Kukhuthazwa ukudla okunempilo 'nokuziba' izidakamizwa kwabeComrades

Simangaliso Ntshangase|Published

SIGCINIWE ZIZOBE zidudulana kanje kusukwa eMgungundlovu kubhekwe eThekwini

Image: SIGCIWE

NJENGOBA sekusele isonto elilodwa kuphela ngaphambi kokuthi kube nomqhudelwano omkhulu waminyaka yonke ohlanganisa abagijimi bakuleli zwe nabakwamanye amazwe, iComrades Marathon - kufuze ukuba manje asekuvuthondaba amalungiselelo awo kusuka kubahleli bawo kuya kuwo wonke umuntu ozobamba iqhaza kuwona ikakhulu abazobe begijima kuwona nonyaka, okuyibona abanenselelo enkulu yokulungiselela umjaho.

Ngaphandle kobumqoka bokuzilungiselela ngokwanele ukuqinisekisa ukuthi kufika lesi sikhathi konke sekumi ngomumo emqondweni, emoyeni nasemzimbeni - enye yezinto okuzodingeka ukuthi bayiqikelele kakhulu wukuthi bafakani emlonyeni, ngoba lokho nalokho kudla abakudlayo kuba nomthelela endleleni abazokwenza ngayo emjahweni.

UNksz Nontuthuko Mashimane, oyi-Ethnomedicine Practitioner enamava kulo msebenzi obhekele ukucebisa abantu ngezinhlobo zokudla okubafanele nokunempilo, uthe lesi sigaba osekukusona manje lapho sekusele isonto elilodwa kuphela ngaphambi komqhudelwano ngesibizwa ngokuthi yi-eat and clean, okusho ukuthi yilapho okudingeka khona ukuthi abazobe beyingxenye yomjaho baqinise ekudleni okunempilo kuphela ukusiza ukulungela umjaho ngokwanele.

UNKSZ Nontuthuko Mashimane nezeluleko kwabazobe bencintisana kwiComrades Marathon nonyaka

Image: SITHUNYELWE

"Ukudla okudingeka kakhulu egazini nasemzimbeni womuntu ozobe egijima kulo mjaho wukudla okunempilo okungaba yimifino, iklabishi elingathosiwe, neminye imifino ehlukene bese futhi uqinisa nasezithelweni ukuze umzimba ungashodi ngalutho, futhi ube nawo wonke amandla adingekayo kuwona. Kanti ekwenzeni lokho, kudingeka ukuthi umuntu agweme futhi aqikelele ukungasondeli nhlobo ekudleni okunoshukela ngoba kuba nomthelela omubi egazini futhi kungaholela ekutheni kubhimbe uhlelo ngosuku olukhulu," kucebisa yena.

Iqiniso elingenakuphikwa wukuthi kubagijimi abazobe beqhudelana kulo mqhudelwano kukhona ababhema ugwayi ngokwehlukana kwezinhlobo zawo, bese futhi kuba khona nabafika ezinkanjini zikaFaro, izinto okwaziwayo ukuthi ziba nomthelela omubi emzimbeni womuntu ikakhulu kulabo abakwenza ngokweqile.

INTAKA izobe ibekelwe amazolo uma sezigadulisana emqhudelwaneni womgijimo waminyaka yonke iComrades Marathon

Image: SIGCINIWE

UNksz Mashimane uthe ngalokho: "Nabo kumele baqikelele ukuthi ngalesi sikhathi abazisebenzisi lezo zinto abazisebenzisayo ngoba zizobaphazamisa emalungiselelweni abo futi zingenza nokuthi kungabi nomphumela omuhle ngenxa yokuthi okunye kwakho kuyaphazamisana nokudla nemikhiqizo eyahlukene okunempilo egazini lomuntu."

Ucebise nangokuthi uma sekusele izinsuku ezimbili noma olulodwa ngaphambi komqhudelwano kumele abagijimi benze akubize nge-carboloading, okusho ukuthi baqinisa kakhulu ekudleni okunikana nokubuyisa amandla okungaba wuphuthu, irayisi, isinkwa, ummbila, amadumbe, ubhatata nezinye izinhlobo zokudla okufuze lokho.

"Nokuthi akumele ukuthi ngoba nakhu usulungiselela lo mqhudelwano, bese uqala umkhuba omusha wokudla ukudla ongajwayele ukukudla ngoba lokho kungenza ube nenkinga esiswini okungaba wukuthi uqunjelwe noma ukhishwe yisisu okunganyomfa zonke izinhlelo zakho zangaleli langa. Elinye futhi iphutha elivame ukwenziwa ngabagijimi ngosuku lomjaho wukuzilambisa ngokuthi bashaye indiva amatafula okudla neziphuzo okusuke kubekwe endleleni ukwenzela ukuthi uhambo lungazweli. Abanye banaka kakhulu uhambo lwabo, baze balibale wukuqaphela izinto ezikanjalo ezingabasiza endleleni," kusho uNksz Mashimane.

I-Comrades Marathon yaqala ngo-1921, kanti nonyaka izobe isuka eMgungundlovu iza eThekwini. Nyakenye yanqotshwa wuPiet Wiersma kwabesilisa noGerda Steyn kwabesifazane, kanti kulo nyaka kulindeleke ukuthi kuncintisane abagijimi abangaphezu kuka-22 000.