Isexwayiso ngamaqola adayisa izimoto ezinkundleni zokuxhumana

Fanelesibonge Bengu|Published

KUNINGI okumele ukuqaphele ukuze ungaqolwa ngabathi badayisa izimoto esidlangalaleni

Image: burchmore's

SIYA ngokunyuka isibalo sabaqolwa ezinkundleni zokuxhumana ngoba bethi bathenga imoto edayiswa esidlangalaleni ngamanani aphansi, besale bencela izithupha.

Lo mkhuba wande kakhulu kwiTikTok, ngokusho kwebhange iWesBank.

Likhipha isixwayiso leli bhange elibokisa ngemali yokuthenga imoto, lithe amaqola avula amkhasi omgunyathi asebenzise nezimpawu zakwaWesBank ngenhloso yokwedukisa abantu ngokuthi bangabasebenzi balo abadayisa izimoto esidlangalaleni.

“Bayenga abantu abanganaki ngezaphulelo eziconsisa amathe, bebafakele ingcindezi yokuthi bakhokhe izizumbulu ukuze bezothola imoto ebukeka ngathi idayisa esidlangalaleni. Uma imali isifakiwe, amaqola ayashesha ukuvala amakhasi omgunyathi, ashaye achithe nemali isisulu sisale singazi ukuthi sizosizakala kanjani,” kusho iWesBank.

Nanka amathiphu angenza ungaqolwa;

Ukubhalisa nokufaka idiphozithi: Ukubamba iqhaza lapho kudayiswa khona izimoto esidlangalaleni ngokusemthwethi kumele ubhalise. Idiphozithi ebuyayo bajwayele ukuyifuna kozimisele ngokuthenga uma ebhalisa. Uma ufunwa idiphozithi ngoba uthenjiswa "ukubanjelwa" imoto ethize, lokho kuyizimpawu zokuthi kukhona okushaya amanzi.

Yazi imigomo nemibandela: Yazi imigomo nemibandela yokuthenga esidlangalaleni. Lokhu kuhlanganisa izindlela zokukhokha, okumele ukwenze njengomthengi nendlela yokubuyiselwa imali. Ukwazi le migomo kuzokusiza usheshe uwabone futhi uwagweme amaqola.

Qaphela izindali eziheha ngokweqile: Qaphela amaqola ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana. Yenza isiqiniseko sokuthi ubheka endaweni enegama ekudayiseni izimoto esidlangalaleni nomuntu ogunyaziwe. Njengoba kuhlale kushiwo ukuthi uma indali iheha ngokweqile, usuke usengcupheni yokuqolwa.

Izindlela zokubona okushaya amanzi:

  • Abadayisayo abafuna imali, hhayi egameni lenkundla edayisayo.
  • Ukuba manqika ngokuletha eminye imininingwane noma izithombe zemoto.
  • Ukungacaci kahle ngemininingwane yemoto.