ITOYOTA Hilux okudayiswe angu-3 032 ngoJuni
Image: Sithunyelwe
UWEHLA kwenzalo yemalimboleko ngoSepthemba wonyaka odlule ngezinye zezinto okubukeka zibe nomthelela ekutheni sinyuke isibalo sokuthengwa kwezimoto ezintsha ngohhafu wokuqala wonyaka.
Izibalo ziqhathaniswa nezangohhafu wokuqala wonyaka odlule.
Ngokwe-naamsa sinyuke ngo-33 291 noma u-13,6% zaba ngu-278 911 izimoto ezithengwe phakathi kukaJanuwari noJuni 2025.
Okhulumela i-WesBank uLebo Gaoaketse uthe yize ukwehla kwenzalo yemalimboleko kunciphise nomthwalo emakhasimendeni kodwa asaqhubeka nokuthwala kanzima.
Uthe lokhu bakubona ngokwenyuka kwesikhathi senkontileka yesikweletu abantu abayithathayo kanjalo nokuncipha kwemali abayibolekayo ukuthenga imoto.
“Lezi yizinto ezinkulu ezikhombisa ingcindezi ekhona yokwehlisa imali oyikhokha ngenyanga ukumelana nesidingo sokuthola imoto entsha. Ngamafuphi abantu baseNingizimu Afrika bafuna izimoto ezintsha kodwa bakhokha kancane kuzona,” kusho uGaoaketse.
USihlalo weNational Automobile Dealers’ Association, uBrandon Cohen, uthe izimoto ezibiza ngaphansi kukaR400 000 yizo ezikhombisa ukunyukelwa yisibalo sabazifunayo.
Ngokwe-naamsa, nesibalo sezimoto ezidayiswe ngaphandle kwakuleli kusuka kuqale unyaka kuya ekupheleni kukaJuni sinyukile. Zibe ngu-195 549 kanti nyakenye zazingu-190 662.
Iphawula ngezibalo zangoJuni ithe kuleli kudayiswe ezingu-47 294 okuyisibalo esinyuke ngo-7 444 uma kuqhathaniswa noJuni nyakenye.
Izinkampani ezidayise kakhulu yilezi:
Related Topics: