Ukudla izithelo ngokweqile kungaba yingozi kwabanoshukela

Simangaliso Ntshangase|Published

ONGOTI bacebisa ngezithelo eziyingozi uma zidliwa ngabanesifo sikashukela

Image: SITHUNYELWE

NAKUBA abantu abaningi bezitshela ukuthi ukuphathwa yisifo sikashukela kudinga ukuthi udle ukudla okunempilo kakhulu kuhlanganisa nezithelo ukuze umzimba uhlale unamandla, kodwa futhi zikhona izithelo ezingaba yingozi emzimbeni uma uzidla ngokweqile.

Lokho kushiwo ngabesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, bexwayisa abantu abanalesi sifo ngokuthi nakuba kumqoka ukuthi baziphathe kahle futhi badle ukudla okunempilo ukusiza ukuthi baphile kade, kepha futhi kumele bagweme izidlo ezithile ezinempilo ngoba ukuzidla mawala kungaba nomthelela omubi egazini nasemzimbeni.

Bathe lokho kwenzeka ngokuthi kunezithelo ezine-fructose, okuwushukela otholakala kuzona, nongabonakala sengathi unempilo kunoshukela ojwayelekile, kodwa okuthi uma sewudle leso sithelo, umzimba uwuphendule uwenze ube yi-glucose lokho okungenza ukuthi kulabo bantu abanesifo sikashukela, likhuphuke kakhulu izinga likashukela egazini.

Ezinye zezithelo okumele unciphise kuzo uma unesifo soshukela

  1. Ubhanana: Lesi sithelo sino-15g kashukela ojwayelekile. Ukuwudla ngokweqile kuguqula isitashi emzimbeni, kwenze sibe wushukela yingakho abantu abanesifo sikashukela kumele bawudle kancane, bese bewuthaka nezithelo ezinempilo nezingenawo amafutha ukugwema ingozi.
  2. Amagrebhisi: Inkomishi yamagrebhisi ino-23g kashukela ojwayelekile no-1g we-fibre, okwenza kube lula ukuhalela ukuwadla ngokweqile. Kwabanoshukela kumele bawadle kancane, futhi bawathake nokudla okunempilo okungaba wu-cheese noma amakinati ukusiza kubulala ushukela okuwona.
  3. Umango: Wona uno-45g kashukela, okusho ukuthi yisilinganiso esingangama-teaspoon amathathu. Nakuba unempilo kodwa kumele ungadliwa kakhulu ukugwema ushukela okuwona. 
  4. Uphayinaphu: Ucezu olulodwa lukaphayinaphu lunesilinganiso sikashukela ofinyelela ku-10.6g ne-fibre ewu-1.2g. Lokho kungaholela ekutheni kwenyuke isilinganiso se-glucose emzimbeni uma uwudla ngokweqile, ngakho ukuze ugweme lokho - nawo ungawuthaka namakinati noma i-yoghurt ukusiza ukunciphisa ushukela okuwona. 

Nokho akuzona zonke izithelo ezinoshukela omningi namafutha angaba yingozi egazini. Zikhona ezidingeka kakhulu nezisiza umzimba ukubuyisa amandla. Ezinye zazo yilezi:

- Ama-berry okungaba aba-strawberry, blueberry nama-rasberries.

- Ama-aphula namagonandoda.

- Ukwatapeya

- Amagwava.

Ukukwazi ukumelana nesifo sikashukela akusho ukuthi yeka ukudla izithelo, kepha kusho ukuthi kumele ubheke indlela othaka ngayo ukudla okudlayo, yindlela okudla ngayo nezikhathi odla ngazo ukugwema ukuzigwaza ngowakho ngento ebingagwemeka.