Kufunwa abahamba ngezakwaVW, Toyota noVolvo ngezinkinga zokuphepha

Fanelesibonge Bengu|Published

I-VW Golf 8 R iyathinteka kwezifunwa abakwaVW ukuthi zizohlolwa inkinga yezokuphepha

Image: Quickpic

ABANIKAZI bezinye zezimoto zakwaVolkswagen, Volvo nakwaToyota eNingizimu Afrika kumele bazihlolisise ukuthi azithinteki yini ezinkingeni ezibikwe yilezi zinkampani ezinxusa ukuthi zibuye ziyolungiswa.

Lezi zinkampani sezibikele iNational Consumer Commission (NCC) eyenze isimemezelo ngalokho.

Obambe njengoKhomishana weNCC uHardin Ratshisisu uthe bayakubona ukwanda kwezigameko lapho izinkampani zifuna kubuyiswe izimoto zizolungiswa futhi zixhumana nabathintekayo ngalokhu.

Ithe abanezimoto ezithintekayo kumele baziphuthumise amagaraji aseduze nabo agunyaziwe ukuze ziyohlolwa mahhala.

KwaVW bathi kunamaGolf 8 R namaGolf 8 GTI angu-159 anenkinga yebhande lomgibeli wangaphambili.

Yizimoto ezidayiswe phakathi kuka-Ephreli 16 nonyaka noJuni 30 2025.

I-VW ithe kunamathuba okuthi ibhande alingenile kahle lapho lifaswa khona ngenxa yephutha elenzeka lithungwa. Uma lapho ibhande lifaswa khona kungabambelele kahle umsebenzi walo uyancipha. Kuthiwa lokhu kungenza ukuthi umgibeli alimale kanzima noma afe uma kunengozi.

IToyota yona ngakolunye uhlangothi ifuna kubuyiswe amaloli akwaHino angu-6 662. Amaloli athintekayo yi-500 SKD ne-500 CBU adayiswe phakathi kukaMeyi 11 2017 kuya kuDisemba 14 2023 nango-31 Meyi 2018 kuya ku-25 Disemba 2025 ngokuhlukana.

Kuthiwa kufakwe i-cage bolt spanner engafanele kwiHino 500 SKD kanti kwiHino 500 CBU asikho nhlobo.

IToyota ithe yize i-parking brake izosebenza kodwa kuzoba nzima ukuyehlisa ngoba kufakwe okungafenele noma akukho nhlobo.

I-Volvo yona ifuna kubuye ama-XC90 plug-in hybrid angu-26 onyaka u-2025 kuya ku-2026.

Ithe ukubhreka kwemoto kungenzeka kungasebenzi uma uyifake kuB mode noma u-One Pedal Drive uma ukade uhamba endaweni eyehlelayo unganyathele lutho. Lokhu kungadala ingozi.