Ubudedengu babazali nokuphuzela ebhishi kwandisa ababulawa wukuminza

Simangaliso Ntshangase|Published

UKUHLONIPHA imithetho yasebhishi kumqoka kuwo wonke umuntu osuke eyozipholela

Image: SITHUNYELWE

UKUMINZA yisimo esingenzeka noma yinini noma yikanjani okungaba kwi-swimming pool osegcekeni, ebhishi nje elijwayelekile noma edamini elithile endaweni - yingakho kumqoka ukwazi okumele ukwenze uma kuvela isimo esinjalo esingasho ukufa noma ukuphila.

Leso yisexwayiso sabesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health njengoba ngoJulayi 25 bekuyi-World Drowning Prevention Day, usuku olugujwa umhlaba wonke lokuxwayisa abantu nokubaluleka ngokumele bakwenze ukugwema izigameko zokuminza kwabantu.

Ucwaningo olusanda kushicilelwa yi-International Journal of Environmental Research and Public Health ludalule ukuthi eNingizimu Afrika zilinganiselwa ku-1 477 izigameko zokufa kwabantu ezeyamene nokuminza emanzini, eziningi zazo okuyizigameko ezithinta izingane ezisuke zisanda kuzalwa kuya kwezineminyaka emine, nabesilisa abaneminyaka ewu-15 kuya ku-24.

ONGOTI bezempilo bacebisa ngokungasiza ukuhlenga impilo yomuntu ominzayo

Image: SITHUNYELWE

KULABO abazifela ngokuya olwandle bayaxwayiswa ukuthi bangasondeli kulo bedle amanzi amponjwana

Image: SITHUNYELWE

Lolu cwaningo ludalule nokuthi abantu besilisa yibona okubonakala besemathubeni amakhulu okuminza kunabesifazane, nokuthi ukuminza kungesinye sezizathu zezingozi ezihamba phambili ngokubulala izingane ezinenminyaka emihlanu kuya phansi ezweni. 

Okunye okuqaphelekayo ngalezi zigameko wukuthi izigameko eziningi zalolu hlobo zivame ukwenzeka endaweni eyibangana nje nalapho umuntu esuke engathola usizo khona, okuthi ngesikhathi sekutholakala usizo kosenkingeni umonakalalo usuke usumkhulu kakhulu.

Nazi ezinye izindlela zongakwenza uma kukhona osenkingeni yokuminza:

  1. Qinisekisa ukuthi wena uphephile kuqala: Qala uhlole ubunzima besimo ukuthi bungakanani ngaphambi kokugxumela emanzini ukusiza. Ungasebenzisa intambo noma induku ukuhlenga ominzayo kunokuthi uzifake engcupheni, ngaphandle-ke uma kuwukuthi ukuqeqeshelwe ukubhukuda nokusiza abantu abakule nkinga. Ungathinta abezimo eziphuthumayo ube uqhubeka usiza ngongasiza ngakho.
  2. Khipha ngokushesha umuntu ominzayo: Mkhiphe ngokushesha kodwa futhi uqinisekise ukuphepha. Gwema ukumgxavuna ikakhulu ngasentanyeni nasekhanda.
  3. Bheka ukuthi usezwa nokuthi uyaphefumula yini omsizayo: Uma umuntu omsizayo ekhombisa ukuthi akezwa futhi akaboni ukuthi kwenzekani, nokuthi akasaphefumuli - phuthumisa ukumenza i-cardipulmonary resuscitation (CPR), ukuzama ukubuyisa umoya nokushaya kwenhliziyo ngokucindezela isifuba kulowo osenkingeni. Uma esaphefumula kodwa esesimeni esibucayi, mbeke phansi ngesineke.
  4. Thinta abezimo eziphuthumayo: Uma ubhekene nesimo esinjena futhi ubona ukuthi singaphezu kwamandla akho, thinta abezimo eziphuthumayo ngokushesha ukuze usizakale kungakonakali kakhulu.

Ungakugwema kanjani ukuminza ikakhulu komntwana wakho?

 

  • Ungashiyi izingane zodwa eduze namanzi, ngisho noma ngabe uzosheshe ubuye.
  • Faka uphahla noma umpheme wokuhlukanisa i-swimming pool negceke lakho ukuthi kungangeni noma wubani noma yikanjani.
  • Fundisa izingane zakho ukubhukuka zisencane.
  • Zifundise ukuthi yenziwa kanjani i-CPR ukuze ukwazi ukusiza ezimeni ezibucayi.
  • Qaphela uma usebhishini noma edanyini noma ngabe bakhona abantu abaqaphe isimo.

KUHLE abantwana bafundiswe ukubhukuda besibancane ukuze kwegwenywe ukuthi bagwilize

Image: SITHUNYELWE