Kuyihaba ukuthi ubuhlungu bamajoyinti yisifo esihlasela abakhulile

Simangaliso Ntshangase|Published

UBUHLUNGU obungajwayelekile nokungabekezeleki emajoyintini omzimba womuntu, yisimo esivamayo ngalesi sikhathi sasebusika, okungenza abanye abantu okubaphathayo bangakunaki futhi bangakusukumeli ngoba bezitshela ukuthi yinto yesikhashana nje eyedlulayo.

Image: SIGCINIWE

UBUHLUNGU obungajwayelekile nokungabekezeleki emajoyintini omzimba womuntu, yisimo esivamayo ngalesi sikhathi sasebusika, okungenza abanye abantu okubaphathayo bangakunaki futhi bangakusukumeli ngoba bezitshela ukuthi yinto yesikhashana nje eyedlulayo.

Lokho kushiwo ngabesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, abaxwayisa ngalesi simo abathi ukuvama kwaso ikakhulu manje njengoba sekungena ubusika, kusuke kungesikho nje ukuqondana kwezinto kepha kusuke kunezizathu ezeyamene nezempilo ezenza kube njalo.

Bathe ukushintsha komoya okudalwa ngamakhaza ashubisa umnkantsha ngalesi sikhathi nendlela umzimba womuntu owenza ngayo ukuzwela kulesi simo, kungenza ukuthi ubuhlungu bamajoyinti bube kubi kakhulu kunokweywalekile, yingakho kusemqoka ukuthi abantu babe nolwazi lwezizathu ezenza lesi simo ngaleso sikhathi.

Kungani amajoyinti omzimba eba buhlungu kakhulu ngalesi sikhathi?

Lokho kungenxa yokubanda okuba khona ngalesi sikhathi sasebusika okwenza ukuthi izihlakala nemisipha zomzimba kuqine kakhulu bese kwenza kuthi amajoyinti asongelane futhi angakwazi ukunyakaza ngendlela efanele nejwayelejile.

Okunye futhi okuba yinkinga enkulu wukuthi abantu bavame ukungabi namdlandla ebusika, okwenza ukuthi bahlale ndawonye ngoba begwema ukungenwa ngamakhaza okugcina kwenza ukuthi amajoyinti angakhululeki ngoba umuntu usuke ehleli ndawonye. Nanokuthi ukubanda kwehlisa ukugijima kwegazi emzimbeni ikakhulu emalungeni omzimba okungaba isemadolweni, ama-hip, ezinyaweni nasezandleni. Lokho kwenza ukuthi kube buhlungu emajoyintini ikakhulu ekuseni noma uvuka ebuthongweni.

Nakuba lobu buhlungu emajoyintini bungaphatha noma wubani, kepha abantu abanalezi zifo ezilandelayo yibona abalengela engozini kakhulu:

- Osteorthritis: Yisifo esenza umuntu abe nenkinga yamajoyinti omzimba ikakhulu kubantu asebekhulile okudalwa wukunqamuka kwelinye lamathambo ahlanganisa amajoyinti.

- Rheumatoid Arthritis: Yisifo lapho umzimba uhlasela amajoyinti akho.

- Gout: Yisifo esivame ukwenzeka emathanjeni amancane omzimba njengasezinyaweni nasezandleni okwenza ukuthi kugobe noma kuguquke indlela obekumi ngayo.

- Old Injuries: Lana yilapho umthelela wesimo sokulimala okwake kwakwehlela kudala ukuthi kube buhlungu kakhulu emajoyintini akho ebusika.

Lesi simo akusona esabantu asebekhulile kuphela:

Abantu abaningi bacabanga ukuthi ubuhlungu bamajoyinti kwenza abantu asebekhulile kuphela, kanti akunjalo. Abantu abasebasha nabo bayabhekana  nale nkinga ngenxa yezizathu ezahlukene ezidala lokho. 

Izimo ezivamile ezidala lokhu: 

- Ubuhlungu bamajoyinti akwenziwa wukuthi kusebusika kuphela, kepha kuncike nakwindlela umuntu aphila ngayo. 

- Nokungaphuzi amanzi ngokwanele kwenza ukuthi amajoyinti angakhululeki ngendlela efanele, okwenza umzimba ungakhululeki. 

-Ukudla okungenampilo kuyenza

Ongakwenza ukugwema ubuhlungu bamajoyinti

- Zijwayeze ukunyakazisa umzimba: Lokho ungakwenza ngokuthi uhambe nje welule izinyawo, ubhukude noma wenze i-yoga ukusiza ukuthi amajoyinto akho akhululeke.

- Hlala ufudumele ebusika: Gqoka izimpahla ezifudumele ngalesi sikhathi, wembathe uma usendlini, ugeze ngamanzi ashisayo noma afudumele.

- Ukudla okunempilo: Zijwayeze ukugxila ekudleni okunempilo ukusiza ukunciphisa umthwalo nokugqilazeka okungenasidingo okungagwemeka emzimbeni wakho, bese uphuza amanzi ngokwanele ukuba nempilo nokunika umzimba wakho amandla owadingayo.