Ukubhuntsha kwezobudokotela kugqamise ubizo ayengalunakile

Simangaliso Ntshangase|Updated

UNK Thobeka Goba, imenenja yophiko lwezokumaketha lweKnorrox e-Unilever South Africa

Image: SITHUNYELWE

EKHULA wayefuna ukuba wudokotela, kepha kwathi ngokungalitholi ithuba lokwenza lezo zifundo esikhungweni semfundo ephakeme ayefuna ukuzenza kusona, waphoqeleka ukuthi athole enye indlela yokuziphilisa, esahlela elinye icebo lokumsiza ukufeza iphupho lakhe.

Lwaqala kanjalo uthando lwezifundo zobuchwepheshe kuNkk Thobeka Goba, okwenzeka ngenkathi esesebenza phesheya kwezilwandle, lapho eyagada khona izingane komunye umuzi, okwathi esehlala lapho iso nomqondo wakhe kwavuleka kabusha.

Elandisa kabanzi ngalokho, uNkk Goba oseyimenenja yophiko lwezokumaketha lweKnorrox, engaphansi kwe-Unilever South Africa, uthe ngenkathi esahlala kulo muzi eminyakeni engaphezu kwengu-15 edlule, wayevame ukuxoxa nomqashi wakhe, embuza ngemikhakha ehlukene yemfundo ezingeni eliphakeme enzela ukuthola ulwazi lwayengakwazi.

"Ukuxoxa naye ngalokho kwenza ngaba nentshisekelo yomkhakha wezobuchwepheshe ayegxile kuwona, okwangidoba kwathi sengithole imali eyanele yokuziphilisa nomndeni wami, nganquma ukubuyela ekhaya ngazokwenza i-Bachelor of Commerce, egxile kwezobuchwepheshe, ezezimali nezokumaketha eWits University," kusho uNkk Goba.

Esephothule lezo zifundo, waqala wasebenzela i-Unilever eba sophikweni lwezokumaketha lwe-Ice Cream ngo-2016, okwathi emva kweminyaka emibili washintshelwa ukuthi asebenze kwabeKnorrox, okuyilapho afike wadlondlobala khona, wathola namathuba okuchuma.

UNK Thobeka Goba, imenenja yophiko lwezokumaketha lweKnorrox e-Unilever South Africa

Image: SITHUNYELWE

"Kuthe ngo-2019 ngathola ithuba lokuya ekomkhulu le-Unilever eNetherlands, nakhona ngafike ngathola amanye amava alo msebenzi engiwenzayo. Sengibuye lapho ngisebenzele i-Aromat, okuyilapho okugqame khona ukuthi umsebenzi wami ngiwenza kahle kanjani, okwenza ukuthi ngigixabezwe ngesikhundla sokuba yi-brand manager ngo-2024, kwathi nyakenye nganikwa lesi esengikusona manje sokuba yimenenja yophiko lokumaketha iKnorrox, okuwumvuzo wokuzikhandla kwami," usho kanje.

Le ntokazi yase-Edendale, eMgungundlovu, idalule nokuthi kuningi okuhle esikwenzile nesikuzuzile ngomsebenzi ewenzayo, kubalwa ukuba ngabanye babaxhasi bomdlalo wethelevishini okhonjiswa kuMzansi Magic, iShaka iLembe

"Ngisethimbeni eliqale umkhankaso esiwubiza ngokuthi yiWe Give A Bull, osaqhubeka namanje - lapho sibhekelela futhi sixhasa khona osomabhizinisi abasafufusa bamabhizinisi eyamene nezokudla ezindaweni ezahlukene ezweni lonke, ukusiza ukuthuthukisa umphakathi nokufukula osomabhizinisi abasakhula," kusho yona.

UNkk Goba uthe manje ushisekela ukuthi asebenzise amava omsebenzi awenzayo ukukhuthaza abantu abasha ikakhulu abesifazane abasafika ezinkampanini abasebenza kuzona ukuthi benze kahle, nokubachushisa ngokumele bakwenze noma bakugweme ukuze bathuthuke.