Uthando lwezingane uluphendule ibhizinisi ‘elikhaliphisa odado’ #Imbokodo

Simangaliso Ntshangase|Published

UNKSZ Slindile Mkhonza, umnikazi weBlooming Hearts Child Care yaseNewcastle

Image: SITHUNYELWE

UKUJULA kothando analo ngezingane ezincane lwaqala ukuvela esemncane kuNksz Slindile Mkhonza, kangangokuthi kwathi esemabangeni aphansi wenza uhlelo lokuvakashela amakhaya agcina izingane ezingenabani, ayojabula nazo, aziphe izipho.

Usukele lapho umbono wokuqhubeka enze izinto nezinhlelo ezizokwenza ahlale enezingane ezincane, azinakekele okugcine kufika lapho esungula khona iBlooming Hearts Child Care, inkampani yakhe yenkulisa egcina futhi ikhulise izingane zabantu abehlukene abangenaso isikhathi sokuhlala nabantwana babo ngenxa yomsebenzi nezinye izizathu.

Kuleli bhizinisi aliqale nyakenye, uNksz Mkhonza ugcina izingane eziwu-30 emzini wakubo abangawusebenzisi oseNewcastle, enyakatho yeKwaZulu-Natal lapho amukela khona kusukela kusana oluzalwe izolo, kuze kufike kwabaneminyaka emihlanu. 

“Nakuba ngiqale nyakenye ukwenza lo msebenzi, kodwa umbono walo ngiqale ukuwuhlanganisa ngo-2023 ngenkathi ngisasebenza kwenye indawo yokuzivocavoca ekhona ngasekhaya. Lokho kwenzeka ngoba abantu abaningi abebevame ukuza kuyona, babehlale bekhala ngokuthi abakhululeki ukuza khona nokwenza ezinye izinto zabo ngokukhululeka ngoba banezingane ezingenaye umuntu ozozigada. Yilapho engabona khona ukuthi sikhulu isidingo salo msebenzi esengiwenza manje. Ngaqala ngabo labo engabazela kuleyo ndawo engangisebenza kuyona, kwaya ngokuya anda amakhasimende,” usho kanje.

Eqhuba, uthe eqala wasebenzisa imali ewu-R7 000 ukuthenga izinto ayezidinga ukuqala umsebenzi kubalwa izihlalo, amathoyizi nokunye okwakudingeka - bese kuthi yena ubiza kusuka ku-R1 000 kuya ku-R1 500 ukugcina umntwana ngamunye. Useqashe abantu ababili abamsiza ukumelana nomthamo womsebenzi wansuku zonke.

ABANYE bodado abagcinwa eBlooming Hearts Child Care

Image: SITHUNYELWE

“Into ehlukile neyenza sidlisele abanye ogageni wukuthi siqala emntwaneni osanda kuzalwa, ekubeni abanye abenza lo msebenzi bayaye bafune kube wumntwana osenezinyanga ezintathu. Nokuthi futhi asigcini ngokugcina izingane ziphephile nje kuphela, kepha futhi sizenzisa neminye imisebenzi yasengadini nokunye kokubavula umqondo,” kusho uNksz Mkhonza.

BAFUNDISWA nokutshala odado abagcinwa eBlooming Hearts Child Care

Image: SITHUNYELWE

Nakuba kungezwakala kulula konke, kepha zikhona izinselelo abhekana nazo kubalwa amakhasimende angakhokhi ngesikhathi esifanele nokuthi abanye abazali babuye balovise izingane kungenasizathu esinqala - okuphazamisa umgqigqo wokusebenza kwabo.

“Nokho umsebenzi uyenzeka futhi silokhu sikhule njalo njengoba manje sesibheke ukuthi umsebenzi esiwenzayo ufinyelele ebantwini abaningi, sithenjwe ngawo okuzokwenza ukuthi ukhule kakhulu kunoyikhona manje,” kusho uNksz Mkhonza.