthi kudingeka ahlanganise imali ewuR35 000 wokuthwala izindlelo zakhe zokugibela, ezokugqoka nezendawo azofika ahlale kuyona ngenkathi kuqhubeka lo mncintiswano ozothatha isonto lonke, nokuzobe kwenziwa nemincintiswano eyamene nezemfashini kuwona, okuyinto azifelayo ngayo.

“Ngakho ngifongqa isigqoko kunoma ngubani ongathanda ukungisiza ukuthi angilekelele ukufeza iphupho lami okuzokwenza ukuthi ngibuye sengiwumuntu ongcono kakhulu kunengiyikhona manje kule ndima kusuka manje kuya phambili,” usho kanje.

INTOKAZI yaseJozini, uNksz Sitholokuhle Zakwe, iqokwe ukuyomela iNingizimu Afrika emncintiswaneni wokumodela eThailand

Image: SITHUNYELWE

Uthe into emsizile ukuze athole leli thuba wukuthi wadla umhlanganiso kuMiss Prestigious 2023, okwasiza ukuthi le nhlangano engenzi nzuzo ewuhlelayo yenza indlela nemizamo yokuthi achume kule ndima, okuhambe kwaze kwafika ekutheni athole ithuba lokuyoqhuthana amazenze nabanye onobuhle basemazweni ehlukene omhlaba eThailand.

Le ntokazi ineziqu zobuthishela ezithweswe e-University of Zululand ngo-2021, kanti ngale kokumodela emincintiswaneni eyahlukene - ikhonze ukukhangisa ngemisiko yezemfashini, into ezimisele ukuchuma kuyona eminyakeni ezayo.