File picture. UMDLAVUZA wegazi ngesinye sezifo esibhilintile nesesihaqe abantu abaningi baseMzansi
Image: SIGCINIWE
ISIFO umdlavuza ngokwehlukana kwezinhlobo zawo, kubalwa nowegazi ngesinye sezifo ezilokhu ziqhubeka nokubhuqabhuqa abantu ezibahaqayo emhlabeni jikelele ikakhulu uma kusuke kutholakale sezidlobe kakhulu egazini zalowo esisuke simphethe ngaleso sikhathi.
NgoMeyi 28 bekugujwa iWorld Blood Cancer Day, okungusuku lokuqwashisa ngalesi sifo nobungozi baso ebantwini emhlabeni wonke jikelele, inhlangano yezempilo engenzinzuzo ebhekele ukusiza ukunqanda ukudloba kwalesi sifo, iDKMS, isidalule ukuthi enye yezinto ezenza kube nzima ukwelapha abantu esibaphethe wukuthi ukwelashwa kwaso akuncikile ekutheni umuntu athole usizo lochwepheshe bezempilo abaselaphayo kuphela.
Lokho kushiwo wumphathi wophiko lwezokuxhumana kwiDKMS, uNksz Palesa Mokomele uthe njengoba ingxenye yabantu bakuleli zwe iphila kanzima futhi ihaqwe wububha nenhlupheko, kusazoba nzima ukuthi labo bantu abahaqwa yilo mdlavuza belapheke kalula.
"Abantu abaningi bacabanga ukuthi into enzima ngokwelapha lesi sifo wukuhlinza lowo esisuke simphethe, kanti akunjalo njengoba ucwaningo lwethu lusikhombise ukuthi okunye okwenza isimo singalungiseki wukuthi iziguli eziningi eziba sengozini ngezihaqwe wububha ngoba kuthi noma kuzanywa ukuthi zelapheke kodwa isimo sempilo eziyiphilayo senze ukuthi kube wumqansa ukuzelapha. Lokho kwenzeka ngokuthi uma umuntu esehlinziwe ukuzama ukumelapha lesi sifo, abe buthakathaka kakhulu egazini nasemzimbini futhi ezobe ephila impilo engacolekile, kuba lula ukungelapheki," kusho uNksz Mokomele.
Okunye kwalokho okuyinkinga ngesimo sendlela abantu abaphila ngayo wukuthi okungenani u-10% wemizi yakuleli zwe isebenzisa ompompi abasetshenziswa yiwo wonke umuntu, bese kuthi u-2.3% uthembele emanzini owathola komakhelwane - okwenza kube lula ukungenwa ngamagciwane. Nokuthi u-25% wezakhamuzi usebenzisa amathoyilethi omphakathi, kuthi kwabanye indaba yamanzi ashisayo yinto engaziwa nhlobo, nokuthi uhhafu wabantu bakuleli zwe awuzihluphi ngokugeza izandla ngokuvamile ukuzivikela emagciwaneni nokusiza ukuthi bengangenwa kalula yizifo ezahlukene.
"Lezi zimo aziphazamisi nje ukwelapheka kwabantu ezifweni ezithile kepha ziyingozi kakhulu ngoba zingenza kube lula ukuthi umuntu obuthakathaka afe. Okunye okuseyinkinga futhi wukuthi iziguli zithi ziphuma ukuyokwelashwa zibuthakathaka zinjalo ziphoqeke ukusebenzisa izithuthi zomphakathi ezigcwala ngokweqile, okubeka impilo yazo engcupheni ngoba kulezo zithuthi kusuke kukhona abantu abanezinye izifo ezithathelanayo," usho kanje.
Uthe lokhu kunganqandwa ngokuthi kuhlangane izinhlaka ezahlukene zohulumeni nezinhlangano zezempilo kushunyayelwe wezokuphepha nenhlanzeko ebantiwni.
"Nokuthi enye into engasiza ukuthi wukuthi kube nezibonelelo zabantu abakhubazekile nabalashelwa lesi sifo esizobhekana nezinselelo ezinqinda ukwelapheka kwabo.
Ukulapheka akukho ngokunikezelwa ngemithi kuphela, kepha kudinga ukuthi kufakwe imali ukuze kwenzeke konke okudingekayo. Akumele sicabange ukuthi ukuqinisa izinhlelo zokuhlinza asebehaqeke kakhulu kuwukuphela kwendlela engasiza, kuninhi esinhakwenza," kucebisa uNksz Mokomele.