Yimoto yokubhekwa ngabanemindeni iHyundai Alcazar

Fanelesibonge Bengu|Published

IHYUNDAI Alcazar ifike nengaphambili elikhombisa indlela yesimanje okubukeka ngayo izimoto zesimanje zale nkampani

Image: Fanelesibonge Bengu

IMOTO: HYUNDAI ALCAZAR

ZILOKHU zithelekile izimoto ezintsha eNingizimu Afrika futhi uma ungumuntu ongazilandeli kangako uthuka usuyibona isihamba emgwaqweni.

Enye esanda kufika yi-Alcazar okuyiSUV yakwaHyundai elayisha abagibeli abayisikhombisa.

Uma ungazi ungazitshela ukuthi yimoto entsha sha kanti akunjalo. Empeleni yiGrand Creta ethuthukisiwe. I-Grand Creta yethulwa kuleli ngo-2022 ingena phakathi kweCreta neTucson.

E-India khona ibibizwa nge-Alcazar okuthe uma isithuthukiswa khona kwaHyundai kuleli bakubona kuyithuba elihle ukuthi nabo basale sebesebenzisa lelo gama bangabe besayibiza ngeGrand Creta.

Ngikubona kube wumqondo omuhle ukwenza kanjalo ngoba uma uyibuka yehlukile kuneCreta edayisa kuleli kwazise ayikafiki eshintshile.

Ngingathi yiyo ebe yivulandlela ekusikhombiseni ukuthi izimoto zakamuva zakwaHyundai zibukeka kanjani ngaphandle. Ngaphambili inamaLED daytime running lights amise okuka-H njengoba sibonile iSanta Fe ilandela ifika nafanayo. Ama-leadlights nawo angamaLED.

NGAPHAMBILI ine-screen oxhume kuso iselula nge-Apple CarPlay ngaphandle kwentambo

Image: Fanelesibonge Bengu

Njengaphambili lapho i-grille inolayini okhanyayo ohlanganisa amalambu, nangemuva kwenziwe okufanayo.

Okunye enakho ngaphandle yi-skid plate ngaphambili nangemuva, amarimu angu-18 inch, ama-roof rails nokuphakama okushiya igabade ngo-200mm ukuyinika leso sithunzi sokuba yiSUV.

Uma ungena ngaphakathi ayehlukile nakakhulu kuneGrand Creta engena esikhaleni sayo. Kunalokho bayenze yabukeka iyisimanje ikakhulukazi ngaphambili. Lokhu ngikusho ngokunciphisa isikhala phakathi kwe-touchscreen infotainment system ne-digital instrument cluster ukukwenza kubukeke kuhlangene.

Okuhle wukuthi amabhathini asekhona ukwenza impilo ibe lula njengoba sike sibone kwezinye izimoto kuvele kunamekwa i-screen sodwa bese kuthiwa yenza yonke into kuso. Kuhle khona kodwa kuyangcola futhi kokunye kuyaphazamisa uma ushayela ikakhulukazi uma ungakajwayeli kahle.

Lapha izinkinombo zokushintsha amazinga okushisa emotweni zisakhona kanjalo neyokunciphisa nokunyusa umsindo nezinye.

Kwi-screen uveza iselula uma uyixhume nge-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo, sikuvezela ingaphandle ukuze ungashayisi uma upaka nokunye.

Kusebusika manje bengingathanda ukuba izihlalo zangaphambili ziyashisa kunoma zibande. Liyeza ihlobo kodwa kuyoba yinto esizayo.

Engikuthandayo kuyona yi-panoramic sunroof egcwele ukhakhayi nenqwaba yezindawo zokushaja ngaphambili kuze kuyoshaya ngisho kubagibeli abasekugcineni.

Phakathi nendawo uma uhamba nezingane uyakwazi ukuvula ikhethini emawindini usithe ilanga uphinde uvule netafula lokudlela nokubeka iziphuzo okungemuva kwezihlalo zangaphambili nokuyinto enhle.

I-HYUNDAI Alcazar idimile emawindini angemuva futhi uma uthanda ukwazi nokuvula ikhethini

Image: Fanelesibonge Bengu

Ngokwesikhala isalingana neGrand Creta njengoba ine-wheelbase engu-2 760mm. Abagibeli abayisikhombisa bahlala kahle kodwa ezihlalweni zangemuva akufuneki ube mude kakhulu. Ngiyakuthanda ukuthi izihlalo zaphakathi uyakwazi ukuzisa phambili uma uthanda uma kukhona ongemuva okhala ngokumpintsheka.

Njengezimoto eziningi zalolu hlobo, uma izihlalo zimi zonke asibi sikhulu isikhala sokulayisha kuze kusize uma uzilalisile.

Ngaphansi kwebhonethi i-Alcazar ebesihamba ngayo ibinenjini engu-1.5 litre turbo kadizili okuyiyo engiyithandayo kunekaphethroli ekhona.

Inamandla enele angu-85 kW ne-torque engu-250 Nm no-gearbox oyi-6 speed auto.

KwaHyundai bathi idla amalitha angu-5.9 ngo-100km kodwa kimi ibidla angu-7.1 ngebanga elifanayo.

Engikuthanda ngayo yithangi likadizili elikhulu elingu-50 litres. Ungahamba ngaphezu kuka-800km uma ligcwele nokuyinto enhle.

Okunye okuhle futhi ezokuphepha abazifakile njengokukusiza ukuhlala emzileni, iyakwazi ukugwema ingozi, ama-airbag ngaphakathi nokunye.

Ngiyibone ifakwe nokuningi okuzokwenza ikwazi ukunakwa emakethe yethu lapho sibona izinkampani zaseChina zingenisa ngezimoto ezibiza kancane kodwa ezigcwele mfi izinto.

Intengo:

Alcazar 1.5 Elite – R669 900

Ifika ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km, warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km neRoadside Asssistance yeminyaka emihlanu noma u-150 000km.