Abezifo eziyimbelesela nengcuphe yokuphathwa yisifo sohlangothi

Simangaliso Ntshangase|Published

Isifo sohlangothi

Image: Towfiqu Barbhuiya / Pexels

'INKOLELO-ZE yokucabanga ukuthi isifo sohlangothi yisifo esihaqana uma umuntu esemdala ngenye yezinto ezenza ukuthi kungabi lula kwabanye ukugwema ukuphathwa yisona, njengoba kuyisifo esifika noma yinini futhi esiyingozi kakhulu.'

Usho kanjalo uDkt Hofemeyr Viljoen, oyi-neuroradiologist yaseSCP Radiology. Lona udokotela ogxile ekwelapheni izifo ezithikameza ukusebenza kwengqondo, umgogodla, ikhanda nomqala. Lapha ubeqwashisa ngalesi sifo esingezinye zezibhuqabhuqa abantu emhlabeni wonke jikelele.

Siyini sona isifo sohlangothi?

Isifo sohlangothi esidume ngegama elithi i-stroke, siphathana ngokuthi sihlasele ingqondo ngendlela efana nelingana nokwenzeka uma ushaywa yisifo senhliziyo. Siphathana ngokuthi kunqamuke ukuhamba kwegazi ukuya ezingxenyeni ezithile zengqondo okudala ukuthi kuthikamezeke izicubu zomqondo kangangokuthi zize ziqale kancane.

Zimbili izinhlobo zalesi sifo ezejwayelekile:

  1. I-Schemic Stroke: Lolo uhlobu lwalesi sifo olujwayelekile, oludalwa wukuvaleleka kwemithambo yegazi okuvimbela ukuthi igazi liye ebuchosheni ngendlela efanele.
  2. Haemorrhagic Stroke: Lolu hlobo lwenzeka ngokuthi izingxayiya zobuchopho ziqhuma noma zopha, okungadala ingcindezi ogebhezini lobuchopho. Lokhu kuvame ukwenzeka ngokuthi kuvele kwenzeke esikhaleni nje ungalindele lutho, uphathwe yikhanda elibuhlungu ngendlela engabekezeli futhi elenza ube ntekenteke emzimbeni.

Yiziphi izimpawu okumele uziqaphele futhi uzisukumele ngalesi sifo?

Izimpawu zalesi sifo zivame ukufana cishe kuwo wonke umuntu, kungakhathalekile ukuthi uneminyaka emingaki.

  • Wukugeba kobuso kube sesimweni sokuthi bungasebenzi nje, bube ntekenteke ngendlela yokuthi ungezwa ngisho kunento ekuncinzayo.
  • Kungaba yisimo esifanayo futhi engalweni eyodwa, ivele ingasebenzi nje, noma ingabi namandla njengokujwayelekile.
  • Kungenza ukuthi uma sekukuhlasela ungakwazi ukukhuluma kahle noma kwenze ukuthi ungaqondisisi into ekhulunywa nawe.
  • Okunye kuba wukuthi umuntu aphelelwe ngamandla kungonakele lutho, abe nokudideka emqondweni okwenza angaziboni ukuthi ukuphi nendawo nokuthi kwenzakalani lapho ekhona.

“Nakuba kungavamile ukuthi lesi simo sikuhlasele usemusha kepha uma kwenzekile sakuhaqa singenza ukuthi ungakuthokozeli nhlobo ubusha bakho ngenxa yomthelela waso empilweni yesimphethe. Lapha eNingizimu Afrika nasemazweni amanye yilapho okubonakala kubhoka kakhulu khona lesi sifo okwenza ukuthi sibulale abantu abaningi esibaphathayo, ikakhulu labo abasuke benezinye izifo okungaba yigciwane lesandulela ngculazi. Ezweni lethu sekujwayelekile ukuthi abantu abaneminyaka ewu-20 kuya ku-40 abanegciwane lesandulela ngculazi bahaqwe yilesi sifo,” kusho uDkt Viljoen.

Yini okumele uyenze ukugwema ukudloba komonakalo?

  • Hlala uhlolela izifo ezahlukene eziyimbelesela futhi uhlale ubheka ukuthi umfutho wegazi usekahle yini emzimbeni wakho, qaphela isifo sikashukela nezinga le-cholesterol.
  • Hlolela isifo sofuba negciwane lesandulela ngculazi, kuthi uma kukhona otholakala unaso kulezi zifo, uqikelele ukusebenzisa imishanguzo yazo ngendlela efanele.
  • Phila ngendlela enempilo, ugweme ukubhema nokuphuza utshwala ngokweqile.
  • Uma uke uphathwe yizifo ezeyamene nenhliziyo, phuthuma kudokotela wakho ukubheka ukuthi asikucathameli yini lesi sifo.