NJENGOABA kwehla izinga lokushisa ngenxa yokuthwaswa kobusika abantu abaphila nesifo sikashukela bajwayele ukuba nenknga yokuphazamiseka kwendlela abaphila nabalawula ngayo esifo egazini labo.
Image: Unsplash
NJENGOABA kwehla izinga lokushisa ngenxa yokuthwaswa kobusika abantu abaphila nesifo sikashukela bajwayele ukuba nenknga yokuphazamiseka kwendlela abaphila nabalawula ngayo esifo egazini labo.
Lokho kungenxa yokuthi ukubanda, wukuba buthakathaka okudalwa wumoya walesi sikhathi, wukuhlalela ukudla okungadingeki kangako emzimbeni nokushintsha kwesimo somuntu ngamunye, ngamunye ngalesi sikhathi konke kwenza ukuthi lesi sifo kube nzima ukusilawula.
Ulwazi olwashicilela yi-Internagtional Diabetes Federation lwaveza ukuthi bangaphezu kwa-4.5 million abantu bakuleli zwe abaphethwe yisifo sikashukela, iningi labo elingazi ukuthi isikhathi sobusika sidinga ukuthi benze okungaphezu kokujwayelekile ukuzigcina bephilie saka, kungakhathalekile ukuthi baphethwe hlobo luni lwalesi sifo sikashukela.
UType 1 no-Type 2 wesifo sikashukela
- Type 1: Yisifo sikashukela esenzeka nesiphatha umuntu ngokuthi umzimba wakhe uyeke ukukhiqiza i-hormone ebizwa nge-insulin, okuvame ukwenzeka uma esemncane noma esengena esigabeni sokuba mdala. Abantu abanalesi siso sikashukela badinga ukusebenzisa imijovo ukuze basilawule.
- Type 2: Lesi sifo sikashukela sona sizikholisa kumuntu sakumnyonyobela kancane, kancane - kanti uthi sincike endleleni adla ngayo, isilinganiso somzimba wakhe nendlela aphila ngayo. Kulokhu umzimba uyaqhubeka wenze i-insulin, kodwa ungayisebenzisi ngendella efanele.
Kungani ubusika buphazamisa indlela yokulawula isifo sikashukela egazini?
- Umoya obandayo odlanga ngalesi sikhathi ungenza ukuthi kukhiqizeke ama-hormone eyamene nokugqilazeka komqondo nomzimba anjenge-cortisol, okwenza ukuthi kukhuphuke umfutho wegazi komuntu. Khona lapho futhi, enye into eba yinkinga ngalesi sikhathi wukuthi abantu baba nobuvila, bangakhuthali ukunyakazisa umzimba wabo futhi badla kakhulu ukudla okungadingeki emzimbeni, okwenza ukuthi ushukela ungalwuleki egazini.
Ukubanda kuwuphazamisa kanjani ushukela egazini?
- Ukusebenza komzimba ngenxa yokubanda kungenza ukuthi kukhuphuke umfutho wegazi noshukela egazini. Uma kubanda kakhulu, umzimba womuntu usebenza ngokweqile ukuzama ukuzigcina ufudumele, okwenze kwenyuke ukukhiqizeka kwama-hormone omzimba, kwenze kube nzima ukuthi i-insulin isebenze ngendlela efanele, bese uqala lapho-ke umonakalo.
Phoqa ukuzinakekela ngisho kubanda:
- Ukubanda ngokweqile nobumnyama okumbisana nobusika kwenza kube nzima ukuba nomdlandla ebantwini, kodwa yize kunjalo kusemqoka ukuqhubeka wenze izinto nezindlela zokugcina isilinganiso soshukela singesifanele egazini. Ukuhlala kakhulu ungenzi lutho kungenza kuphazamiseke i-insulin, futhi kwenze nokuthi isilinganiso soshukela egazini sibe phezulu ngokweqile. Yingakho kubalulekile ukuthi ngisho ngabe uzigqume endlini, wenze okuncane kokuzinakekela okungaba wukuhamba nje endlini noma egcekeni, nokusebenzisa amabhodlela amanzi ukuzivocavoca ngawo njengoba kwenza abaqukula izinsimbi ezindaweni zokuzivocavoca.
Gwema ukugula ebusika:
- Ukugula ngalesi sikhathi noma ukuphathwa nje wumkhuhlane kungaba nomthelela omubi emzimbeni wakho ngoba kungenza ukuthi umzimba wakho ukhuphule izinga likashukela egazini. Nanokuthi ukugula nokungaphatheki kahle kuyenza ukuthi abanye bengabi nomdlandla wokudla, futhi kwenze nokuthi bengathandi ukuphuza amanzi, okudala izinkinga ezeyamene nesifo sikashukela. Ukugwema konke lokho, ikakhulu ebantiwni abaphethwe yisifo sikashukela wukuthi uqikelel inhlanzeko, ugeze izandla zakho ngokuvamile bese ugwema ukusondela eduze kwabantu noma abantu abanokugula okwehlukene.
Qaphela lezi zimpawu kusenesikhathi ukuze ugweme ingozi:
- Ukuhlale womele amanzi.
- Ukuphiswa wukuchama kaningi kunokwejwayelekile.
- Wukukholwa yizinto kalula nokudidwa yinto elula nesobala.
- Wukungabi namdlandla nokuhlale ukhathele.
Lezo ngezinye zezimpawu ezingaba yizinkomba zokuthi usenkingeni okudngeka ukuthi uyiliungise ngokushesha. Ukuthi kusebusuka akusho ukuthi kumele uyeke indlela obhekana nesifo sikashukela ngayo, kodwa kubiza ukuthi uqhubeke uzinakekle zikhathi zonke.