Ukungingiza akwelapheki kepha kukhona ongakwenza ukukulawula

Simangaliso Ntshangase|Published

esibhedlela

Image: pexels

NAKUBA kunganakeki kangako kwabanye abantu kepha ukungingiza kungamthikameza kakhulu lowo okumenzayo kangangokuthi kwabanye kwenza nokuthi umuntu aphelelwe wukuzethemba, angenzi kahle ezifundweni, anqene ukukhuluma ngokukhululeka nabanye abantu futhi kungamthikameza nasemqondweni imbala.

Lokho kushiwo ngabesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, befundisa abantu ngokungingiza, okuyisimo esiphazamisa nesithiya indlela umuntu akhuluma ngayo. sithikameza cishe u-1% wabantu emhlabeni jikelele. Kuvame ukuthi kuqale ukwenzeka ezinganeni ezineminyaka emibili kuya kwemihlanu kanti nakuba ezinye zikhula zisinqobe lesi simo, kepha abanye sibahlupha ngisho sebekhulile unomphelo.

Kuyini khona ukungingiza?

Le nkinga yokukhuluma iwukuphazamiseka noma ukungakwazi ukuphimisa amagama kahle nangendlela ejwayelekile okubandakanya ukuphindaphinda amagama njalo uma ukhuluma.  Lokhu kuphazamiseka kwenza uthathe isikhathi eside kunesifanele nesijwayelekile ukuphimisa igama elithile nokubindeka uma uzama ukuphimisa amagama athile, noma ukhuluma nje.

Ukungingiza akulona uphawu lokuthi awuhlakaniphile noma lokwesaba ukukhuluma, njengoba abantu abaningi ababa nale nkinga basuke bazi kahle ukuthi bafuna ukuthini, bese inkinga kube wukuthi kungaphimiseki kahle abafuna ukukusho ngaleso sikhathi.

Kumqoka futhi ukuqaphela ukuthi cishe zonke izingane uma zisakhula ziba nenkinga ejwayelekile yokungakwazi ukuphimisa kahle amanye amagama. Kodwa inkinga nokukhathazeka kuqala uma ukungingiza kuqhubeka kube mandla ngisho umuntu eseneminyaka engaphezu kwemine.

Kudalwa yini ukungingiza?

  1. Ufuzo: Lesi simo sivame ukwenzeka nokwanda ngenxa yofuzo uma kunothile owayenaso emndenini, njengoba ucwaningo lwabezempilo ludalula ukuthi u-60% wabantu abanale nkinga kusuke kunabathile emndenini  abake baba nayo.
  2. Ukwehluka kwendlela yokusebenza komqondo: Ukucwaninga kwabezempilo kwadalula ukuthi umqondo wabantu abangingizayo awuifani ncamashi nowalabo abangangingizi,  ikakhulu ekutheni balwamukela kanjani ulwazi lwabakuzwayo nabakufundayo, nendlela abenza ngayo ngaphambi kokuphimisela.
  3. Ukungasheshi ukukhula ngendlela efanele nejwayelekile: Izingane eziba nale nkinga ezisuke zingasheshanga ukufundiswa ukuphimisela amagama athile.
  4. Izinkinga zempilo yansuku zonke: Nakuba lokhu kungesona isizathu esiqondile ngqo, kepha ukuba nezinselelo eziningi eziphazamisa impilo yansuku zonke, ukungaboni ngaso linye emndenini nokunye okunjalo - kungenza lesi simo sibe mandla enganeni.

Izimpawu zale nkinga konayo:

  • Ukungaswabuluki ebusweni uma uzama ukukhuluma, kuqhanse imithambo entanyeni, kudlengezele namahlombe.
  • Ukuzwakala kakhulu lapho uzama ukukhuluma.
  • Ukugwema ukuphimisa amagama athile.
  • Ukungafuni ukukhuluma ikakhulu uma kunabantu abaningi.
  • Ukuguquguquka kwendlela ophefumula nophimisela ngayo amagama uma ukhuluma.

Okunye okudinga ukuqashelwa ngalokhu wukuthi izingane ezinale nkinga kungenzeka kuthathe isikhathi eside ukuthi ziqaphele lokho ngazo, kanti asebekhulile bona bangaba nenkinga yokungakhululeki uma besendaweni enabantu abaningi, bangazethembi futhi bagweme ukukhuluma.

Okumele ukwenze ukuzama ukulungisa lesi simo:

  • Umzali kumele asukumele le nkinga uma umntwana eqhubeka engingiza ngisho eseneminyaka eyevile kwemine.
  • Uma ukungingiza kwenza uze ungaswabuluki ebusweni futhi kwenza nokuthi kudlengezele umzimba.
  • Wukuthi umntwana akhombise ukuphoxeka nokungakhululeki uma ezama ukukhuluma.
  • Uma kuwukuthi kunomlando wabantu abake baba nale nkinga emndenini.

Okudingeka ukuthi kuqashelwe wukuthi alikho ikhambi lalesi simo kodwa zikhona izindlela ezingasetshenziswa ukusilawula nokunqanda umonakalo.

  1. Speech Therapy: Ukusebenzisana nomuntu oqeqeshelwe ukufundisa abantu indlela nobuchule bokukhuluma, phecelezi i-speech therapist, ngenye yezindlela ezisiza ukunqanda ukubhoka komonakalo wale nkinga. Labo bantu basiza ngokuthi bakwazi ukukufundisa ukukhuluma ungasheshi, bakulawulele nendlela yokuphefumula uma ukhuluma nokuthi ungatatazeli uma lingaphimiseki kahle igama.
  2. Cognitive Behavioral Therapy: Lolu wuhlelo lokululekwa ngokwengqondo olusiza ukwehlisa ukhwantalala, futhi lulwa nemicabango engemihle umuntu angaba nayo ngenxa yokungazethembi okudalwa wukungingiza ikakhulu ezinganeni nakubantu abasha.
  3. Support Groups: Okunye okungasiza wukuthi ube yingxenye yamaqoqo okukhuthazana ukulekelela  ukuthi lesi simo singakuphazamisi kakhulu.
  4. Ukungenela kwabomndeni: Abomndeni nabo bengabamba iqhaza elikhulu lokuthi  owomndeni onalesi simo angazizwa eyedwa.