ABANTU abaningi bacabanga ukuthi ukuba nenkinga yokushoda kwezakhi zokudla okunempilo nezibalulekile emzimbeni kwenzeka kuphela uma kungekho ukudla okwanele, kanti akunjalo njengoba lesi simo senzeka ngisho ukudla kukhona kodwa kuwukuthi lokho kudla akunazo izakhi ezinempilo nezidingwa kakhulu wumzimba ukuze uphile kahle.
Kungakhathalekile ukuthi lokhu kungenxa yobubha, ukukhetha ukudla okungenampilo noma ukuncika kakhulu ekudleni osekuthakwe ngezithako ezenza kube yingozi emzimbeni, kepha lesi simo singaqhubeka sithiye abantu abadala nabancane.
Lokhu kushiwo ngabesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, bexwayisa abantu ngobungozi bokushalazela ukudla okunempiilo, okudala ukuthi umzimba ungondleki ngendlela efanele phecelezi i-malnutrition.
Inhlangano yezempilo emhlabeni i-World Health Organization (WHO) isanda kubika ukuthi lesi simo sikwezihamba phambili emhlabeni ngokukhinyabeza impilo yabantu, futhi kuvela nokuthi siyisizathu sokushona kwezingane ezineminyaka engaphansi kwemihlanu emhlabeni jikelele - sinjalo nje siholela nasekutheni kube lula ukuthi umuntu aphathwe yisifo sikashukela, isifo senhliziyo, nokuthi akhuluphale ngokweqile.
Nakhu obunye ubungozi balesi simo emzimbeni nasempilweni yomuntu:
- Ukungadli ukudla okunempilo ngokwanele kungenza ukuthi umqondo wakho ungatholi izakhi ezanele neziwufanele, bese kuba nzima ukubhekana nezimo ezithikameza ingqondo.
- Ukudla okunempilo nokunezakhi zempilo kusiza ukuthi kube lula ukwelulama uma ugula noma uma ulimele, ngakho uma ungakutholi ngokwanele kungaba nzima ukululama ekuguleni okuthile, uma ulimele noma uhlinziwe, kwenze ukuthi uhlale untekenteke futhi kube lula nokungenwa yizifo.
- Ukudla emzimbeni wakho ungakufanisa nophethroli emotweni, ngakho uma kuzoshoda okunempilo, kuba lula ukukhathala nokuphelelwa ngamandla, kangangokuthi kungenza ukuthi kube nzima ukugxilisa umqondo wakho entweni eyodwa, ezinganeni kwenza ukuthi zingakwazi ukugxilisa umqondo wazo ezifundweni nasemsebenzini wansukuzonke.
- Abantu besifazane abakhulelwe abangakutholi ukudla okunempilo ngokwanele bangaba nenkinga yokungakwazi ukukhulisa kahle umntwana abamkhulelwe, kuze kuqhubekele nasekutheni utete kungakabi yisikhathi, kubeke engcupheni umntwana omkhulelwe kokunye utete umntwana ongondlekile kahle.
- Ukushoda kokudla okunempilo emzimbeni kwenza ukuthi amathambo akho nezicubu zakho zomzimba kungaqini ngokwanele nangokufanele, okukubeka engcupheni yokuphuka kwamathambo ikakhulu ebantwini asebekhulile.
- Uma futhi ushodelwa yilokhu kudla uba sengcupheni yokungenwa kalula wumkhuhlane, i-pneumonia nesifo sofuba.
- Kwenza futhi kube lula ukuthi uphathwe ezinye izifo eziyimbelesela okukhona kuzona isifo sikashukela, umfutho ophezulu wegazi nesifo senhliziyo.
- Kwenza ukuthi ingane ingakhuli ngendlela efanele - kubalwa nokuthi ingaluleki ibe mfishane, ingakhaliphi ezifundweni .
- Kuthiya nokusebenza komqondo wakho, okugcina kuholela ekutheni ungabe usakhumbula ezinye izinto uma usumdala.
- Kwenza nokuthi kube buthaka amazinyo nezinsini zakho, okungenza ukuthi kube lula ukuphathwa yizifo eziyamene nalokho.