Ukudla okudlayo nokugqilazeka emqondweni kungakuphathisa ngekhanda

Simangaliso Ntshangase|Published

ONGOTI bezempilo baxwayisa ngobungozi bokuphathwa yikhanda

Image: SITHUNYELWE

UKUPHATHWA yikhanda ngenye yezinkinga zezempilo ezivame ukuhlupha abantu abaningi. Nakuba abaningi behlale bezitshela ukuthi ukuphathwa yikhanda kungenxa yokugqilazeka komqondo ngenxa yosuku olude noma ngoba usuke ugqolozele i-screen isikhathi eside, akuhlale kunjalo njengoba lesi simo sibuye sidalwe ngezinye izizathu.

Leso yisexwayiso sabesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, becebisa futhi befundisa abantu ngezinhlobo ezahlukene zokuphathwa yikhanda okukhona kuzona i-tension headache ne-migraine, okungenzeka uzizwe ngendlela ecishe ifane uma kukuphethe, kodwa kube kungafani ncamashi.

I-tension headache wuhlobo lwekhanda olujwayelekile nolwaziwa kakhulu. Lona luvame ukukuphatha ngokuthi kube sengathi kukhona into ekushayayo okhakhayini, enhlafunweni, entanyeni nasesiphundu. Abantu abaningi bavame ukuchaza lowo muzwa ngokuwufanisa nokuthi kuba sengathi uboshwe ngebhande laqiniswa ekhanda lakho.

Lolu hlobo lwekhanda luvame ukuqala kancane, kancane sakukucathamela luze lugcine lukushaya ngamandla. Luvame ukukuhlasela imizuzu ewu-30 kuya emahoreni ambalwa, kuthi kwesinye isikhathi luthathe izinsuku ezimbalwa impela nje. Ngokuvamile, ludalwa wukugqilazeka komqondo nomzimba, wukukhathala nokugqilazeka kwamehlo - kanti luvame ukubamba izitshudeni, abasebenzi nabantu abasebenzisa kakhulu omakhalekhukhwini namakhompyutha.

I-migraine yona akukhona ukuphathwa yikhanda nje elingatheni, kepha kuba yisimo esibucayi ngendlela yokuthi singaphazamisa impilo yakho yansuku zonke ngenxa yobuhlungu balo obuvame ukushaya ohlangothini olulodwa lwekhanda. Luvame ukuziveza ngezimpawu okukhona kuzona ukuphalaza, ukungezwani nokukhanya, wumsindo nephunga elithile nokuphelelwa ngamandla, uhlale ukhathele ngisho ungenzanga lutho olutheni.

Lolu hlobo luhlasela amahora kuya ezinsukwini ezintathu, kanti kwabanye abantu luvame ukwenza ukuthi bahlale bekhathele, badinwe wubala, noma bahalele izinhlobo zokudla okuthile ngaphambi kokuthi bahlaselwe yilesi simo. Emva kwalesi simo, umuntu usala eyimvithi engakwazi ukwenza lutho sidalo, abe yisicaba nje esikhathele.

Lesi simo sivame ukudloba ngenxa yokushintshashintsha kwama-hormone kwabesifazane, ukudla okuthile njengo-cheese, u-chocolate noma iwayini, ukugqilazeka emqondweni nasemoyeni nokungalali ngokwanele.

Yinini lapho okumele ubonane nodotela khona?

  • Uma lesi simo sikuhlasela esikhaleni nje nangokunamandla.
  • Uma lesi simo sikuvusa ulele ebusuku.
  • Uma sihambisana nokugodola kube kungabandi, wukudideka emqondweni, wukuquleka, ukhohlwe yizinto eziningi nokuphalaza.
  • Uma unenkinga yomfutho ophezulu wegazi noma unomlando wokuphathwa yizifo ezithikameza umqondo.

I-tension headache ungayelapha ngokuthi uphumule ngokwanele, uphuze amanzi ngokwanele, noma usebenzise imishanguzo eqondene nayo okubalwa kuyona i-ibuprofen noma i-paracetamol.

Kanti i-migraine yona idinga ukwelashwa okuningi nokunzulu njengoba ngale kwemishanguzo yokulwa nezinhlungu, kungenzeka udinge eminye futhi ukulawula isimo nokugwema ukudloba komonakalo.

ONGOTI bezempilo baxwayisa ngobungozi bokuphathwa yikhanda

Image: SITHUNYELWE