ONGOTI bathi buyingozi utshwala enganeni uma owesifazane ebuphuza ezithwele
Image: AYANDA NDAMANE/ INDEPENDENT NEWSPAPERS
ONGOTI bezempilo baveza ukuthi ukuphuza utshwala ukhulelwe kuyakuphazamisa ukukhula kwengane ngendlela
Image: PEXELES
YINTO eyaziwayo ukuthi i-Foetal Alcohol Spectrum Disorder (FASD), yisimo esiphazamisa ukukhula nempilo yomuntu osuke ezalwe wumzali obephuza utshwala esakhulelwe, sivame ukudalwa womama abaphuza utshwala bekhulelwe, kepha futhi sekuvele ukuthi nokuphuza kukababa kuba nomthelela omubi empilweni yomntwana.
Lokhu kuvezwe yithimba labacwaningi bezempilo abazimele, bebambisene nabeStellenbosch University, abathole ukuthi ukuphuza kukababa wengane nakho kungaba nomthelela othile omubi ekukhuleni komntwana uma eseneminyaka eyisikhombisa, abathi kubhebhethekisa umonakalo owenzeka ngenkathi unina naye ephuza utshwala esamkhulelwe.
Lokhu kuvele ocwaningweni olusanda kushicilelwa oluthi Alcohol: Clinical & Experimental Research, lapho abebecwaninga khona izimpawu ze-AFSD ezinganeni ezifunda uGrade 1 ezikoleni zaseWestern Cape, ukubheka ukuthi ukuphuza kukayise womntwana kuyiphazamisa kanjani impilo yomntwana onalesi simo ngenxa yokuthi unina wayephuza utshwala ekhulelwe..
Laba bacwaningi badalule ukuthi bathole ukuthi umonakalo uyaqhubeka ubhebhetheke uma kungukuthi nobaba womntwana uyaphuza, ngenxa yokuthi njengoba unina esuke ephuza, kusuke kubhekeke ukuthi uyise womntwana enze kangcono kunalokho ukusiza ukuthi umntwana akhule kahle.
"Ucwaningo lwethu luveze ukuthi izingane ezinobaba abaphuzayo zisethubeni lokuthi zizalwe zimfishane ngokwesilinganiso somzimba, ziba namakhanda amancane, futhi zingakhaliphi emqondweni ngendlela efanele. Kanti futhi kuvelile ocwaningweni lwethu ukuthi umntwana olengela engozini kakhulu ngozalwa ngabazali abadlonya kakhulu utshwala ngenkathi esakhulelwe. Sithole nokuthi u-66% no-77% wobaba bezingane ezinalesi simo babephuza utshwala ngenkathi onina besakhulelwe izingane zabo, okuvela ukuthi labo baba babephuza kakhulu kangangokuthi ngosuku bebenkunka iziphuzo zotshwala eziwu-12 kuya phezulu," kusho abalolu cwaningo.
Bangeze nangokuthi bathole ukuthi obaba abaphuza iziphuzo ezinhlanu kuya phezulu ngosuku baba nezingane ezimfishane nezinamakhanda amancane, futhi ezingenzi neze kahle imisebenzi ehlukene eveza nebeka obala izinga lokuhlakanipha kwazo.
"Kanti kuvele nokuthi uma oyise beqhubeka nokuphuza utshwala ngokweqile, yilapho kubhebhetheka khona umonakalo ezinganeni zabo ezishaya udaka emisebenzini eyahlukene edinga ukuhlakanipha komqondo. Nokho okumqoka okudinga ukuqashelwa ngalokho wukuthi kwenzeka ezinganeni ezisuke zizalwe wonina abebephuza besazikhulelwe," basho kanje.
Bathe kulolu cwaningo baqaphele ukuthi uma kuwubaba womntwana kuphela ophuzayo, aba mancane amathuba okuthi ingane ibe nale nkinga - kepha idloba kakhulu uma kuwukuthi unina ubephuza esayikhulelwe, bese kuba nzima kakhulu futhi uma kuwukuthi noyise uyabudlonya.
Lolu cwaningo lwenziwe ngokubambisana kwabacwaningi baseStellenbosch University, Medical Research Council of South Africa, University of North Carolina, University of New Mexio, State University of New York, Stanford University, California State University neSanford Health.