Akuyena wonke umuntu onamandla okuthenga imoto ngokheshi ngakho kunezindlela ezahlukene zokuyithatha ngesikweletu
Image: IOL
Yiphupho labaningi ukuba nemoto kodwa ukuyithenga ngokheshi akuyona into elula kunoma wubani ikakhulukazi kulesi sikhathi somnotho.
Kunezindlela ezahlukene zokuthenga ngesikweletu okuyilezi:
Ukuyithenga ngesitolimende:
Yindlela ejwayelekile lapho uboleka khona imali ephelele yentengo yemoto esikhungweni esibolekisa ngemali. Ube usuyikhokha nenzalo njalo ngenyanga ngesikhathi enisuke nivumelene ngaso. Kujwayeleke ukuthi kube phakathi kwezinyanga ezingu-56 kuya kwezingu-72. Uma usuqedile ukukhokha imoto kube ngeyakho.
Okuhle ngalokhu wukuthi kuqondile futhi imoto kuba ngeyakho ngokugcwele. Yindlela ekahle uma uzimisele ngokuyigcina imoto.
Ukuthenga imoto ngesikweletu esine-balloon payment:
Le ndlela yokuthenga yenza imali oyikhokha ngenyanga ibe phansi nokungaba yinto ehehayo uma uqala.
Isebenza ngokuthi ingxenye ethile yentengo yemali ebizwa nge-balloon okanye i-residual ibekwa eceleni uyikhokhe uma sekuphele isikhathi obuthembise ukukhokha ngaso isikweletu. Lokhu kusho ukuthi imali oyikhokha ngenyanga ibalwa kwencane nokwenza ukwazi ukumelana nezindleko ngesikhathi senkontileka. Uma kuphela isikhathi senkontileka, kumele ukhokhe lesi sigaxa esisuke sibhekwe eceleni ukuze imoto kube ngeyakho. Usikhokha siwukheshi okanye uphinde uboleke imali yokusikhokha noma udayise imoto uthathe enye.
Okuhle ngale ndlela ukuthi imali oyikhokha ngenyanga iba phansi kodwa uma ungasihlelelanga isigaxa ungaba nenkinga ngakho kumele ube neqhinga.
Guaranteed Future Value (GFV)
Yindlela enganakwa ngabaningi kodwa ingashintsha indlela izinto ezenzeka ngayo, ikakhulukazi kumuntu othenga imoto okokuqala osahlelela ikusasa. I-GFV ikuvikela esimeni sokuthi imoto yehlelwe yintengo okuyinto engagwemeki neqala usayikhipha egaraji.
Indlela esebenza ngayo wukuthi okuboleka imali ukunika isiqiniseko sokuthi imoto yakho izobe ibiza isamba esingakanani uma sekuphele inkontileka. Kusho ukuthi wena ukhokhela umehluko phakathi kwentengo yemoto nemali ezobe ibiza yona ngomuso, iGFV, kanjalo nenzalo. Lokhu kwenza imali oyikhokha ngenyanga ibe phansi kunendlela ejwayelekile yokuthenga ngesitolimende.
Uma sekuphela inkontileka okuvame ukuthi kube yiminyaka emithathu kuya kwemine nakhu ongakhetha kukho:
Related Topics: