IMazda CX-5 entsha esinkudlwana kunendala
Image: Sithunyelwe
IMOTO: MAZDA CX-5
Ivezelwe amazwe omhlaba iMazda CX-5 entsha ezoqala ukudayisa e-Europe bese isabalala umhlaba wonke naseNingizimu Afrika, kusuka ngonyaka ozayo.
I-CX-5 iqale ukuba khona ngo-2012 kanti kusuka lapho sekuyiyona edayisa kakhulu kwaMazda njengoba kuthengwe angaphezu kuka-4.5 million.
Entsha yinhlobo yesithathu ikhona futhi ifika nokuningi okwehlukile.
Ngaphakathi bathi ithule futhi intofontofo iMazda CX-5 entsha
Image: Sithunyelwe
Isitholakala ngenjini eyodwa kaphethroli engu-2.5 lire okuthiwa izoba namandla ahlukene emazweni angafani.
E-Europe, Japan nakwamanye amazwe izoba yi-mild hybrid abathi kuzosiza ukuthi yonge kuphethroli futhi ihambe kahle nasemgwaqeni.
Entsha bathi bayithuthukise isikhala ngaphakathi njengoba isinkulu kunendala, ukuba ntofontofo emgwaqeni kanjalo nokuthula kwayo.
Baphinde bathuthukisa i-infotainment system ngokwengeza nama-apps amasha. Okunye abakuthuthukisile yizinsiza zomshayeli.
Related Topics: