NGAPHANDLE kwemigubho nemicimbi eyahlukene eyenziwa eNingizimu Afrika ngoJuni, ukubungaza nokukhumbula iqhaza elabanjwa yintsha eyayiphila ngesikhathi okwakubusa ngaso uhulumeni wengcindezelo, le nyanga ibuye futhi yaziwe ngokuthi yi-Men’s Health Month, okwenziwa ngenhloso yokukhuthaza abantu besilisa ngokumele bakwenze nokumele bakugweme ukuze baphile ngendlela efanele.
Ukufakazela lokho, isikhungo sezempilo esizimele, i-Affinity Health, sicebise abantu besilisa ukuthi bayeke ukudembesela uma kukhona abangakuzwa kahle emizimbeni yabo ngoba kusuke kungenzeka ukuthi kuyizimpawu zezinto ezingaba yinkinga ngokuqhubeka kwesikhathi.
Nazi ezinye zezimpawu okumele abantu besilisa baziqaphele futhi bangazizibi;
- Ubuhlungu esifubeni: Nakuba lokhu kungahlale kweyamene nesifo senhliziyo kepha kungenzeka kube wuphawu lokucathanyelwa yisona. Ubuhlungu besifuba okuthatha isikhathi eside kangangokuthi kuze kweyamele ezingalweni, emahlombe, emqaleni nasemhlathini kusuke kudinga ukusukunyelwa ngokushesha.
- Ukuncipha emzimbeni esikhaleni nje: Ukuvele unciphe emzimbeni kube kungesikho ukuthi uyazivocavoca futhi ungadli ngendlela ethize engadala lokho, kungaba wuphawu lwenkinga ekucathamelayo. Ngakho uma kwenzeka uba nenkinga enjalo engakucaceli ukuthi ibangelwa yini, isukumele ngokushesha ngoba ingaba wuphawu lokuthi ucathanyelwa yisifo sikashukela noma ezinye izifo eziyingozi.
- Ukuhlale ukhathele: Lana asikhulumi ngokukhathala okudalwa wukusebenza kanzima emsebenzini kepha sisho ukukhathala okunganqamuki, kwale ngisho usuphumule ngokuphelele. Lokhu kungaba yingozi ngoba kwesinye isikhathi kusuke kubikezela ukuthi mhlawumbe unesilinganiso esiphansi kakhulu se-testosterone emzimbeni, futhi kungaba nangenxa yokuthi ucindezelekile emzimbeni; kokunye kube wuphawu lwezifo eziyingozi okungaba yisifo senhliizyo noma inkinga ezinsweni.
- Ukuba nenkinga uma uchama: Ukuchama kaningi, ikakhulu ebusuku, wukuzwa ubuhlungu uma uchama kungaba yizimpawu zomdlavuza wendlala phecelezi i-prostate cancer.
- Ukunqanyukelwa wumoya: Ukuvele uphelelwe wumoya noma ngamandla ngisho wenza umsebenzi ojwayelekile nongakhathazi ngaleyo ndlela, nakho kungaba yisibikezelo senkinga yezifo okungaba yi-asthma, yisifo senhliziyo noma i-anaemia.
- Ukuvuvukala ezindaweni ezibucayi emzimbeni: Ukuvuvukula noma umile amagquma noma amapamuza ezithweni zomzimba okungaba yikumphambili, emqaleni, esibeleni nasemakhwapheni akumele ukushaye indiva. Kungaba yizinkomba zenkinga okudingeka ukuthi uyisukumele ngokushesha.
- Ukungaqini kwenduku ngendlela efanele: Lokhu akugcini ngokuba yinkinga ebudlelwaneni kwabantu abathandanayo kuphela kepha kuwuphawu lwenkinga enkulu engaba nomthelela omubi empilweni uma ungayisukumele kusanesikhathi.
- Ukungagayeki kahle kokudla: Lokhu kuhlale, kuhlale kwenzeke kunoma wubani kodwa ukuvama ukwenzeka kwakho kungafakazela ukuthi ucashanyelwa yinkinga yama-ulcer, nesimo esingaba yingozi engaholela ekutheni uphathwe wumdlavuza oweyamene nesisu noma umphimbo, phecelezi i-stomach ne-esophageal cancer.
Okungasiza ukugwema izimo ezifuze lezi wukuhlale uhlolela izifo ezahlukene, ungalindi ukuthi uze ugule kuqala ngaphambi kokusukuma uthole usizo. Lalela umzimba wakho; uhlale uzosho futhi ukhombise uma kukhona okungahambi kahle kuwona.