Owesifazane nencwadi efundisa ngesifo esithikameza umqondo #Imbokodo #Intandokazi

Simangaliso Ntshangase|Published

UNKSZ Thabisile Gumede ubhale incwadi exwayisa ngesifo esithikameza umqondo ethi Inside The Concrete Bubble

Image: SITHUNYELWE

UBUNZIMA bokuhaqwa yisifo esithikameza umqondo, senze ungaqondi ukuthi uphethwe yini, ukuthi lokho kukuphazamisa kanjani futhi kangakanani ukusebenza komqondo wakho nsuku zonke, ngezinye zezinto ezihlaluka obala encwadini kaNksz Thabisile Gumede, esihloko sithi Inside The Concrete Bubble, eqale ukutholakala ezitolo ngoMeyi nonyaka.

UNksz Gumede waseThekwini, onamava obuntatheli, udalule ukuthi indlela impilo yakhe eyaba nzima ngayo eminyakeni edlule ehaqwa yisifo eseyamene nokuphazamiseka emqondweni esibizwa  ngokuthi yi-schizophrenia, kwenze wafisa ukuthi kube khona akwenzayo ukuze afundise abantu ngaso ukuze baqonde nokuthi kuba njani uma sikuhaqile.

“Ukubhala le ncwadi kungifundise ubumqoka bokuzixolela, hhayi ukuxolela abanye abantu nje kuphela, kepha nokuthi ngikwazi ukuzixolela kwamina uqobo. Lokho ngikubone ngami ngenkathi ngenza lo msebenzi, okuithathe iminyaka emithathu ukuwubhala ngiwuqede, engithemba ukuthi nabanye abantu abazowufunda bazokubona lokho,” kulanda yena.

Eqhuba, uthe kule ncwadi akalandisi kuphela ngobunzima abhekane nabo empilweni yakhe ngenkathi ehaqwe yilesi sifo, elingakatholakali ikhambi laso, kepha futhi ubeka obala ubunjalo baso ukuthi siyini nokuthi ubona kanjani uma uhaqwe yisona, njengoba ocwaningweni lwakhe ngaso, ethole ukuthi baningi abantu abangaqondi ukuthi siyini.

UNKSZ Thabisile Gumede ubhale incwadi exwayisa ngesifo esithikameza umqondo ethi Inside The Concrete Bubble

Image: SITHUNYELWE

“Encwadini akukho ngami kuphela, kepha kungokuthi ngiqwashise futhi ngifundise abantu ngaso. Nokuthi ngifuna ukuqeda izinkolelo-ze ezikhona ngezifo ezeyamene nokusebenza komqondo, ngethemba lokuthi nabanye bazokhuthala ukwenza okufanayo,” kusho uNksz Gumede.

I-Schizophrenia yisifo esithikameza ukusebenza komqondo okuthi uma sikuphethe  kuthikamezeke indlela ocabanga ngayo, sishintshe nendlela owenza ngayo ezimweni ezithile obhekana nazo, kanti futhi senza nokuthi umqondo womuntu kube sengathi uyathwebuleka, kube sengathi awuphili emhlabeni okuphila kuwona abanye abantu.

I-Inside The Concrete Bubble isiyatholakala kuNksz Gumede naseTakealot ngo-R300.