Ungalawulwa yizifo zengqondo ezingagwemeka kalula

Simangaliso Ntshangase|Published

UKUZIVOCAVOCA ngenye yezindlela ezisiza ukugwema izifo ezithiya ukusebenza kwengqondo

Image: SITHUNYELWE

NJENGOBA kuqhubeka inyanga u-Okthoba, eyaziwa ngokuthi yi-Mental Health Awareness Month, lapho kusuke kuqhutshwa khona umkhankaso wokuqwashisa abantu ngezimo nezifo zengqondo, kumqoka ukuqala ngokuthi sivume ukuthi lezi zimo zithiya futhi ziphazamise kangakanani empilweni yansuku zonke. 

Lokho kushiwo nguMnuz Murray Hewlett, isikhulu esiphezulu sesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, ngenkathi ekhuthaza abantu ukuba basukumele inkinga yezimo ezithikameza ukusebenza komqondo ezahlukene, ukugwema ukuthi zithiye impilo yabo.

Ukudloba kwezifo ezeyamene nokusebenza kwengqondo kufakazelwe nayinhlangano yezempilo emhlabeni iWorld Health Organization, ngenkathi idalula ukuthi izibalo zokucwaninga kwabo ngalesi simo zithi umuntu oyedwa kwabayisishiyagalombili emhlabeni unenkinga yesifo esithiya ukusebenz kwengqondo. Idalule nokuthi okubi kakhulu ngalokhu wukuthi uhhafu wabaphethwe yilezi zifo abalutholi usizo lokuzinqanda ngenxa yezinkoleloze ezikhona ngalezi zifo emhlabeni jikelele.

"Ukubeka eqhulwini ukusebenza komqondo wakho ngendlela efanele kubaluleke ngendlela elinganayo nendlela onakekela ngayo ezinye izimo nezingxenye zomzimba wakho, kanti futhi lokho kudingeka ukuthi kube wumkhuba wakho wansuku zonke. Ukuqala manje uqikelele lokho empilweni yakho, kungasiza ukunciphisa izinga lokugqilazeka kwengqondo, kwenze nokuthi uphile impilo ecolekile engenakugqilazeka," kusho uHewlett.

Kungani kumqoka ukunakekela ukusebenza kwengqondo yakho?

Izigidi zabantu emhlabeni ziphila nezimo ezahlukene ezithikameza ukusebenza kwengqondo, ikakhulu i-depression ne-anxiety, okuyizona zimo zokuphazamiseka kwengqondo ezihamba phambili. Inkinga ngalezi zimo wukuthi azithiyi emoyeni kuphela, kepha ziphazamisa okuningi empilweni yomuntu kubalwa isimo sempilo yomzimba wakho, ubudlelwano obehlukene onabo nabantu abehlukene, kuthiya indlela oqhuba ngayo emsebenzini; kanti futhi okukhulu kunakho konke wukuthi kubeka nempilo yomuntu engcupheni. Yingakho kumqoka ukusheshe uzisukumele lezi zimo zisuka nje kungaze kwande umonakalo.

Nakhu okunye okungakusiza ukugwema lezi zimo:

  1. Nciphisa isikhathi sokugqolozela i-screen: Ukusebenzisa isikhathi esiningi ugqolozele i-screen okungaba esikamakhalekhukhwini ubuka futhi ufunda okuningi okwehlukene okuvela khona, kungagcina kukuphazamisa emqondweni. Ezinye zezinto ezivela lapho zingenza ukuthi ugcine uba nengcindezi yokuziqhathanisa nabanye abantu, kokunye uze ube nemicabango eminingi ehambisana nomona. Ngakho kuyadingeka ukuthi ubuye uhlabe ikhefu kulezo zinto, ubeke umakhalekhukhwini wakho eceleni, uzame ukwenza izinto ezimqoka njengokufunda incwadi, ubhale noma uzihlalele nje, uphumule ekhaya lakho.
  2. Yenza uhlelo lokuzibonga nokujabulela onakho: Ukuzibonga nokuhlale uzincoma kunoma yini encane nenhle oyenzyayo noyizuzayo kungasiza  ukugudluza imicabango engemihle ngempilo, kwenze ukuthi ukhuthaleleukwenza izinto ezinhle.
  3. Zigcine umatasa: Lokho ungakwenza ngokuthi ukhuthalele ukuzivocavoca, kanti futhi ungakwenza nje kalula nangaphandle kokuzifakela ingcindezi yokukwenza ngendlela ethize engase ikusinde. Ungaqala ngokuthi uhambe nje, welule izinyawo, ubhukude, udanse, ushayele ibhayisikili, uqwale intaba noma uzilungisele ingadi ekhaya.
  4. Yakha ubudlelwano nabantu abehlukene: Ongoti bezempilo bahlale bekhuthaza ukuthi abantu bangabi ngonkomo edla yodwa, kepha babe nabantu abazwana nabo ukusiza ukuthi bathokozele impilo, futhi babe nabantu abajabula nabo nsuku zonke. Ngakho kumqoka ukwenza isikhathi sokujabula nabangani bakho noma abomndeni; kanti futhi uma kuwukuthi baqhelile nawe ngokuhlala, ungazijwayeza ukuxhumana nabo ocingweni.
  5. Beka eqhulwini ukulala ngokwanele: Umuntu udinga ukuthi alale okungenani amahora ayisikhombisa kuya kwayisishiyagalolunye ngosuku ukuze umzimba negazi lakhe kuzokwazi ukuphumula ngokwanele. Ngakho qikelela ukwenza lokho nsuku zonke ukusiza ukuthi umqondo wakho uhlale ukhululekile.