Ivundile imakethe yakuleli kwezaseChina

Fanelesibonge Bengu|Published

I-CAUR V23 okuyiSUV engenkulu kakhulu kuneSuzuki Jimny

Image: Sithunyelwe

IBUKEKA ivundile imakethe yezimoto eNingizimu Afrika ezinkampanini zaseChina njengoba sekuqiniswe ukuthi kuza enye i-iCAUR engaphansi kweCherry Group.

I-iCAUR esungulwe ngo-2013, izoqala ukutholakala kusuka ngonyaka ozayo.

Bahlela ukuthi baqale ukudayisa sebevule amagaraji angu-15.

Le nkampani yakha izimoto zikagesi okungakaqinisekiswa ukuthi kuzodayiswa ziphi kuleli ohlwini lwazo.

ENingizimu Afrika kunyuka kancane ukuthengwa kwezimoto ezingamaNew Energy Vehicles (NEV) uma kuqhathaniswa nakwamanye amazwe.

AmaNEV yizimoto okubalwa kuzo ezihamba ngogesi webhethri kuphela (Battery Electric Vehicle), ezihamba ngogesi nenjini kaphethroli ezingashajwa (Hybrid Electric Vehicle) nezihamba ngogesi nenjini kaphethroli kodwa ezishajwayo (Plug-in Hybrid Electric Vehicle).

Ngo-2024 ezimotweni ezintsha ezingu-517 000 ezidayiswe kuleli, ezingu-14 kube ngamaNEV.

Kulo nyaka kubalulwa ukuthi isibalo sizonyukela ku-19 000. Ezizihola phambili ngezingamaHEV.

Enye inkampani okusanda kumenyezelwa ukuthi iyeza kuleli yiLepas eyethulwe yiChery emhlabeni jikelele ngo-Ephreli kulo nyaka.

Ama-SUV ayo iwachaza ngobutsetse obugabe nangobuchwepheshe nokubukeka sengathi izobangisa izingqungqulu zaseJalimane nezinye.

IStellantis Group nayo isanda kuqinisekisa ukuthi izoletha inkampani yaseChina engaphansi kwayo iLeapmotor ungakapheli lo nyaka.

Yakha izimoto ezihamba ngogesi okanye ama-hybrid futhi kulo nyaka kuzoqalwa ngeSUV iC10 REEV (Range Extender Electric Vehicle) okuthiwa ihamba u-970km. Ihamba ngogesi webhethri kodwa inenjini kaphethroli engu-1.5 litre eshaja ibhethri uma seliyophela ukuze uhambe ibanga elithe xaxa.

Ngaphambi kokuphela konyaka iChangan Automobile kulindeleke ukuthi ikhuze ibuya emakethe yaseNingizimu Afrika.

Ibuya ngeSUV iCS75 neCS665.