Injini kadizili ekwiGWM Tank 300 iyifaka khaxa embangweni

Fanelesibonge Bengu|Published

I-GWM Tank 300 ishiye igabade ngo-224mm Isithombe: Fanelesibonge Bengu

Image: Fanelesibonge Bengu

IMOTO: GWM TANK 300

NGESIKHATHI kwaGWM bethula iTank 300 eNingizimu Afrika ngonyaka odlule, esinye sezikhalo ngayo kwaba yinjini yayo ethanda ukuwomela mawala uphethroli.

Eqinisweni lesi yisikhalo esasikhona ngisho nabakwamanye amazwe ngayo njengoba eyi hybrid iphuza amalitha angaphezu kuka-12 ngo-100km kwabanye.

Le nkampani ikusukumele lokhu ngokwethula enenjini kadizili engu-2.4 litre.

Lokhu ngikubona kuzokwazi ukuyenza incintisane kahle nezimoto ongabala kuzo iToyota Fortuner yize kuzoba nzima okwamanje uma ubheka ukuthandwa kwayo.

Ngeke uyikhohlwe ne-Isuzu MU-X okusanda kulethwa ethuthukisiwe.

Ngaphandle inamaLED headlights, daytime running lights nama-fog lights, amarimu angu-18 inch, roof rails, side steps nokunye.

Izihlalo ziyisikhumba futhi ezangaphambili zihlelwa ngogesi kanti zinjalo ziyafudumala Isithombe: Fanelesibonge Bengu

Image: Fanelesibonge Bengu

Yona itete isondo emhlane njengomncanyana iSuzuki Jimny. Khona ngemuva isicabha sivuleka siye eceleni hhayi phezulu njengakwiFortuner.

Lokhu kuba yinkingana uma upake wangena uhlehla ngoba kusho ukuthi kumele ushiye isikhala esithe xaxa.

Ibhuthi nokho inkulu kahle njengoba yona ilayisha abagibeli abayisihlanu.

Ebesihamba ngayo ibingadimile emawindini nobekushayisa ngovalo ngempahla ebhuthini kwazise ayikho ikhava efihla impahla.

Ngihambe ngathola ukuthi yinto okumele uyithenge eceleni uma uyifuna nengikholwa wukuthi badlala ngomthengi lapho.

Ubukhulu besikhala ngaphakathi ububona nakubagibeli bangemuva ngoba sanele amadolo awampintshwa yizihlalo zangaphambili.

I-GWM Tank 300 ibhalwe u-2.4T ngemuva okubeka kucace ukuthi inenjini kadizili Isithombe: Fanelesibonge Bengu

Image: Fanelesibonge Bengu

Ngiyakuthanda ukuthi bafake nezimbobo ezimbili zokushaja nge-USB kanjalo nendawo yokukhipha umoya.

Ngaphambili ngeke ngikusole uma ungathi ikunika umuzwa weMercedes-Benz G-Wagon ngoba yinto engifikele.

Bukisisa izimbobo zokukhipha umoya we-aircon nangasohlangothini lomgibeli ungitshele ukuthi awukuboni yini lokho.

Akuyona into engingathi yimbi noma nginenkinga nayo ngoba bese ngiyijwayele kulesi sikhathi engisichithe nayo.

Uma uthinta noma iqinile ngeke uyifanise neFortuner neFord Everest.

Phakathi nendawo ine-touchscreen infotainment system okukuningi okwenzeka kuyo.

Ngale kokuxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto nokudlala umsakazo kodwa uphinde udlale nama-video, ubone ingaphandle njengoba inamakhamera awuveza wonke umzimba, uhlela khona imoto, iveza nezinsiza uma usuqwala izintaba nokunye.

Ngiyakuthanda ukuthi abafunanga ukuyenza ibe wubutsetse kwaze kweqa ngokuthi yonke into yenziwe kwi-touchscreen kunalokho bafaka amabhathini okuhlela amazinga okushisa ezansi.

Kukhona nawokufudumeza izihlalo, ezangaphambili ozihlela ngogesi futhi eziyisikhumba.

Okunye engikuthandile ngengaphakathi yizindawo ezimbili zokushaja nge-USB neyokushaja ngaphandle kwentambo.

Phezulu ngale kokuba khona kwe-sunroof eceleni kwesibuko sokujeqeza emuva kunembobo yokufaka intambo yokushaja nge-USB okuhle uma ufake ikhamera.

Njengoba ngike ngabeka phambilini ukuthi bayifake injini kadizili engu-2.4 litre ene-turbo.

Inamandla angu-135 kW ne-torque engu-480 Nm no-gearbox oyi-9 speed auto.

Ungakulindela ukuthi uma isuka iba nokubambezeleka okuncane ngaphambi kokuthi inyakaze.

Uma isisemgwaqweni angibanga nayo inkinga ngendlela ehamba ngayo futhi amandla bengiwezwa anele.

Kwa-GWM bathi idla amalitha angu-7.7 ngo-100km kodwa kimi ibidla angu-10 emuva kokuchitha isonto nayo sihamba ezindaweni ezahlukene.

Ngihambe 566km isengahamba u-253km.

Phakathi kwalamakhilomitha engiwahambile ahlanganisa ukuya ePort Shepstone nginqamula ngoN2 naast ngingena kuR103 kwazise bese ngiphuma endaweni edayisa ufishi wodumo eHibberdene.

Amabhampu ibizama ukuthi angazweli kakhulu ngaphakathi.

Bese ngikhohliwe wukuthi ibhuloho iMzimkhulu River Bridge elingenela edolobheni livaliwe ngabona umgwaqo oyibhuqu oseceleni ngizitshela ukuthi uzongikhiphela khona kanti lutho. Kunalokho uvele wayongifaka emfuleni.

Lokho kodwa kunginike ithuba lokuyenza idonse ngawo wonke amasondo ngo-4H yalishaya ubhuqu ngale kwenkinga.

Ngiyifake nasesihlabathini ngingenavalo lokubhajwa.

Ave ziningi izinto enazo ongabala kuzo i-diff lock ngaphambili nangemuva, low range, ama-drive modes ahlukene, Off-Road Cruise Control nokunye okuningi.Injalo nje iphakeme ngoba igabade ilishiye ngo-224mm.

Izinsiza azigcini kuphela obhuqwini kodwa nezasemgwaqewni ovulekile zikhona. Ine-Adaptive Cruise Control, Lane Keep Assist, Lane Departure Warning, nokunye okuningi

ITank 300 isifakwe injini eyenza ikwazi ukungena kahle embangweni kanti nentengo yayo nefika nakho kungezinye zezinto ezingenza abantu bayibheke. Injalo nje, iqhamuka enkampanini esineminyaka ikhona eNingizimu Afrika futhi engakaze ihambe iphinde ibuye nokungenza abantu bayithembe.

Intengo:

GWM Tank 300 Ultra Luxury Diesel - R739 900

Ifika ne-service plan yeminyaka eyisikhombisa noma u-75 000, warranty weminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km ne-Roadside Assist yeminyaka eyisikhombisa.