UKWANDA kwesibalo sabantu besifazane abamthinta ezinkundleni zokuxhumana becela ukuthi abachushise ngendlela abangenza ngayo ukuzichumisa empilweni, nabasuke befuna ukuboniswa ezinkingeni ababhekene nazo - yikhona okukhuthaze usomabhizinisi futhi owumhleli wemicimbi ukukhuza ibuya okwesibili nomcimbi wakhe ofezekisa lokho.
Lowo nguNkk Nobuhle Ngqulunga waKwesakwaMthethwa, eMpangeni, ozokwenza umcimbi iThe Wounded Lioness, eM Crystals esikhumulweni sezindiza esiseRichards Bay, enyakatho yeKwaZulu-Natal, ngo-Agasti 31 kusukela ngo-10 ekuseni.
Elandisa Isolezwe ngalo mcimbi, uNkk Ngqulunga (25) uthe ngawo uhlose ukuhlanganisa abantu besifazane kubhungwe ngezingqinamba ezahlukene ababhekana nazo empilweni yabo nezenza ukuthi bangakwazi ukuphila kahle nokufeza izinto ezinhle abazifisela zona.
USOMABHIZINISI uNkk Nobuhle Ngqulunga ukhuza ibuya okwesibili nomcimbi wakhe oqondene nabesifazane othi The Wounded Lioness
Image: SITHUNYELWE
“Lokho ngikwenza ngoba bayanda abantu besifazane abahlale bengibhalela, becela ukuthi ngibachushise ezintweni ezahlukene, ezinye zazo engingakwazi ukuthi ngibacebise kuzona ngenxa yokuthi anginalo ulwazi kuzona. Baningi futhi abangibhalela bengixoxela izinkinga ezahlukene ezibathiyayo empilweni, okwenze ngaqhuba lo mcimbi nakulo nyaka ukuzama ukuthi kube khona engikwenzayo ukubasiza,” usho kanje.
USOMABHIZINISI uNkk Nobuhle Ngqulunga ukhuza ibuya okwesibili nomcimbi wakhe oqondene nabesifazane othi The Wounded Lioness
Image: SITHUNYELWE
Eqhuba, udalule ukuthi ezikhulumini azobe egabe ngazo nonyaka kukhona oNksz Lungile Mkhize onesifo somdlavuza webele, Nksz Sinenhlanhla Mthethwa weCassie M Clothing, Nkk Felicia Buthelezi, Nkk Bongiwe Majola wakuMasipala weTheku, Nksz Sphesihle Mkhwanazi wakuMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo, Nksz Lindiwe Biyela, Nksz Benedictia Mndaweni, Nksz Ncwadi Mbatha noNksz Lungile Shandu.
UNKSZ Sinenhlanhla Mthethwa weCassie M Clothing ngesinye sezikhulumi ezizobe zikhona kwiThe Wounded Lioness
Image: SITHUNYELWE
“Lezi zikhulumi zizocobelela abantu besifazane ngemikhakha eyahlukene abangangena kuyona ikakhulu ukubanika amasu okungena kwezamabhizinisi, bese kuthi abanye babo babacebise ngezindlela abangazisebenzisa ukumelana nezinselelo ezahlukene empilweni,” kusho uNkk Ngqulunga.
UNKK Felicia Buthelezi ngesinye sezikhulumi ezizobe zikhona kwi-The Wounde Lioness
Image: SITHUNYELWE
Uthe nonyaka kulo mcimbi kuzongenwa ngo-R800 umuntu ngayedwa, kanti ubheke ukuthi kubuthane kuwona abesifazane abawu-200 bacotshelelwe ngolwazi lwamabhizinisi, bese futhi bechushiswa nangeminye iminxa yokuphila.
Ngale kokuqondene nalo mcimbi, uNkk Ngqulunga uneziqu ze-Bachelor of Communication Science zase-University of Zululand; futhi uwumnikazi weKwaNobuhle Collection edayisa imikhiqizo yezobuhle nenkulisa iSiyomethemba Day Care.