Owe-AWCA nekhwelo kothisha lokuhlenga umkhakha we-Accounting

Simangaliso Ntshangase|Published

USIHLALO we-African Women Chartered Accountants, uNksz Zamanguni Gumede

Image: SITHUNYELWE

OMUNYE wabesifazane abanentshisekelo yezifundo zomkhakha we-accounting uNksz Zamanguni Gumede usephosele othisha inselelo yokuthi kube khona abakwenzayo ukuze kubuye isithunzi salo mkhakha ezikoleni, nokuzosiza ukwandisa abafundi abasenzayo.

UNksz Gumede, ongusihlalo wenhlangano ekhuthaza lo mkhakha neminye eyamene nayo i-African Women Chartered Accountants (AWCA), usho njalo exoxa neSolezwe Ngempelasonto ngeqhaza abalibambayo enhlanganweni yabo ukusiza intsha ukuba ichume iphumelele ngawo.

“Esinye sezizathu ezenza ukuthi lesi sifundo sifadabale wukwesaba ukuthi ukuthuthuka kobuchwepheshe besimanje kuzoqeda nya ngemikhakha yaso, kanti akunjalo. Lo mkhakha uyohlale unesidingo ezweni ikakhulu emabhizinisini ngoba uwumgogodla walelo nalelo bhizinisi kangangokuthi ibhizinisi elingenaye umuntu obhekele imali akulula ukuthi lichume.

“Yingaleso sizathu ngibona kumqoka ukuthi othisha bakhuthalele ukufundisa lesi sifundo ngendlela efanele ebantwaneni bethu, futhi basithande ngokugcwele nangokuphelele ukuze nabafundi babone futhi beqonde ukubaluleka kwaso ezweni,” kulanda uNksz Gumede.

Eqhuba uthe ukwanda kwezinselelo ezinjalo emphakathini, ngenye yezinto ezibakhuthaza ukuqhubeka nemisebenzi abayenza e-AWCA, eqale ngo-2002 - yokukhuthaza nokufundisa ngobumqoka bale mboni ngenhloso yokwandisa abantu abasha ikakhulu abesifazane abagogoda emkhakheni we-accounting, baze babe ngama-chartered accountants njengaye. 

USIHLALO we-African Women Chartered Accountants, uNksz Zamanguni Gumede

Image: SITHUNYELWE

“Sibambisene nezinhlangano ezingenzinzuzo njengathi, kanjalo nezinhlaka ezahlukene ukuqhuba umbono wethu, kuke kwenzeke ukuthi sihlele imibuthano yokufundisa ngawo, sicebise nangemigudu okumele ilandelwe ngabafisa ukuxhaswa ukuze baqhube izifundo zabo, futhi sivule izandla nakubafundi abafuna ukwelulekwa ukufeza lokhu,” usho kanje.

Uthe nakuba bengakafiki lapho befisa khona ngombono wenhlangano yabo, kepha kuyabajabulisa ukubona iqhubeka ithela izithelo ezinhle njengoba kwathi beqala ngo-2002 kwakunama-chartered accountants awu-200 kuphela ezweni. Manje asengaphezu kuka-56 000, u-44% wawo okungabantu abamnyama, ohlanganiswe wu-20% wabesifazane.

UNksz Gumede udabuka eNanda, enyakatho yeTheku. Uneziqu ze-BCOM Accounting in Financial Reporting, aziphothula e-University of KwaZulu-Natal (UKZN) ngo-2007, neze-post graduate yawo lo mkhakha aziphothule e-University of South Africa. Ngale kokuqondene ne-AWCA, ufundisa izifundo ze-Taxation khona e-UKZN.