Isexwayiso kubazali kubhoka isifo sikashukela ezinganeni

Simangaliso Ntshangase|Published

LAPHA kungesikhathi uMphathiswa wezeMpilo eGauteng uNomantu Nkomo-Ralehoko enephini likaNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uDkt Joe Phaahla besengqugqutheleni yokudingida ngesifo sashukela

Image: ITUMELENG ENGLISH / INDEPENDENT NEWSPAPER

ISIKHUNGO sezempilo esizimele i-Affinity Health, sesixwayise abazali ukuthi baqaphele futhi banake izimpawu zesifo sikashukela ezinganeni zabo kusenesikhathi ukusiza ukuthi zingabi nenkinga yokuhaqwa kalula yilesi sifo esiyingozi nesinezidumbu phansi.

Lesi sikhungo sihlanganise lokhu sihambisana nombono we-World Diabetes Day, usuku lomkhankaso wokuqwashisa nokufundisa ngobungozi besifo sikashukela emhlabeni wonke jikelele okuba ngoNovemba 14, ngenhloso yokunqanda ukubhebhetheka kwaso.

UMnuz Murray Hewlett, isikhulu esiphezulu se-Affinity Health, uthe isifo sikashukela siyingozi kakhulu ngokuthi asihaqi abantu asebekhulile kuphela manje, njengoba zilokhu zanda izigameko lapho nezingane zihaqwa futhi zibulawa yisona emhlabeni wonke.

"Nakuba u-type 1 walesi sifo kuyiwona ovamile ebantwini abasebasha, kepha no-type 2 kubukeka ulokhu uqhubeka nokushaya kuzwele ezinganeni ikakhulu lezo ezikhuluphele ngokweqile neziphila impilo ngendlela yokungalandeli imigomo yabezempilo. 

Siyini isifo sikashukela ezinganeni?

Isifo sikashukela senzeka uma umzimba ungasakwazi ukukhiqiza i-insulin eyanele okwenza u-type 1 walesi sifo noma uma ungakwazi ukusebenzisa i-insulin ngendlela efanele, lokho okudala u-type 2 walesi sifo. I-insulin yile hormone elawula isilinganiso sikashukela egazini, ngakho ngaphandle kwayo kwakheka i-glucose egazini bese kuba nobungozi emzimbeni. Inkinga ngalokhu ezinganeni wukuthi isifo sikashukela siba namamdla kalula, kanti futhi uma singasukunyelwa ngokushesha - kuba lula ukuthi sibulale umntwana esimphethe.

Nazi izimpawu okungamele ukuthi abazali bazizibe:

  1. Ukomela amanzi ngokweqile nokuchama njalo: Izingane ezinesifo sikashukela zivame ukomela amanzi ngendlela engajwayelejile ngenxa yokuthi umzimba wazo usuke uzama ukukhipha ushukela omningi ngokuchama, okudala ukuthi usale womile okungenza nokuthi uma usuphiswe wumchamo kube yisimo esingabekezeleki esikusukumisa uhlezi phansi.
  2. Ukulamba ngokweqile nokwehla emzimbeni: Nakuba umntwana angabe udla kahle nangendlela efanele, kepha uma esenalesi simo angehla emzimbeni ngenxa yokuthi umzimba wakhe usuke sewuhluleka ukusebenzisa ushukela ukwakha amandla nomdlandla. Lokhu kuwuphawu lwe-type 1 yesifo sikashukela.
  3. Ukukhathala nokudinwa wubala: Izingane ezicathanyelwa yilesi sifo ziba nenkinga yokuhlale zikhathele, zidinwe wubala noma zingakwazi ukugxilisa umqondo wazo ezifundweni esikoleni.
  4. Ukungaboni kahle emehlweni: Ushukela omningi egazini ungenza ukuthi kuvuvukale emehlweni bese lokho kwenza ukuthi ungakwazi ukubona kahle, ngakho uma kwenzeka umntwana wakho eba nenkinga yokuvele angaboni kahle emehlweni kungonakele lutho nje, kungenzeka ukuthi sekuyinkinga yesifo sikashukela.
  5. Ukwephuza ukuphola uma elimele nokugula kalula: Uma umntwana wakho esenenkinga yalesi sifo kungenzeka ukuthi uma elimele noma enemihuzuko ethile, kuthathe isikhathi eside kunesifanele ukuthi abe ngcono noma ukululama ngokuphelele. Kanti futhi umntwana onalesi sifo angaba nezinkinga zesikhumba noma ubuhlungu esinyeni noma esithweni sakhe sangasese uma echama.
  6. Iphunga lokusasithelo emlonyeni: Enye yezimpawu eziyingozi okumele uziqaphele wukuthaphuka kwephunga lokusasithelo emlonyeni. Lokho kudalwa wukuthi umzimba usuke uzizamela ngokwawo ukucaba amafutha emzimbeni ngenhloso yokuzenzela amandla nokubuyisa umdlandla, bese ukhiqiza ama-ketones - uhlobo lwe-acid oluba yingozi emzimbeni.
  7. Ukuba nesicanucanu, ukuphalaza nobuhlungu obungajwayelekile: Uma kwenzeka ukuthi umntwana wakho avele abe nobuhlungu esiswini noma aphalaze nje kungenasizathu esicacile salokho, kungenzeka kube yinkomba yesifo sikashukela. Kanti futhi kungaba nawuphawu lokuthi umfutho wegazi uphezulu kakhulu emzimbeni wakhe.

Kusiza ngani ukusheshe uthole konke lokhu?

- Isifo sikashukela siyalawuleka ezinganeni uma zizonakekelwa ngendlela efanele, kodwa ukugoqa izandla nokushaya ngolonwabu ukwenza lokho kungenza ukuthi impilo yomntwana wakho ibe sengcupheni.