Ukuzifaka ebantwini kuvula iminyango kokhule efuna ukuduma #Imbokodo #Intandokazi

Simangaliso Ntshangase|Published

UNKSZ Sinethemba Nene, odume ngelika-Aunty Wama-2000 enza adume ngakho uma ephethe uhlelo emcimbini

Image: Isithombe: SITHUNYELWE

UKUNGALINDI amathuba ezinto ezinhle ukuthi eze kuyena ngaphambi kokuthola izinto azifunayo ngenye yezimfihlo ezisebenzela uNksz Sinethemba “Sine” Nene ukuchuma nokuzuza okuningi emkhakheni wezokungcebeleka, akhule efisa ukugxila kuwona.

UNksz Nene odume ngelika-Aunty Wama-2000 ezinkundleni zokuxhumana wenza imisebenzi ehlukene kule ndima kubandakanya ukwethula uhlelo lweSelect Africa TV, oluthi I Have A Crush On You, olukhonjiswa kwiYouTube, futhi uyamenywa ukuze aphathe noma aqondise izinhlelo zemibuthano ehlukene. 

Ngale kwalokho unenkampani ezimele iLokshin Bite, nayo enohlelo kwiYouTube olukhangisa ngamabhizinisi ehlukene okudla, kanti futhi iphimbo lakhe liyezwakala emsakazweni ozimele ozinze eCornubia iGagasi FM, lapho ethula khona ingosi  ethi Isigaxa no-Aunty Wama-2000, ohlelweni iSaturday Breakfast olwethulwa nguSphe Live ngoMgqibelo ngo-6 kuya ku-9 ekuseni.

Le ntokazi (28) isebenzisa namakhasi ayo ezinkundla zokuxhumana ukumaketha imikhiqizo namabhizinisi kwabantu abehlukene.

Ithe konke okuhle esikuzuzile empilweni yayo akubanga wumlingo, kepha kungenxa yokuqonda ukuthi ukuxhumana nabantu abehlukene nabafanele kuhamba ibanga elide kangakanani ukuvula iminyango esuke ivalekile.

“Wonke la mathuba amahle nangisizayo engiwathola empilweni yami avele ngokuthi ngingahlali phansi dekle ngilinde izinto ezinhle zize kimina, kunalokho ngihlale ngisukuma ngihambele imicimbi nemibuthano ehlukene okusuke kuhlangene abantu bemikhakha eminingi kuyona, okungihlanganise nabantu abangisizile ukuze ngifike lapho ngikhona manje. Kwenze nokuthi ngiqonde ukuthi imboni engikuyona isebenza kanjani, nokuthi yikuphi okumele ukwenze nokumele ukugweme ukuze uchushiseke,” usho kanje.

UNKSZ Sinethemba Nene, esengosini yakhe yomgosi wosaziwayo kwiGagasi FM

Image: SITHUNYELWE

“Akukapheli ngisho iminyaka emibili ngasuka ekhaya oSizweni, eNewcastle, ukuzozama amathuba ezinto ezingcono nezinhle lapha eThekwini - kodwa ngokufika ngingazindeli nje, senginezinto eziningi ezinhle engingazikhomba esengizizuze lana. Kuzo kubalwa nokusebenzela iGagasi FM okuyinto okwase kuyisikhathi eside ngiyifisa. Nokuthi futhi ngiyaqonda ukuthi izinkundla zokuxhumana zinamandla kangakanani ukuveza ubuhle bomsebenzi owenzayo ebantwini abehlukene, okungisizayo kakhulu,” kusho uNksz Nene.

UNKSZ Sinethemba "Sine" Nene, odume ngelika-Aunty Wama-2000

Image: SITHUNYELWE

Nakuba engakafiki ezingeni alifisayo, kodwa uthe kuyamjabulisa ukubona ukuthi kukhona okuhle okwenzekayo nakutholayo kancane, kancane - okumkhuthaza ukuqhubeka azikhandle ukuze abe wusaziwayo ohlonishwayo ngemisebenzi ehlukene ayobe eseyenza ezinkundleni zokuxhumana, emisakazweni nakwithelevishini eminyakeni ezayo.

Ngale kwemisebenzi ayenza manje, uNksz Nene useke wasebenza kwiNewcastle Community Radio, African Vibe Radio, Abusekho Ubunzima Christian Radio, kanti futhi une-Bachelor of Arts Honours Degree yase-University of KwaZulu-Natal.