Esibhedlela
Image: Sigciniwe
KUNEZIFO esikhule kwaziwa ukuthi zihlasela abantu asebekhulile kakhulu kuphela, okuthi ngokuqhubeka kwesikhathi kugcine kuvela ukuthi kanti akunjalo. Esinye salezo zifo yiMultiple Sclerosis, esidume ngokuthi sishaya kwezwele kakhulu kubantu abadala. Nokho isikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health sesidalule ukuthi lesi sifo siyaziphatha nezingane, futhi sibukeka siqhubeka siba yingozi kakhulu kuzona manje.
Iyini yona i-Multiple Sclerosis?
Lesi yisifo esihlasela isikhathi eside esenzeka ngokuthi amasosha omzimba womuntu ahlasele izivikeli zezinzwa zengqondo nomgogodla, okwenza ukuthi kube nzima ukuthi umqondo ukwazi ukuthumela imiyalezo emzimbeni wonke, futhi kwenze nokuthi kungaxhumaneki kahle, okungenza ukuthi umuntu onaleso simo angaphatheki kahle, futhi angabi nakho ukuthula empilweni.
Ngokujwayelekile lesi sifo siyaye sihlasele abantu abaneminyaka ewu-20 kuya ku-40, kodwa futhi kuyenzeka kwesinye isikhathi sihlasele ngisho izingane ezineminyaka ewu-10 nje kuphela. Lokho kuvezwe wucwaningo lweNational Multiple Sclerosis Society, idalula nokuthi u-2% kuya ku-5% wabantu okugcina kuvela ukuthi unalesi sifo, sisuke siqale ukubacathemela nokuzikholisa kubona beseyizingane.
Yehluka kanjani indlela lesi sifo esihlasela izingane nabantu abadala ngayo?
Ezinganeni sivame ukushaya kwezwele kakhulu kunakubantu asebekhulule, kodwa futhi izingane yizona ezinethuba elikhulu nelingcono lokululama kusona. Nokho okubi kakhulu ngokuhlaselwa yilesi sifo wukuthi ngokuhamba kwesikhathi sigcina siba nomthelela omubi emqondweni kangangokuthi singenza ukuthi ungabe usazikhumbula ezinye izinto, senze ukuthi ungakwazi ukugxilisa umqondo wakho entweni eyodwa ngesikhathi. Yingakho kumqoka ukuthi sisheshe sibonakale kwesibaphehe kungakonakali kakhulu ukuze belapheke.
Izimpawu zalesi sifo ezivame ukusheshe zibonakale ezinganeni:
- Wukungaboni kahle emehlweni into esobala, nokuthi into eyodwa uyibone sengathi yimbili.
- Wukukhathala ngokweqile ngisho ukade uphumulile.
- Wukuba buthakathaka nokuba ntekenteke kwezihlakala namalunga omzimba.
- Wukuba ntekenteke emlenzeni nasezingalweni.
- Wukungakwazi ukugxilisa umqondo entweni eyodwa.
- Wukuba nenhliziyo encane kungonakele lutho nje, udinwe wubala.
- Wukuba nesicanucanu, uphathwe yikhanda nesiyezi.
Lezi zimpawu zingaba khona, zibuye zingabi khona kodwa uma uqaphela ukuvama ukuvela kwazo emntwaneni wakho, ungazishayi indiva - kodwa zisukumele kusenesikhathi ukunqanda ukudloba komonakalo.
Uqala nini ukufuna usizo?
Abanye abazali bavame ukungazinaki lezi zimpawu, bezitshela ukuthi azisho lutho olutheni - lokho okungaba yingozi uma sekuthokalala ukuthi kunenkinga engakanani, yingakho kumqoka ukuthi uma kukhona okuqaphelayo ongakuqondi emntwaneni wakho, ungalindi emathonsi abanzi, kepha uphuthume ukuyofuna usizo lwezempilo ukuze usizakale ngokushesha.
Okunye okumele ukwazi wukuthi alikakabi khona ikhambi lokuqeda nya nge-Multiple Sclerosis, kodwa ukusheshe wazi ngayo ima ikuphethe nokusebenzisa imikhiqizo yokuyidambisa nokuyilawula kugasiza ukugwema umonakalo wobungozi bayo.