Imibono

Abaholi be-ANC badinga ukuzalwa kabusha

Published

UMEYI 10 waba usuku olwabuyisa ithemba lempilo engcono ezinkumbini zabantu abamnyama ngesikhathi kubekwa ngokusemthethweni uDkt Nelson Rolihlahla Mandela, njengomengameli waseNingizimu Afrika. 

Image: sigciniwe

UMEYI 10 waba usuku olwabuyisa ithemba lempilo engcono ezinkumbini zabantu abamnyama ngesikhathi kubekwa ngokusemthethweni uDkt Nelson Rolihlahla Mandela, njengomengameli waseNingizimu Afrika. 

Okwabuyisa ithemba wukuthi umengameli uMandela owadonsa iminyaka engu-27 ejele wayebekwe ngentando yabantu abasebekhathele ukuholwa iNationalist Party eyokucwasa ngokubuhlanga. 

Ngendlela okwakuhle ngayo ngosuku abekwa ngalo uMandela awuzange ubekhona umcabango wokuthi inhlangano yakhe i-African National Congress (ANC) kuyoshaya lesi sikhathi esevile eminyakeni engu-30 sekunokunoqhekeko oluphuthisela amalungu omphakathi ngamathuba emisebenzi.

Kuyimanje awazi ukuthi izokwazi yini ukubuyisa isithunzi sayo nodumo olwenza yavotelwa izinkumbi zabantu ngo-1994. 

Osekubalulekile manje wukuthi i-ANC izinuke amakhwapha izibuze ukuthi yingani amalungu ayo ancamele ukujoyina iDA noma iMK. 

Siyazi ukuthi alikho isoka elingenasici. Yize amanzi esengene endlini okumqoka manje wukuthi uKhongolose udonse ngelinye igiya uma uzimisele ngokudla ukhetho lohulumeni basekhaya ngonyaka ozayo nolukazwelonke ngo-2029.

Yinde indlela ehanjiwe kusukela uMandela abekwa njengomengamelI. Amaphutha abekhona ngakho-ke sekufanele kwembulwe ikhasi elisha elizoba nabaholi abazobeka abantu phambili. Hhayi abazolindisa abantu umlibe kolindela bemijondolo kathayela neyamapulangwe ethe chithi saka ezindaweno okuhlala kuzo abantu abamnyama.

Ngisho ungaya kuphi abantu abamnyama abanazo izindawo zokuhlala. Sebencamela ukudla izindawo ngodli. Kulezo zindawo abahlala kuzo azinazo ingqalasizinda.

Makuqiniswe ezokuphepha ezindaweni esihlala kuzo. Kuphinde nasezikoleni ziqiniswe. Kubuhlungu ukuzwa indaba yokubulawa kothisha nokuhlaliswa lubhojozi  yizingane ezingababhoklolo. Ukujika kwezinto ezweni lethu kuncike ekutheni abaholi bazalwe kabusha babeke izimpilo zabantu phambili.