ONGOTI bezempilo baxwayisa ngesifo esithothobalisa imisipha yomzimba
Image: SIGCINIWE
UKUHAMBA kweminyaka kuvame ukuza nezinguquko eziningi emzimbeni womuntu, ezinye zazo ezidalwa wukuba ntekenteke kwamalunga omzimba okwenza kube lula ukuthi kuzwele uma kukhona okukukucathamelayo, futhi kuba lula nokungenwa yizifo ezahlukene egazini.
Okunye kwalokho okuvame ukuhlupha abantu uma bekhula, yisifo esibizwa ngokuthi yi-sarcopenia, isimo esidala ukuthi umuntu aphelelwe ngamandla emisipheni yakhe, okwenza ukuthi ibe ntekenteke, okuvela ukuthi ishaya izwele kwizigidi zabantu emhlabeni.
Isikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, sesidalule ukuthi lesi sifo sivame ukuqala ukuzikholisa ebantwini uma sebeneminyaka ewu-30 kuya phezulu, kanti sivame ukuba namandla kwabaneminyaka ewu-60 kuya phezulu, bese senza ukuthi bangakwazi ukuphila kahle, futhi siholela nasekutheni igazi namalungu omzimba kwabo kube ntekenteke.
I-Affinity Health idalule nokuthi i-sarcopenia ingenza nokuthi kube lula ukungenwa ngezinye izifo eziningi eziyimbelesela uma singanqandwa futhi singagwenywa ngokushesha, kodwa yakhulula ngokuthi ukusheshe sisukunyelwe kungasiza ukunqanda ukubhebhetheka komonakalo.
Nazi ezinye zezindlela ongazisebenzisa ukulwa ne-sarcopenia:
Amathiphu okuthi ungagqilazeki uma usaqala lolu hambo:
- Ungazigqilazi: Uma usemusha futhi usaqala ukuzivocavoca, qala kancane, kancane - wenze ngendlela yokuthi kungakugqilazi kakhulu okwenzayo kuze kube wukuthi usujwayele. Ungaqala ngokuthi wenze futhi uhlele ukuzivocavoca kwakho ukuthi ukwenze kabili noma kathathu ngosuku kuze kube wukuthi umzimba usujwayele ukuthi ungakwenza nsuku zonke.
- Kuningi okulula ongaqala ngakho: Izindlela ezilula zokuzivocavoca ezinjengokuhamba nje, welule izinyawo, wukugijima ngebhayisikili noma ukubhukuda kungasiza kakhulu ukukugcina unempiilo, futhi kwenze imisipha yakho ibuyelwe ngamamdla.
- Ukudla okunempilo kuwukhiye: Ukugwema ukudla okunamafutha, bese uqinisa ekudleni okunomsoco nakho kungakusiza ukukugcina unamandla. Qinisa okudleni okunempilo okungaba ngamaveji, izithelo, inyama engenawo amafutha, amaqanda abhoyiliwe, wufishi, amakinati nokunye okunempilo. Lokhu kuhambisanise nokuthi uphuze amanzi ngokwanele.
Okumqoka okumele ukwazi futhi ukuqaphele ngalokhu wukuthi kumele uma ubuthaka emzimbeni noma welulama ekulimaleni okuthile, qala ngokuxhumana nabezempilo ngaphambi kokuthi uqale ukuzivocavoca; kube yibona abakwelulelayo ukuthi ukwenze kanjani.
Related Topics: