Zibondiwe kwaMercedes-AMG beqhulula ezintsha

Fanelesibonge Bengu|Published

IMercedes-AMG GT 63 S E Performance

Image: Fanelesibonge Bengu

UMSOMBULUKO wusuku abanye abangalujahi ngoba besafuna ukwengeza isikhathi sokuphumula okanye ukuzitika ngobumnandi bempumelelo.

Owakuleli sonto esilisongayo nokho kungenzeka ukuthi angingedwa kwabebewubheke ngabomvu.

Abanye kungenzeka ukuba bebewujahele ukuthi izingane zibe matasa namalungiselelo okuvulela ikota yesithathu yezikole ngoLwesibili.

Esami isizathu sehlukile ngoba indlela ingikhombe eKapa lodumo ngiyovivinya izinsimbi ezintsha zakwaMercedes-Benz.

Empeleni kumele ngithi ngezakwaMercedes-AMG GmbH okuwuphiko lwezimoto ezinamandla ezidle ngobuhle kanjalo ngenqwaba yobuchwepheshe kwaMercedes.

Ukukhemezela kwezulu obekuhambisana neshweza elishubisa umnkantsha akuzange kukwehlise ukulangazelela kwami ukungena esiteringini. Isimo sezulu saseKapa senze esidume ngakho ngokushintshashintsha ngokuqhubeka kosuku kubuye kufudumale kwezinye izingxenye kube nenhlamvu yelanga kwezinye kube namathe ezimpukane.

Uma uke wavakashela amagaraji akwaMercedes ngenyanga edlule, kungenzeka ukuba ube senhlanhleni yokubona ezinye zezimoto ebesihlangene ngazo ngoba zethulwe kulandelana ngoJuni.

Lapha ngikhuluma ngeMercedes-AMG CLE 53 4MATIC+ Coupé, Mercedes-AMG E 53 Hybrid 4MATIC+, Mercedes-AMG SL 63 kanjalo neMercedes-AMG GT 63 S E Performance.

Kube yithuba lokuthi sizibonele eduze futhi sizizwe amandla zonke ngokulandelana kwazo.

Mercedes-AMG E 53 Hyrbrid 4MATIC+

I-E Class ngingayichaza njengemoto yabamnumzane ngenxa yesithunzi sayo ngendlela ebukeka ngayo kanjalo nobukhulu bayo ngaphakathi. KwaMercedes bayaziwa ngokwenza eyejubane i-E63. I-E 53 le, ingena phakathi nendawo kodwa ehluke ngakho wukuthi ingunhliziyombili njengoba inenjini kaphethroli iphinde ibe nekagesi.

IMercedes-AMG E 53 Hyrbrid 4MATIC+

Image: Fanelesibonge Bengu

Yinto engisheshe ngayizwa ngoba ibizithulele ngihamba edolobheni ingadumi nhlobo. Ngogesi bathi ungahamba amakhilomitha angu-100 kwazise inebhethri engu-28.6 kWh. Uma usebenza eduze ungagcina ungawuthinti nhlobo uphethroli.

Ukuyishaja yinto ethatha imizuzu engu-20 kwiDC charger engu-60 kW.

Uma usunyathela mawala noma ushintsha ama-drive modes, yilapho eqala khona ikhiphe umsindo ngoba kusuke sekungena injini kaphethroli.

Injini le ingu-3.0 six-cylinder esebenza nekagesi okuthi uma kuhlangene kwenze amandla angu-430kW (450kW kwiRace Start) ne-torque engu-750Nm.

Yimoto enkulu futhi esindayo ngenxa yebhethri kodwa okuyinto oyizwayo esiteringini kodwa ngokwejubane uyakukhohlwa ngoba kuyithatha imizuzwana engu-3.8 ukusuka ku-0 iye ku-100km/h.

Ukudonsa kwayo ngawo wonke amasondo kwenze novalo lokubamba amajika ngesivinini kumanzi lwaba luncane.

Ngiyakuthanda ukuthi ifika nokuningi ongakudingi ukukwengezela imali njengamasondo ajikayo ngemuva okusiza ukuthi ithathe indawo encane uma uyipaka.

Ngaphakathi kuningi enakho njengama-AMG Sports Seats, MBUX multimedia system nokunye. Uma kungakwenelisi wengeza ngemali i-AMG Dynamic Plus package uthole ama-brake callipers abomvu, Race Start nokunye.

Mercedes-AMG CLE 53 4MATIC+ Coupé

Bajike izinto kwaMercedes ngokuhlanganisa i-E Class Coupé neC-Class Coupé kwaphuma iCLE. ENingizimu Afrika kuqale kwatheleka eyisilahlamatende njengoba sebelamanise ngeCLE 53 4MATIC+ Coupé.

IMercedes-AMG CLE 53 4MATIC+ Coupé

Image: Fanelesibonge Bengu

Akukapheli sikhathi esingakanani ngishayele iCLE 200 Cabriolet. Kumina njengomuntu obuye abe namahloni ngeke ngilunge kuyo ngoba iyawadonsa amehlo. Injalo namandla ayo uyezwa ukuthi awokuzishayelwa wumoya. Engikuthanda ngayo yindlela ethule ngayo ngaphakathi uma uyivalile ukhakhayi oluyindwangu ethambile.

Uyabona iCLE 53 yona ingithathile. Angikakutsheli ngeSL 63 neGT 63 S E Performance kodwa ngathi ngizophahluka ngiveze ukuthi iCLE 53 yiyona engithathile.

Ngaphandle yinhle uma inombala oluhlaza okwesibhakabhaka. Inyathela ngamasondo amarimu angu-20 inch. Ivuleke kahle bese iba nokhakhayi oluba yisibaca uma ushona ngasesinqeni.

Yingaphakathi lapho obekumele bayenze yehluke khona ingabe isifana neC-Class ngaphambili. Ngokwesikhala isithe ukuba nkudlwana.

Injini yayo ingu-3.0 litre six-cylinder turbo kaphethroli enamandla angu- 330kW ne-torque engu-560Nm. Ngenxa ye-48 volt mild-hybrid system, uyakwazi ukwengezelwa amandla angu-17kW ne-torque engu-205Nm imizuzwana embalwa.

Okungithathile ngayo wukuthi konke kuzwakala kubhalanse kahle kuyo. Amandla enele akuwona ababazekayo nangaze akuthuse ukuthi uzophoseka esikhotheni, isiteringi sinesisindo esikahle nesikunika umuzwa wokuthi imoto iya lapho uyikhomba khona kanti injalo ihamba kahle nasemgwaqweni.

Mercedes-AMG SL 63

Image: Fanelesibonge Bengu

Mercedes-AMG SL 63

Kuthe emini yantambama nezulu selisa, sangena kwiSL 63. Okokuqala engikwenzile kube wukuvula ukhakhayi oluyindwangu nokusiza ukwehlisa isisindo semoto njengoba phambilini bekungoluqinile. Kusizile ukuthi luyavaleka noma uhamba inqobo nje isivinini uma singaphansi kuka-60km/h ngoba sithe sesingena eFranschhoek Pass, eStellenbosch, yabuya imvula.

Emajikeni asentabeni kuba wubala ukuwabamba ngoba idonsa ngawo wonke amasondo. Awangemuva amasondo uma uhamba ngebanga elingaphansi kuka-100km/h ajika aphambane nawangaphambili kodwa uma isivinini singaphezu kuka-100km/h ajika abheke endaweni efanayo nokusiza ukubambelela.

Ngaphansi kwebhonethi kunenjini engu-4.0 litre V8 biturbo enamandla angu-430kW ne-torque engu-800Nm. Isuka ku-0 iye ku-100km ngemizuzwana engu-3.6 kanti ijubane elikhulu wu-315km/h.

ISL yimoto enomlando weminyaka ecela ku-70 ikhona kwaMercedes. Ngale kobuhle bayo okunye edonsa ngakho abaningi wubuncane namandla enawo.

Nayo ilokhu iqhubeka kuwo lowo mlando ngoba iyayicela indlela kodwa futhi uma ufuna ukuzishayelwa wumoya yenza lokho ngale kwenkinga. Ifuna ube wumuntu ongenamndeni omkhulu ngoba ihlala abagibeli ababili. Izihlalo zangemuva ezimbili zifana nento engekho ngoba isikhala sincane kakhulu.

Mercedes-AMG GT 63 S E Performance

Imizuzwana engu-2.8 

Yisona sikhathi esidingayo i-AMG GT 63 S E Performance ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kanti ijubane ligcina ku-320km/h.

Kungezwakala sengathi lokhu kuyihaba kodwa uma usuphakathi usheshe ukukholwe ngoba ishesha okonyazi. Empeleni ngize ngashawa wuvalo ngibona ukuthi kwenzeka iphutha elincane lapha ngiyophumula eCebolethu.

Nozakwethu ebengihamba naye ubelokhu engikhumbuza njalo ngesivinini esigunyazwe ukuthi sihambe ngaso emgwaqweni ebesikuwo ngoba bekuvele kweqeke ngingakile ngenxa yobulula bokunyusa kwayo isivinini.

Phela lapha injini ingu-4.0 litre V8 biturbo kaphethroli edonsa amasondo angemuva. Ihlangene nekagesi yona esemasondweni angaphambili.

Kuthi uma kuhlangene kukhafule amandla angu-600kW ne-torque engu- 1 420Nm,

Uyezwa uma usuka noma unyathela mawala uma ufuna ukudlula enye imoto ukuthi indlela eshesha ukuthumela ngayo amandla ungathi yizimoto ezihamba ngogesi wodwa.

Ngogesi wodwa ngoba ibhethri incane ungahamba 13km futhi uyakwazi nokuyishaja ekhaya.

Empeleni uma usuka ungayiphikela ngoba isuke izithulele ingenamsindo. Uma kodwa usushintsha ama-drive modes noma unyathela ungathi uhlokoloze imamba uqobo ngenxa yolaka eba nalo.

Njengomshayeli uhlala ube phansi usondelane nomgwaqo. Amajika iwashaya kube wubala ibe ikhipha nomsindo ozwakala kamnandi.

Namabhreki abamba thaqa okuyinto enhle.

Akuyona imoto yokubhayizelwa ngoba ingakwenza ube wumlando.

Intengo:

Mercedes-AMG E 53 HYBRID 4MATIC+: R 2 499 596

Mercedes-AMG CLE 53 4MATIC+ Coupé: R 2 065 982

Mercedes-AMG SL 63: R 3 943 156

Mercedes-AMG GT 63 S E PERFORMANCE: R 4 369 287

Zonke zifika nePremium Drive Comfort Care Service neMaintenance Plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.