Imibono

UMkhwanazi ufanelwe ukwethweswa ungiyane ngokuhlokoloza izikhohlakali

Thulani Mbatha|Published

Umkhuzi wamaphoyisa eKZN Lieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

Image: Shelley Kjonstad/Independent Newspapers

MHLELI: Umfo kaNdonga, inkomo yomqholiso useyathe waqeda ingcabhayi yasalela kwabahlinzayo, ukucophelela ukungasisiki isikhumba nokuba kungabibikho nyama esalayo esikhumbeni.

Abantu baseNingizimu Afrika bayinkinga ngoba wonke la manyundululu adalulwa umfo kaMkhwanazi (Lieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi) namanye abahlezi phezu kwayo okwenkukhu ifukamele amaqanda bayawazi, ngisho nomengameli kuhlanganisa nongqongqoshe beKhabhinethi yakhe imbala. Thina esikulindele kunye vo, ukubona uRamaphosa egcwalisela ivangeli lakhe ahlale esishumayeza lona elibizwa, phecelezi nge-Renewal in Action (Isinyathelo sokuzalwa kabusha). 

OwakwaMkhwanazi ngimfanisa nesikhonzi senkantolo umsebenzi waso okusuke kuwukuthumela imiqingo yamaphepha kwabasuke kumele bavuke bazithathe ngokusuke kumele bakuthathele izinyathelo. Bayakhohlwa ukuthi akhuluma ngakho uDonga ngikufanisa ngomvusi wenyamazane okuthi ingavuka ijahwe ngamaphisi.

Khona ngempela, isilima esinjani esingazi ukuthi inkohlakalo ezweni lethu bayidla ngemfologo nommese? Siyakuzwa akhala ngakho umvusi wenyamazane ukuthi sekusukumise phansi nenhloko yeNkantolo yoMthethosisekelo efuna achaze uMkhwanazi. Kungani lokhu akufunayo engasabalalisi inethi yokudoba le nhlanzi esekulukhuni ukuyidoba kuzona zonke izakhamuzi ezibona ngaso linye njeNdonga, ukuba ziphumele obala?

Umbuzo usekutheni, uphila kuliphi izwe okumenza engazi ngenkohlakalo egubuzele iNingizimu Afrika yonkana esifana nesilonda sikazozo esesibolise kusukela ezinyaweni kuyoshaya ekhanda imbala? Isibonelo; kwenziwa yini isigemegeme sasepulazinj iPhala Phala basifaka ngaphansi kukakhaphethi, bathi akukho cala elenziwa ngumengameli ekubeni esambeni semali kwabe kunesizemazema semali yakwelinye izwe okwasishiya nemibuzo engenazimpendulo? Kusekutheni ukubanini kwakubandanyeka umuntukazane kulolu daba, babeyokwenza okufanayo yini?

Angisiboni isidingo sokuthi uMkhwanazi uzofike abekele ibandla ugqoko olunenhloko nomkhono, kuphinde kuthiwe akaliqobele, avenge nomkhono wokosa. Mina ukuba inkomo bekungeyami ngingathi aluphindiswe emuva kwagqoko lolo. Asebekwenza manje ngikufanisa njengendlela yokumfaka itwetwe kwazise ukuthi uhlokoloze isidleke seziqandi. Ingani phela kuyaziwa ukuthi iningi labanezikhundla eziphezulu kuhulumeni lingene ngomkhono nangesiphanga enkohlakalweni.

Bangaphika kanjani ngoba nomfo kaNcengwa (Sibusiso) othinteka ekusocongweni kowabe eyikhansela eMzimkhulu, uMagaqa, edalule ukuthinteka kwababe benezikhundla eziphezulu kwipolitiki yeqembu lakhe. Abayeke ukusabisa uNdonga, bona kumele bayindlale ivuleke inethi kulabo abanobufakazi obuphathekayo kule nkohlakalo esifana nosikompilo kwasukela izwe liphethwe ngababohlanga olumpisholo.

Okuxakayo ukuthi nomengameli wezwe kumthatha isikhathi ukubona isimo ngendlela esimanzonzo ngaso engisifanisa nomfula uThukela lungenisa, lumukisa yonke imfucuza - wena zinkomo nanabantu imbala. Siyambonga owakwaMkhwanazi ngokuba nesibindi sokuthinta abangathintwa. Ngimfanisa namaqhawe akithi ayexoshiswa ngomhlambi wezinkomo ngokuhlabana ezimpini ekuvikelweni kombuso kwelikaMthaniya.

Ubhale umlando okuyomele abashicileli bawo bawugcine ufundwe ngisho yisizukulwane esisazokuzalwa. Ngiyethemba bayaziqhenya abasezizukulwaneni seNkosi uMtubatuba. Ndonga! Ukhule uze ukhokhobe, ufanelwe ukuthwala ungiyane owawunikwa amaqhawe.

Sipho Robert Mpungose

ESHOWE