Kuyingozi efanayo ukuhogela intuthu kagwayi noma ubhema ngqo ugwayi ngisho noma ungawubhemi
Image: REUTERS/Adnan Abidi
UKUBHEMA kungakhathalekile ukuthi nhloboni kagwayi ngenye yezinto eziyingozi empilweni yomuntu.
Ubungozi abupheleli kumuntu obhemayo kuphela njengoba isikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, sesiveze nokuthi nosuke eseduze komuntu obhemayo ngaleso sikhathi, angaba sengozini uma ehogela leyo ntuthu kagwayi phecelezi i-second hand smoke.
Iyini i-second hand smoke?
I-second hand smoke, ebuye yaziwe ngokuthi yi-passive smoke, yilapho intuthu ephuma kugwayi olayithwe ngowubhemayo ithikameza oseduze ngaleso sikhathi, noma leyo ntuthu ephafuzwa ngobhemayo ifinyelela koseduzane kwakhe, okungaba yingozi kuyena. Inkinga enkulu ngalokhu wukuthi le ntuthu inamakhemikhali awu-7 000, kanti okungenani awu-69 kulawo makhemikhali, aziwa ngokudala umdlavuza.
Ngakho abantu abangabhemi kodwa abahogela le ntuthu basengozini yokungenwa yizifo eziningi ezihaqa ababhemayo kubalwa umdlavuza wamaphaphu, isifo senhliziyo, isifo sohlangothi nenkinga yokunqanyukelwa wumoya - ungakwazi ukuphefumula ngendlela efanele.
Buyini ubungozi obukhulu be-second hand smoke?
Inhlangano yezempilo emhlabeni i-World Health Organization neCenter for Disease Control and Prevention, basanda kucwaninga kabanzi ngale nkinga, kanti ocwaningweni lwabo bathola ukuthi akekho umuntu ophephile kunomunye phakathi kwababhemayo nabangabhemi, inqobo nje uma beseduze nentuthu noma behogela futhi bephafuza intuthu kagwayi.
Maningi amathuba okuphathwa wudlavuza wamaphaphu
Abantu abangabhemi kodwa abahogela intuthu kagwayi kunamathuba angu-20% kuya ku-30% okungenwa wumdlavuza wamaphaphu. Lokho kwenziwa yizinhlayiya eziyingozi ezifike zishaye izakhi zamaphaphu, okudala inkinga uma sezonakele ngokweqile.
Amathuba okuphathwa yisifo senhliziyo nesohlangothi:
Ukuba seduze nabantu ababhema ugwayi, uhogele leyo ntuthu ephuma lapho - kwenyusa amathuba okuphathwa yisifo senhliziyo, kuthikamezeka imithambo yegazi okwenza ukuthi kukhuphuke umfutho wegazi ngokweqile kunokujwayelekile. Alinganiselwa ku-25% kuya ku-30% amathuba okuphathwa yisifo senhliziyo, no-20% kuya ku-30% wamathuba okuphathwa yisifo sohlangothi.
Inkinga yokunqanyukelwa wumoya
Le ntuthu iyingozi kakhulu emaphashini omuntu, kangangokuthi kulabo abangabhemi ingenza ukuthi babe nenkinga yokunqanyukelwa wumoya, ukukhwehlela okunganqamuki, wukucinana nenyumoniya.
Ubungozi balokhu kwabesifazane abakhulelwe nasezinganeni ezincane
Abantu besifazane abakhulelwe abangahogela le ntuthu baba sengozini yokuphuphunyelwa yizisu, wukubeletha isikhathi singakafiki nokuthi babelethe ingane enesisindo esincane noma ekhubazekile kube kungafanele. Kanjalo izingane ezincane nazo zisengozini yokushona zingagulanga, wukuphathwa yisifuba nokungezwa kahle ezindlebeni.
Umbuzo omkhulu ngothi uzivikela kanjani nothandiweyo wakho kule nkinga?
3. Gwema ukuba sezindaweni okubhenyelwa kuzona: Uma usendaweni okugcwele abantu kuyona noma usendaweni lapho bebaningi abantu ababhemayo, zama ukuqhela kuyona, noma ucele ababhemayo baqhele eduze kwakho ukuze uvikeleke
4. Yeseka othandiweyo wakho: Uma kunomuntu osondelene naye obhemayo, ukumsiza ukuyeka ugwayi kungamsiza abe nempilo ehlanzekile. Kona akulula, kodwa kuyenzeka. Mnikeze usizo aludingayo, noma umazise ngezindlela noma izinhlaka angavakashela kuzona ukuze asizakale.
5. Fundisa izingane ngobungozi bale nkinga: Siza izingane ziqonde kabanzi ngalokho ngokuthi ube nesineke sokuzichazela ngayo, futhi uzicebise ngokumele zikugweme ukuze zingabi nenkinga.
Related Topics: