IZINSELELO zokugula komfundi ka-matric wase-Aquadene Secondary, eRichards Bay, enyakatho yeKwaZulu-Natal, u-Amahle Zwane zifakazele isisho sesiZulu esithi ukuwa kwenye indlu wukuvuka kwenye njengoba sekuthela izithelo ngebhizinisi aliqala exinwe wukugula.
Ubunzima bempilo ku-Amahle (18), odabuka KwaSokhulu, kodwa osezinze eMzingazi khona eRichards Bay, buqale ngenkathi exinwa wukugula okungaqondakali esafunda u-matric okokuqala nyakenye, njengoba ayexinwa yikhanda futhi ephelelwa amandla, okwaze kwaphoqa ukuthi ame kancane esikoleni, kuzanywa izaba zokumelapha.
“Yilapho engithole khona ithuba lokugxila ebhizinisini njengoba benginesikhathi esanele sokwenza imisebenzi ehlukene ngisekhaya, kubalwa ukusebenzisa ubuhlalu ukwenza imikhiqizo yokuhloba, kwaya ngokuya ngazifundisa ukwenza izimpahla ngohlobo lokuzihlanganisa okubizwa ngokuthi wukukhrosha, ngisebenzisa izintambo.
UMFUNDI ka-matric wase-Aquadene Secondary u-Amahle Zwane usehlose ukuhamba ibanga elide kwezamabhizinisi
Image: SITHUNYELWE
“Nakuba bengivele ngikukhonzile ukwenza ubuhlalu, kepha ngenkathi ngisekhaya ngenxa yokugula, ngikwaze ukufunda nokunye okuningi kokwenza imikhiqizo yokugqoka, engibone kuthela izithelo njengoba ibhizinisi lami likhula namanje,” kulanda u-Amahle.
UMFUNDI ka-matric wase-Aquadene Secondary u-Amahle Zwane ehlobe ngengubo azithungele yona
Image: SITHUNYELWE
Eqhuba, uthe nakuba impilo yakhe iphazamisekile ngonyaka wonke engafundi njengoba manje sekuyima efunda u-matric okumele ngabe uwuphothule nyakenye, kepha ubona kube wuhlelo lukaNkulunkulu olusize ukuthi kuvele futhi kugqame ikhono lakhe lobuciko.
UMKHIQIZO wobuhlalu owenziwe wumfundi ka-matric wase-Aquadene Secondary u-Amahle Zwane
Image: SITHUNYELWE
“Kuso lesi sikhathi ngisahleli ekhaya ngingafundi, ngikwaze nokuyofundela ukuthunga eLungelo’s Youth Development, okungisize kakhulu ukuthi ngifunde ezinye izindlela zokusika ingqephu, engibona kuthela izithelo empilweni yami manje njengoba sengivele nginamakhasimende ami athanda umsebenzi wezandla zami,” kusho yena.
UMKHIQIZO wezandla zomfundi ka-matric wase-Aquadene Secondary u-Amahle Zwane
Image: SITHUNYELWE
Ubonge abazali ngokuma naye ebuhleni nasebubini, kanjalo nothisha basesikoleni afunda kuso ngokumeseka esikhathini ebesinzima exinwe wukugula okwenze ukuthi angadikibali emsebenzini wakhe wezandla, njengoba kuyibo futhi othisha bakhe abamnikelela ngemishini emibili yokuthunga.
UMSEBENZI wezandla zomfundi wase-Aquadene Secondary u-Amahle Zwane
Image: SITHUNYELWE
“Nakuba manje sengibuyele esikoleni futhi ngisagxile kusona njengoba ngiqhubeka no-matric wami, kepha inhloso enkulu wukuthi uma ngiqeda ngiqhubeke ngizihlomise ngolwazi lwezemfashini e-DUT (Durban University of Technology) ukuze ngithole nolwazi oluzodlondlobalisa ibhizinisi lami, ngigcine sengisesigabeni lapho umsebenzi wami waziwa ezindaweni ezehlukene futhi ngifundise nabanye abeza ngemva kwami,” kusho u-Amahle oyilungu lekhwaya yase-Aquadene Secondary.
Uthe okwamanje imikhiqizo yakhe uyidayisa ngakubo.
UMSEBENZI wezandla zomfundi wase-Aquadene Secondary u-Amahle Zwane
Image: SITHUNYELWE