I-Stellantis ihlela ukwengeza izimoto ezozikhiqiza kuleli

Fanelesibonge Bengu|Published

IVENI iPeugeot Landtrek

Image: Sithunyelwe

INKAMPANI ephethe eziyisikhombisa ngaphansi kwayo, iStellantis South Africa, ihlela ukwengeza izimoto ezimbili efemini yayo entsha engakavulwa e-Eastern Cape.

IStellantis iphethe izinkampani eziyisikhombisa okuyi-Alfa Romeo, Citroen, Fiat, Jeep, Opel, Peugeot nentsha iLeapmotor.

Ngo-2023 iStellantis yamemezela ukuthi izovula ifemu entsha kuleli ezokhiqiza iveni iPeugeot Landtrek.

Kwakuhlelwe ukuthi iqede ukwakhiwa ekupheleni kuka-2025 bese iqala ukukhiqiza kusuka ngonyaka ozayo. Imoto izodayisa kuleli nakwamanye amazwe e-Afrika.

Kuleli sonto isikhulu senkampani, uMike Whitfield, sithe ekuqaleni babehlele ukuthi bakhiqize amaLandtrek angu-50 000 ngonyaka kodwa izinto sezishintshile.

Uthe ukufika kwezimoto ezintsha emakethe nokuthi kuleli kudayiswa u-34% wezimoto ezakhiwa khona kubenze babuyekeza izinhlelo zabo.

“Siphothula izinhlelo zokuthi sengeze izimoto ezimbili ezintsha ezizokwakhiwa. Enye yazo kuzoba yiNEV (new energy vehicle, okungenzeka kube ehamba ngogesi noma i-hybrid),” kusho uWhitfield.

Uthe bazomemezela ngasekupheleni konyaka.

Uqhube wathi banezinhlelo zokundlondlobala eNingizimu Afrika futhi okuhle wukuthi banezimoto ezahlukene ukwenza lokhu.

Le nkampani iveze izinhlelo zayo ukuya phambili nezimoto ezintsha ezozethula.

Ekupheleni kukaSepthemba izokwethula inkampani entsha yaseChina iLeapmotor eyasungulwa ngo-2015.

Yakha izimoto ezihamba ngogesi okanye ama-hybrid futhi kulo nyaka kuzoqalwa ngeSUV iC10 REEV (Range Extender Electric Vehicle) okuthiwa ihamba u-970km. Ihamba ngogesi webhethri kodwa inenjini kaphethroli engu-1.5 litre eshaja ibhethri uma seliyophela ukuze uhambe ibanga elithe xaxa.

KwaCitroen bazokwethula iC3 yokuthutha impahla iHola. Ikhishwe izihlalo zangemuva ukuze ibe nesikhala esithe xaxa. Kuthiwa izobiza imali elinganiselwa ku-R250 000.

KwaJeep beza neGladiator yekhethelo ekuqaleni konyaka. Baveze ukuthi basacwaninga nge-Avenger, Compass neRecon. Bacabanga nokuletha izinjini ezingama-V6 nama-V8.

I-Alfa Romeo yona izogxila ezimotweni ezinamandla athe xaxa. Izokwethula neSUV entsha iJunior.