Zincane kodwa ziyawenza umehluko izinguquko ze-Audi RS 3

Fanelesibonge Bengu|Published

I-Audi RS 3 ethuthukisiwe bayintshintshe kancane ngaphambili bayifaka nama-daytime running lights ozikhethelayo ukuthi ufuna akhanye kanjani

Image: Fanelesibonge Bengu

IMOTO: AUDI RS 3 SPORTBACK

EMSEBENZINI engiwenzayo ngiye ngithole ithuba lokushayela izimoto ezahlukene ngenhloso yokukwenzela impilo ibe lula njengomfundi uma usuthatha isinqumo sokungena egaraji.

Izinkampani ziyasimema uma zizethula bese kokunye zisinika ithuba lokuchitha nazo izinsukwana ukuze sibe nesikhathi esanele sokuzifunda nokubona ubuhle nobubi bazo.

Selokhu kuqale unyaka njengoba sesiku-Agasti nje, ayikho eke yadonsa amehlo njenge-Audi RS 3 Sportback ethuthukisiwe engibuyesele emuva ukhiye wayo kuleli sonto.

Incane impela kodwa yonke indawo lapho ebengiqhamuka khona bebephenduka nayo ngize ngishaywe nangamahloni kokunye.

“Yaze yayinhle imoto yakho mfana wami,” kusho omunye umama ngiqeda kupaka ngiyongena kwesinye sezitolo ezidayisa u-curry obabayo.

“Umbala wayo awujwayelekile,” ejobelela.

Isiteringi basenze saqonda phezulu naphansi base beshintsha namabhathini

Image: Fanelesibonge Bengu

Umbala lo ubizwa ngoKyalami Green futhi uwuthola ezimotweni ezingamaRS. Lezi yizimoto zakwa-Audi ezinamandla athe xaxa kunezejwayelekile ezenziwa kwa-Audi Sports GmbH.

Umbala lo ubukhona ngesikhathi kwethulwa iRS 3 Sportback yesithathu kuleli ngo-2022 nokuyiyo le esithuthukisiwe.

Yayivele iyinhle kwasekuqaleni. Cishe yikhona okubenze bangafuna ukushintsha okuningi ngesikhathi beyithuthukisa ngoba bayithinte lapha nalaphaya okunye okudinga ubukisise kahle uma ufuna ukuthola umehluko.

Kwa-Audi bayaziwa ngokuqhamuka namalambu ahlukile nokuyinto abayenzile lapha. AmaMatrix LED Headlights ahlanganiswe nama-daytime running lights osukwazi ukushintsha indlela akhanyisa ngayo. Lokhu ukwenza kwiMMI touch display ngaphakathi ukhethe ezindleleni ezine ofuna akhanye ngazo samhlobiso.

Ngaphandle kwamalambu, baphinde bayithinta nakwiSingleframe grille enombala omnyama okhona nakuma-air intakes, ezibukweni, eziketini ezinhlangothini nangemuva kwi-diffuser. I-diffuser le bayenze kabusha bayifaka ne-reflector ebomvu phakathi nendawo.

Nangemuva amalambu bawenze kabusha bese kuthi ngezansi kube nezinqawe ezimbili ezinkulu.

Amarimu angu-19-inch futhi ayi-10-cross spoke acwebezelayo angenye into ayenza ibukeke kahle futhi awuwengezeli mali.

Ngaphakathi nakhona abawenzanga umehluko omkhulu.

Izihlalo ziyisikhumba ezinezitishi ezimesha nombala wayo ngaphandle nokuyenza ibukeke kahle.

Izitishi lezi zifakwe nasesiteringini esesiqondile phezulu nasezansi.

Ngaphandle kwendlela esesimi ngayo kushintshwe namabhathini kwafakwa athambile anombala ocwebezelayo omnyama.

Kufakwe nebhathini lePerformance mode ukwenza kube lula bese kuthi ngakwesokudla kube neleRS elikuyisa kuRS Individual mode bese ihamba ngendlela osuke uyihlele ngayo.

Kodwa kungekudala sizongena endleleni ehamba ngayo.

Ingaphakathi selilonke libukeka kahle kakhulu. Ngaphandle kwe-sunroof okhakhayini kuphinde kube nomehluko egiyeni elincane. Ezicabheni bayihlobise kahle njengoba sike sibone kwiBMW M2 futhi iyakhanya ngamalambu okwazi ukuwashintsha umbala.

Ngaphambili ine-touchscreen infotainment system owenza okuningi kuyo njengokudlala umculo ezipikheni ezintsha zeSonos ezikhala kamnandi. Iphinde ibe ne-digital instrument cluster okanye i-virtual cockpit plus ngokolimi lwakwa-Audi nayo eveza okuningi ngale kwejubane kodwa ikukhombisa amandla ne-torque, g-forces, izikhathi zama lap nokunye.

I-Audi RS 3 ethuthukisiwe iyawadonsa amehlo ngalo mbala uKyalami Green

Image: Fanelesibonge Bengu

Sisakhuluma ngamandla, injini yodumo eyi-five cylinder engu-2.5 litre TFSI isaqhubeka nokusetshenziswa lapha. Amandla abawashintshanga njengoba engu-294kW ne-torque engu-500Nm.

Ngeke ukhale ngokuthi abawanyusanga ngoba enele kwazise iyashesha ukungena ejubaneni.

Iyayicela indlela futhi angingabazi nakancane ukuthi baqinisile ngokuthi ithatha imizuzwana engu-3.8 ukusuka ku-0 iye ku-100km/h.

Lezi yizikhathi ezisheshayo kuneM2 neMercedes-AMG A45s abathi kuzithatha imizuzwana engu-4 nengu-3.9 ngokwahlukana ukusuka ku-0 ziye ku-100km/h.

Umsindo wezinqawe noma ungasemkhulu kodwa uzwakala kamnandi. Empeleni uthi ukunyuka uma uyishintshe ama-drive modes wayifaka ku-dynamic, RS Performance okanye uRS Torque Rear.

Njengoba bengayintshintshanga nje injini, lapho abagxile khona kusendleleni ebambelela ngayo emakhoneni.

Babonile ukuthi emgwaqweni oqondile iyashesha base bethi abathuthukise nasemajikeni.

Lokhu bakwenze ngokuthuthukisa i-torque splitter ethumela amandla emasondweni angemuva ngokwahlukana, electronic stability control ne suspension.

Angifuni ukungasho kodwa amajika uwashaya ngokukhulu ukuzethemba uzithole umamatheka wedwa ngoba uphuma kuwo usuyinhlamvu.

Injalo nje iyanamathela nasetiyeleni ngamathayi ePirelli.

Isiteringi njengoba siyindwangu nje, sigcwala kahle nasesandleni futhi noma ngabe uyajuluka mancane amathuba okuthi sikuphunyuke.

Ubumnandi bayo bungenze nganganaka nokuthi idla amalitha angu-14.8 ngo-100km.

Esikhathini lapho kukhulunywa ngezimoto zikagesi ezidle ngokuba nejubane, kwanda namamaSUV emigwaqweni, kuyajabulisa ukubona kwa-Audi besayibambile ngokwakha i-hatchback ekushiya wenelisekile futhi umamatheka wedwa njengomshayeli. 

Intengo:

Audi RS 3 Sportback TFSI quattro S tronic - R 1 498 200 

Ifika ne-Audi Freeway Play yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.