INISSAN Navara Stealth eyakhelwe phezu kwesisekelo seNavara LE
Image: Sithunyelwe
IMOTO: NISSAN NAVARA STEALTH
IGAMA iStealth likhuza ibuya ngemuva kweminyaka ezimotweni zakwaNissan ngeNavara double cab.
Yigama elaqala ukusetshenziswa kwiNavara ngo-2019 kanti ngaphambi kwalokho lalikwiNP 200 engasadayiswa.
Njengamanje selikhuze ibuya kwiNavara ngenhloso yokuyenza iqhubeke nokuheha kumakhasimende kwazise isinesikhashana ikhona.
INavara yakhiwa efemini yakwaNissan eseRosslyn, ePitoli. Uma uzokhumbula imibiko yakamuva wukuthi kwaNissan emhlabeni jikelele babuyekeza ibhizinisi labo ngokunciphisa izindleko ngenhloso yokwandisa inzuzo.
Okunye kwalokho wukuvala amanye amafemu ayo.
Sibuzwa ngokuthi eyakuleli iyathinteka yini, isikhulu sakwaNissan Africa, uJordi Vila, sithe kusenziwa ucwaningo akukho esizokuphawula okwamanje.
Ugcizelele ngokuthi bazimisele ngokuzinza ezwenikazi nakuleli nokuyinto abazoyenza nangokwethula izimoto ezintsha. Phakathi kwazo ubale iMagnite ethuthukisiwe kanjalo neX-Trail. Ngonyaka ozayo bazoletha iPatrol entsha futhi kungekudala bazokwethula amaSUV amasha azongena ngaphezu kweMagnite.
Abakwenzile kwiStealth wukuthatha iNavara LE base beyishintsha kakhulu ngaphandle.
Bayifake umbala omnyama kwi-grille, amarimu angu-17-inch, roof rails, sports bar enegama Stealth, umbhalo Stealth ezicabheni zangaphambili ezansi base beshintsha nombhalo omkhulu wegama layo ngemuva nawo bawenza waba mnyama.
Izinguquko zenziwe nangaphakathi bashintsha izihlalo zaba yisikhumba kanjalo nokhaphethi bawuqopha uStealth.
Ngaphambili iyakhombisa ukuthi iminyaka iyahamba ngegiya elide ne-handbrake. Ine-screen esingu-8 inch se-infotainment oxhuma kuso iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, iveza ingaphandle ngamakhamera nokunye.
Ngaphansi kwebhonethi kunenjini engu-2.5 litre turbo-diesel enamandla angu-140 kW ne-torque engu-450 Nm. U-gearbox uyi-7 speed automatic.
KwaNissan abazishaya ngakho isifuba yindlela ehamba ngayo emgwaqweni ngokuthi intofontofo obhuqwini nasemgaqweni wetiyela.
Siyishayela eMagaliesburg ikhombisile ukubalwa namaveni antofontofo emgwaqweni ngoba bekungekho ukuxukuzeka okutheni emgwaqweni.
Okunye wukuthi umsindo wangaphandle awumkhulu ngaphakathi nokwenza uze uzizwe sengathi uhamba ngeSUV.
Eyi-4x4 noma siyifaka obhuqwini ayithwalanga kanzima njengoba ikwazi ukudonsa ngamasondo onke futhi ine-diff lock kanjalo nama-drive modes ahlukene.
Okunye abazishaya ngakho isifuba ngezokuphepha nezinsiza zomshayeli abazifakile.
Phakathi kwakho wukuthi uma udonsa inqola (idonsa isisindo esigcina ku-3500kg) iyakusiza ngokuthi inqola ingalokhu inyakaza, iyakuxwayisa uma izoshayisa ngaphambili, iyabhreka uma kunobungozi, iyasho uma uphuma emzileni, inama-airbag ayisikhombisa nokunye.
Intengo:
Navara Stealth 4x2 AT – R695 200
Navara Stealth 4x4 AT – R779 200
Ifika ne-service plan yeminyaka eyisithupha noma u-90 000km ne-warranty yeminyaka eyisithupha noma u-150 000km.
Related Topics: