INissan Magnite isibalwa nezimoto eziphephile kuleli

Fanelesibonge Bengu|Published

INISSAN Magnite ngesikhathi ihlolwa ukuvikela umshayeli nabagibeli uma ishayisa ngaphambili

Image: Global NCAP

ISIGCINE izinkanyezi ezinhlanu eziwubufakazi bezokuphepha iNissan Magnite ngesikhathi ihlolwa ngabeGlobal NCAP evivinya izimoto ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi zisezingeni elifanele.

Izinkanyezi ezinhlanu yisona sibalo esiphezulu esitholwa yimoto esuke ihlolwa.

IMagnite, eyakhiwa e-India, ithole izinkanyezi eziphelele kuhlolwa indlela evikela ngayo abagibeli abadala nezintathu uma kuza ezinganeni.

Lokhu kuza emuva kokuthi kwaNissan bethuthukise ezokuphepha kuyo ngokufaka ama-airbag ayisihlanu ne-electronic stability control (ESC).

Endala yayithole izinkanyezi ezimbili kwabadala nasezinganeni kwazise yayinama-airbag amabili kuphela.

Emuva kokunikela ngeMagnite ukuthi iyohlolwa, yathola izinkanyezi ezine nokuyinto engabagculisanga abakhiqizi bayo ngoba baphinde bayithuthukisa.

Ngesikhathi sebeyihambisa ukuthi iyohlolwa okwesibili, ibe isithola izinkanyezi eziphelele.

Phakathi kwezinto enazo le moto edayisa nakuleli kubalwa ama-airbag ayisithupha, ESC, indlela ethuthukile yokuvikela abahamba ngezinyawo kanjalo namabhande ezihlalo kubona bonke abagibeli.

IGlobal NCAP ihlola imoto ngokuyishayisa odongeni ngaphambili nasezinhlangothini.

Isikhulu sale nhlangano, uRichard Woods, sithe bayakwamukela ukubona iNissan ithuthukisa amazinga okuphepha kweMagnite.

“Izinkanyezi ezinhlanu zibalulekile emakhasimendeni aseNingizimu Afrika nase-India futhi zikhombisa ukuthi yini engazuzwa ngesikhathi esifushane uma inkampani izimisele ngokubheka imigomo yeNCAP,” kusho uWoods.

UBobby Ramagwede ophethe i-Automobile Association of South Africa esebenza neGlobal NCAP ukuvivinya izimoto ezidayisa kuleli ngaphansi komkhankaso i- #SaferCarsForAfrica, uthe bayajabula ngokuthi imoto encane yakwaNissan edayisa kakhulu kuleli ithole lezi zinkanyezi.

Eminye imiphumela yakamuva eshicilelwe ngoDisemba nyakenye, iVW Polo Vivo ethuthukisiwe ithole izinkanyezi ezine ihlolwa ezokuphepha.