Bayenze yaba 'grand' kakhulu i-Opel Grandland entsha

Fanelesibonge Bengu|Published

I-OPEL Grandland entsha iyakhanya kwi-grille kanjalo nophawu lakwa-Opel

Image: Sithunyelwe

IMOTO: OPEL GRANDLAND

INKAMPANI ephethe eziyisikhombisa ngaphansi kwayo iStellantis iqhube imizamo yayo yokundlondlobala kuleli ngokwethula i-Opel Grandland entsha.

IStellantis ifuna kushaye u-2027 okungenani isikhonya ku-5% wayo yonke imakethe yakuleli.

IGrandland entsha isiyinde, iphakeme futhi ibanzi kunendala. Incintisana neVW Tiguan, Hyundai Tucson, Haval H6 nezinye.

Ngaphambili ine-grille ekhanyayo kanjalo nophawu lakwa-Opel olukhanyayo.

Amalambu ekhanyisa ngawo ngaphambili masha abizwa ngama-Intelli-Lux Pixel Matrix HD abathi akhanya kube yisemini ebusuku ebe engabaxhophi abanye abashayeli.

I-Grandland inamarimu angu-19 inch kuthi ngemuva ibe negama u-Opel phakathi nendawo elikhanyayo.

NGAPHAKATHI ivulekile, ine-sunroof ne-screen esikhulu ngaphambili

Image: Sithunyelwe

Ngaphakathi inkulu kwabanemindeni njengoba ine-wheelbase engu-2 784mm. Ubukhulu bayo benze nesikhala sebhuthi sathi xaxa ngo-36 litres njengoba sesingu-550 litres.

Ngaphambili kune-touchscreen infotainment system engu-16-inch oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo.

Iphinde ibe ne digital instrument cluster ne-head-up display.

Okunye enakho yi-sunroof okhakhayini kanjalo nezimbobo zokukhipha umoya ezehlukile njengoba zifakwe ezicabheni.

Yize kwamanye amazwe kukhona izinjini ezahlukene kodwa kuleli kwa-Opel bathi ngenxa yocwaningo lwabo bakhethe ukuletha engu-1.6 litre turbocharged kaphethroli. Inamandla angu-134 kW ne-torque engu-240 Nm no-gearbox ozishintshayo.

Ngiyishayele kancane yethulwa ngayizwa ithule kahle ngaphakathi futhi ingazweli kakhulu nasemabhampini. Vele phela bagqamisa ukuthi yakhiwa eJalimane lapho okwaziwa khona ukuthi bayacophelela ngezinga lezimoto.

NANGEMUVA amalambu ahlangene futhi igama lakwa-Opel liyakhanya kwiGrandland entsha

Image: Sithunyelwe

Kuphethroli bathi idla amalitha angu-7.0 ngo-100km. Uthi ushayela isihlalo sibe sikuwotawota.

Okunye okuhlle yinqwaba yezokuphepha nezinsiza zomshayeli abazifakile njenge-Automatic Cruise Control, iyakwazi ukufunda izimpawu zomgwaqo bese iyakutshela, iyasho uma uphuma emzileni nokunye.

Intengo:

The Opel Grandland GS Line 1,6T AT - R789,900.00

Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-100 000km neRoadside Assistance, anti-corrosion warranty yeminyaka engu-12 ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km.