Imibono

Sibongela amaSandawana ngokunqoba ama-Red Devils

Published

BRASSE: Trent Alexander Arnold and Virgil van Dijk Abadlali be Liverpool bejabulela umphumela womdlalo wabo

Image: EPA

MHLELI: Asiyibongele iMamelodi Sundowns ngokufinyelela kowamanqamu weCaf Champions League emva kokuguqisa i-Al Ahly yeseGibhithe.

Amathe abuyela kwasifuba kubalandeli bamaRed Devils ababegcwele inkundla ivale ngendoda emnyango ngenkathi unompempe eshaya indweba yokuqeda umdlalo. Kudume ihlombe, kwaduma izandla, kwaduma inkundla ngenkathi aMatsatsantsa aPitori eshaya igoli sekuvalwe amehlo, okuyilona goli elabaweza ngelibanzi.

Abanye ontabakayikhonjwa base besibelesele ngokuthi umkhonto ugwaze ekhaya, okungenzi mehluko ngoba yilona goli elanqumela ogodweni amaRed Devils. Okunye engakuphawula ukuthi akudliwanga i-Al Ahly kuphela kodwa namaphanta akhala esikaNandi ngenxa yokuthi ayengayinike thuba iDowns.

Hheyi ngoba liyaginqika ibhola, uhamba uye enkundleni ushukela neBP yakho kusesimeni esihle, uyothi uphela umdlalo usubangwa nezibi. Yize ngingalikhonzile ibhola kodwa okwaba kubi ukuthi sithole ukuthi iphelile nePirates yabantu emva kokuguqiswa yiPyramids kuma-semi-final endebe ye-Caf. Sethembe ukuthi abafana bazobuya nayo indebe futhi siyethemba ukuthi siyokubeka eceleni ukuthi siwuSuthu, Mpofana, Bhakabhaka kodwa siyobe seseka amaSandawana kowamanqamu.

Z.Ntombela

E-DURBAN NORTH