ONGOTI bezempilo baxwayisa ngobungozi bokuvukula nokushintsha kombala emilenzeni nasezinyaweni
Image: SITHUNYELWE
KUNGENZEKA yini ukuthi uqaphela ukuvuvuka noma amabala aluhlaza okanye asabukhwebezane emilenzeni noma ezinyaweni zakho? Yazi ukuthi akuwena wedwa onaleso simo esibizwa nge-varicose veins, nesivame ukunakashela kakhulu abantu besifazane, abantu asebekhulile noma ngubani ochitha isikhathi eside emile noma ehleli phansi.
Nakuba abanye bevame ukusishaya indiva lesi simo ngoba besibuka ngokuthi singamahlalakhona, kodwa ukuhaqwa yisona kungaba wuphawu lwengozi, kangangokuthi uma ungasisukumeli ngokushesha, singandisa umonakalo egazini nasemzimbeni wakho.
Lokhu kushiwo ngabesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, bexwayisa ngalesi simo - abathi uma kubuhlungu, uvuvukala noma kuba noshintsho esikhumbeni sakho, kumele usukume ngokushesha uthole usizo kungaze konakale kakhulu.
Ayini ama-varicose veins?
Yilapho imithambo yegazi, ikakhulu esemilenzeni iyeka khona ukusebenza ngendlela ejwayelekile, okwenza ukuthi igazi libuyele emuva, lingafinyeleli kahle nangokugcwele ezicutshini zomzimba. Ngokujwayelekile lokho kwenzeka emva kokuthi lokhu kulokhu kwenzeka kwesingezansi emzimbeni ngenxa yokuma nokuhlala phansi isikhathi eside, ukukhuluphala nokukhulelwa. Lesi simo sivame ukuzikholisa ebantwini abaneminyaka engaphezu kuka-40, abesifazane abakhulelwe, abakhuluphele ngokweqile nakulabo okunomlando wamalungu omndeni aba kulesi simo phambilini.
Yiziphi izimpawu okumele uziqaphele?
- Wukulunywa emilenzeni.
- Wukuphathwa ngamajaqamba ebusuku.
- Wukuba nesikhumba esomile ikakhulu ngasemaqakaleni.
- Wukukhathala ngokweqile emva kokuma isikhathi eside.
Lezi zimpawu zivame ukuba mawala kakhulu ebusuku noma emva kokuba nosuku olukugqilazile ngenxa yomsebenzi obuwenza obudinga ukuthi ume noma uhlale phansi isikhathi eside.
Buyini ubungozi balesi simo emzimbeni womuntu?
- Uma imithambo yegazi ingasasebenzi ngendlela efanele igazi libuyela enhliziyweni okungenza ukuthi uvuvukale ezithweni nasemilenzeni, futhi kungenza ukuthi uphathwe ngama-ulcer futhi kube noshintsho olungajwayelekile esikhumbeni sakho.
- Kungaba nobuhlungu obungabekezeleleki ezinyaweni ngasemaqakaleni.
- Kungashintsha isikhumba, sibe luhlazana.
Uma kwenzeka ukuthi ukube buhlungu esikhaleni nje emilenzeni, kuvuvukale, kushintshe isikhumba ikakhulu emlenzeni owodwa, thola usizo lwabezempilo ngokushesha.
Nakhu ongakwenza ukugwema ukubhebhetheka komonakalo:
- Yelula imilenze yakho uma uphumula noma ulala.
- Gwema ukuhlala phansi noma ukuma isikhathi eside.
- Gwema ukukhuluphala ngokweqile.
-Jwayela ukuzivocavoca okuzokusiza ukuze igazi ligijime ngendlela efanele emzimbeni.
- Phuza amanzi ngokwanele futhi udle ukudla okunempilo.
Ubonana nini nodokotela?
- Uma kuba buhlungu emilenzeni nasezinyaweni futhi kuvuvukala.
- Nxa kuba noshintsho olungajwayelekile esikhumbeni sakho futhi lokho kwenza ungakwazi ukulala kahle.