Ukuswela ulwazi kusabalalisa amanga ngokunikela ngomnkantsha

Simangaliso Ntshangase|Published

KUKHUTHAZWA abantu ukunikela ngomnkantsha kwabadinga lolo sizo ngokushesha

Image: SITHUNYELWE

“ZININGI izinto ezingelona iqiniso ezihlale zishiwo ngabantu mayelana nokunikela ngomnkantsha (bone marrow) yingakho sifuna ukusiza ngokufundisa abantu nomphakathi wakuleli zwe ukuthi ukwenza izinto ezinjalo kulula futhi kushesha kangakanani kwabakwenzayo.”

Sisho njalo isikhulu esiphezulu sesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health uMnuz Murray Hewlett, silandisa ngekhwelo labo lokufundisa abantu ngokubaluleka kokunikela ngomnkantsha  ikakhulu kulesi sikhathi njengoba kuqhubeka umkhankaso wenyanga yonke oqale ngo-Agasti 15 wokuqhakambisa lokho iBone Marrow Stem Cell Donation and Leukaemia Awareness Month.

Uthe eNingizimu Afrika bangaphezudlwana kancane kuka-73 000 abantu ababhalisele ukunikela ngomnkantsha, okuyisibalo esinganele ukusiza ukunqanda inkinga yabasuke bedinga ukunikelelwa ngawo ngenxa yezimo ezahlukene zezempilo.

“Okunye okukhathazayo ngalokhu wukuthi kulesi sibalo bawu-10% abantu abamnyama okwenza kuthwale kanzima ukuthola abantu abanegazi namathambo okumeshelana nabasuke bedinga usizo ngokushesha. Okunye kwezinto ezenza lokho yizinkolelo ze ezikhona nezihlale zisabalala ngokwenza lokhu, okwenza abantu bangabi nklamunklamu ukusukumela phezulu ukusiza kulezi zimo uma kunesidingo,” kusho uHewlett.

Nakhu okumele ukwazi futhi ukuqonde ngalesi simo:

  1. Isikhathi esiningi lokhu kwenziwa ngendlela elula engebuhlungu, futhi efanayo nokwenziwa ngayo uma kunikelwa ngegazi kwabalidingayo. Akubuhlungu ngale ndlela abantu abaningi abacabanga, baze bakhohlisane ukuthi kubuhlungu ngayo.
  2. Bangaphansi kuka-10% abantu okuyaye kudingeke ukuthi babhekane nobunzima bohlelo lokuhlinzwa uma befuna ukunikela ngomnkantsha, futhi akulona iqiniso ukuthi ukunikela kwenza uhlale esibhedlela isikhathi eside, njengoba kuyaye kudingeke ukuthi wenze lokhu ngosuku noma izinsuku ezimbili kuphela.
  3. Ukubhalisela lolu hlelo kuyashesha futhi akunamicikilisho eminingi, ngakho akulona iqiniso ukuthi uma ulubhalisela usuke ufana nomuntu ofaka isicelo sokuzikhathaza.
  4. Balinganiselwa ku-70% abantu abagulayo nabadinga lolu sizo kepha abangakwazi ukusizwa ngabantu bomndeni wabo, ngakho kungamampunge ukuthi wenza lokhu ebantwini bomndeni nasezihlotsheni kuphela.
  5. Umzimba uyashesha ukubuyelwa ngamandla nomdlandla ofanele uma sewenze lolu hlelo, ngakho ungavumeli muntu akusabise ngokuthi ume sewenza lolu hlelo uzoba ntekenteke isikhathi eside.