“UMSEBENZI engiwenzayo wenza ngibone ukuthi ngaphandle kwethu izinkampani eziningi ezidumile manje ngabe azikho ezingeni ezikulona ukuba sasingekho, okwenza enhliziyweni yami kuthi cosololo uma ngibona izithelo zokusebenza kwami ngokuzikhandla kuwo wonke umsebenzi engiwenzayo wokubeka eqhulwini izinkampani nemikhiqizo engikumakethayo.”
Usho njalo uNksz S’khulile Vumase, elandisa ngobuhle bomsebenzi awenzayo wokukhangisa imikhiqizo yezinkampani ezahlukene, ukwakha ubudlelwano nezinkampani ukuhlela imikhankaso ethile yokusebenzisana ukumaketha imikhiqizo nemisebenzi yezinkampani asuke ezisebenzela ngaleso sikhathi.
Manje le ntokazi (30) edabuka eSikhaleni, enyakatho yeKwaZulu-Natal, kodwa esizinze eThekwini ngomsebenzi, iyi-campaigns manager yenye yezinkampani ezihlonishwayo zabangcwabi Icebolethu Funerals, lapho ibhekele ukuba seqhulwini lokuqhuba imikhankaso nezinhlelo ezahlukene ezenziwa yile nkampani ukuzigcina isematheni ebantwini.
UNKSZ S'khulile Vumase, i-campaigns manager yenkampani yabangcwabi Icebolethu Funerals
Image: SITHUNYELWE
“Lo msebenzi ngiwenza ngokuzikhandla nangothando ngoba nginentshisekelo enkulu yokubona izinkampani ezihlukene zithuthuka futhi zihlala zibonakala njalo ngemisebenzi emihle eziyenzela umphakathi, ngakho kuba kuhle kimi ukuba neqhaza kulokho,” usho kanje.
Esakhula uNksz Vumase wayezitshela ukuthi uyoba yintatheli noma agcine esebenza emsakazweni, okuyikho okwaholela ekutheni esephothule u-matric, wenza izifundo ze-Media Practices, aziphothule eBoston Media House ngo-2016, egxile ezifundweni ezeyamene nezomsakazo, ubuntatheli nezokumaketha.
“Ngiyakhumbula ukuthi kwathi ngisafunda, ngathola ithuba lokuba yithwasa e-5FM ophikweni lwezokumaketha, lokho kwenza ngakuthanda kakhulu ukubamba iqhaza lokumaketha imikhiqizo yenkampani nokubeka eqhulwini ukuthi ukwaziwa nokuduma kwayo kuncike emsebenzini esiwenza nsuku zonke, okwenza ngabona ukuthi lo msebenzi uwubizo lwami engingafisa ukuthi ngigxile kulona ngokugcwele,” kusho uNksz Vumase.
UNKSZ S'khulile Vumase, i-campaigns manager yenkampani yabangcwabi Icebolethu Funerals
Image: SITHUNYELWE
Esephothule iziqu zakhe usebenze enkampanini yezokumaketha iYes Man Marketing kusuka ngo-2017 kuya ku-2021, okuyilapho efunde khona okuningi ngalo msebenzi, okumsize ukuthola amadlelo aluhlaza eCebolethu, afika kulona ngo-2022 ezoba yi-campaigns coordinator, kwathi ngokuhamba kwesikhathi bamenyusela ekubeni yi-campaigns manager.
“Ngiyakhuthaza nabanye abaseza ngemva kwami ukuthi bakhuthalele ukufundela imikhakha efuze lona ikakhulu ngoba inamathuba amaningi, futhi ingeminye yemisebenzi engibona inamathuba amaningi okuchuma nangakusiza ukuze uphumelele,” kusho yena.